Now Reading
Ichilo eliqala ukuba yijwayezi kuKhongolose KwaZulu-Natal
Dark Light

Ichilo eliqala ukuba yijwayezi kuKhongolose KwaZulu-Natal

Akungethusi nakancane okwenziwa uKhongolose KwaZulu-Natal ekutheni bathathe uKaMajola bamfake eSishayamthetho sesifundazwe. Into nje eyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi ilungu likaHulumeni obusayo elisoleka enkohlakalweni lehliswe esikhundleni esithile bese likhushulelwa isinyenyela kwesinye isikhundla esisha. Lesi senzo sichaza ukuthi noma ngabe izinsolo ezibhekiswe kuye zigcina esigcawini senkantolo kepha lingawa licoshwe zinkukhu ngeke aphelele endlini yeziboshwa.  

Phela uKhongolose ubengeke amfake eSishayamthetho ukube ubefisa ukuthi ashushiswe obekungaholela ekutheni afakwe amasongo kaSigonyela. Kunokukhuluma okuvela kulabo abazwelana naye bathi umuntu akakwazi ukubekwa amacala kuze kube ukuthi liyathethwa maqede limlahle esigcawini senkantolo. Ngithi mina nakuba kunjalo, kepha kawekho amahemuhemu enkohlakalo abengagcina ephume kwabezindaba ukube bekungamahemuhemu nje angenasisekelo. Uma esukelwa kungani iqembu lakhe lingapholisanga maseko ekumehliseni esikhundleni sobumeya? Yena qobo okaMajola uma kuwukuthi abezindaba bayamsukela kungani engabathathelanga izinyathelo zengalo yomthetho? 

Nakho nje lokhu okushiwo uHulumeni Wesifundazwe kokuthi icala abhekene nalo liyaqhubeka nakuba esekhishiwe kwesobuMeya, lena yinkulumo ewumshonisalanga nje. Le nkulumo yenzelwa ukuthi kungabi nokukhononda ezakhamuzini ekutheni uKhongolose walunyathela ngezinyawo udaba lukaKaMajola. Esinye isizathu sokwenza okungathi bayalusukumela lolu daba yingoba bavikela isithunzi seqembu  ukuba singehli kubalandeli babo nakulabo abasacabanga ukubalandela. Okwesibili benza sengathi bayakuthakasela ukuba ashushiswe, yingoba bevikela igama leqembu ukuze bangalahlekelwa ngamavoti njengoba sibheke okhethweni ngowezi-2021. Phela unyaka ozayo owokhetho loHulumeni Bendawo. Ngakho uma uKhongolose ufuna ukubuyisa omasipala abalahlekayo uphinde wenze kangcono lapho ungenzanga kahle khona KwaZulu-Natal, kufanele ulusingathe kangcono udaba lukamama uZandile Gumede. 

Empeleni uma ngibheka uKhongolose ufuna ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ngichaza ukuthi ufuna ukumvikela obeyiMeya. Khona lapho futhi ukubheke ngamehlo abomvu ukunqoba ukhetho ngamalengiso ngonyaka ozayo. Ngicabanga ukuthi esinye isizathu esidala ukuthi umama ukaMajola bamfukamele kwaKhongolose yingoba inkece okuthiwa wayimimilita akayidlanga yedwa. Kepha wayiqhobaqhoba nozakwabo abasezikhundleni eziphezulu kuHulumeni. Ngakho iqembu lilonke liyabona ukuthi uma engagaxela ogibeni lokubhadla etilongweni nalabo ayedla nabo ngeke basale ngaphandle. 

Sengikushilo konke lokhu, kepha iqiniso lithi noma angabhekana nengalo yomthetho uKaMajola, kepha angahle aphume phambili njengenhlalayenza kubaholi beqembu elibusayo. Imvamisa emacaleni athinta osopolitiki igcina inkantolo ithi ubufakazi kabuhlangani. Ubufakazi buye bungahlangani ngenxa yalezi zizathu: ukungafuni ukuphumela obala kofakazi ngenxa yokuthi kabafuni ukuzonela eqenjini. Angithi abangaba ofakazi baqhoqhobele izikhundla kuHulumeni ezibaholela imali eshisiwe. Baphinde lezo zikhundla bazisebenzisele ukuzuza amathenda ezigidigidi zenkece. Esinye isizathu, kungaba ukuthi ofakazi bafumbathiswa inkece ukuze bavale umlomo. 

Kuyenzeka futhi ofakazi babe mathintanyawo ukuza ngaphambili ngenxa yokusatshiswa. Baphinde bathole izinsongo zokwenziwa isilo sengubo njengokusocongwa. Abanye ofakazi bathenjiswa izikhundla ezintofontofo, amathenda azodla izigidi zemali uma nje bethula du. 

Lo mkhuba wokunyathelwa ngezinyawo kwamacala enkohlakalo kakuyona into yalapha eNingizimu Afrika kuphela. Umkhuba lo ogcwele lonke izwekazi lakithi i-Afrika. Uma singahlehla siqale kusukela ngesikhathi singena kudemokhrasi kuze kube manje, cishe isifinyelele ezigidigidini imali eseyakhwatshwaniswa KwaZulu-Natal nje iyodwa. 

See Also

Kuyacaca ukuthi osopolitiki okuhlanganisa nobeyiMeya yeTheku bawuhlobo lwabantu abanganeliswa abakuholayo. Ngoba iqiniso lithi umuntu ophethe isikhundla sobumeya weTheku uhola izizumbulu ezixakile. Pho kungani agaxela ogibeni lokukhwabanisa izigidi ezingaka (lezi kuseyizinsolo)? Kusho ukuthi nonembeza kawusekho kosopolitiki. Ibuhlungu le nto futhi ifikisela unyembezi.

 Okudabukisayo kunezindimbane zabantu abadla imbuya ngothi, kabacatshangwa uma sekudliwa imali. Bacatshangwa kuphela ngezikhathi zokhetho lukaHulumeni. Ekugcineni ngifuna ukuthi osopolitiki kabaphumi phambili emacaleni ngoba bemsulwa. Basuke benukeka emacaleni enkohlakalo ngokuyiqiniso. Inkinga nje ukungaveli kofakazi phambi kwezimantshi nabehluleli. 

Lokho okudala ukuthi abehluleli bahluleke ukubabeka amacala osombusazwe bakithi. Ngakho nasodabeni lukamama uKaMajola kungenzeka angaboshwa njengabobonke osopolitiki abangabopheki ngenxa yezizathu ezifuze lezi esengizibalulile.

Scroll To Top