Now Reading
Inkinga ngobumbano ku-ANC isebuholini – Ntuli
Dark Light

Inkinga ngobumbano ku-ANC isebuholini – Ntuli

Kunenkulumo ethi: ‘Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo’ kodwa kubonakala ngathi kakunjalo ku-African National Congress (ANC) njengoba uNobhala wayo KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli, evuma ukuthi kusinda kwehlela ngezinhlelo zabo zokubuyisa isithunzi senhlangano nokuthi ithembeke kubantu njengaphambilini, ibe nabaholi abazimisele ukusebebenzela umphakathi abanonembeza. 

UMphemba ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neBAYEDE ngoMsombuluko obekuwusuku  lokuhlonishwa kwamagalelo abesifazane okubhekeke ukuthi kuqhakanjiswe bona njengoba bebonakala besesemuva ezinhlelweni zikaHulumeni zokuthi bazithuthukise yize baba neqhaza elikhulu emzabalazweni wokulwela idemokhrasi. 

Ekhuluma nelaboHlanga uMphemba ukubeke kwacaca ukuthi yize kuyiholidi nje kwabaningi yena akanaso nesikhathi sokujabulisa umndeni wakhe kepha kuyena usuku olufana nezinye zokusebenzela uKhongolose njengoba edalule nemihlangano abezoba nayo ngalolo suku besebenzisa ubuxhakaxhaka besimanje manje.

“Yebo kona kubalulekile ukuthi sibajabulise njalo omama kumbe abantu besifazane ngoba bathwala kanzima ngezikhathi zobandlululo futhi kufanele bahlale bejabule njalo kungabi yinto yesikhashana njengoba kuyinyanga yabo kepha kube yinto yansuku zonke ukuthi sibanike inhlonipho abayidingayo futhi sibalalele,” kusho uNtuli. 

IBAYEDE ihlele ukuxoxisana noNtuli emuva kwesifundo abenaso emasontweni adlule ngoMnu uHarry Gwala esashiya abaningi ikakhulukazi abangazilandeli kahle ezombangazwe bengayizwanga kahle inhloso yabekusho emalungwini enhlangano, beqagela nokuthi ubezama ukuthini. 

Wakhuluma besethuneni likaGwala owayaziwa kakhulu ngelikaMtomdala waqhathanisa nocingo olukhona emathuneni wathi ukuba bekungathiwa i-ANC isizalwe kabusha kumbe isivuselelekile ibe isibekwa ngale kocingo kuthiwe emalungwini ngokwemigomo yenhlangano yokuqokwa kwabaholi abaqotho abazimisele ukusebenzela abantu, abanonembeza, abafundile nabasebenza ngokuzikhandla bengabheke izikhundla, bangaba mbalwa abangakwazi ukujomba ucingo bayofika kuKhongolose ngenxa yemilando yabo engemihle engashiya abanye bethanqazeke phansi. 

Uthe ukusho lokhu nje ngenxa yokuthi baningi abasenhlanganweni ngezinhloso ezahlukene abanye babo bafike kuKhongolose sekubolile okusho ukuthi noma izifiso zabo bekuwukuguqula inhlangano ngeke bakwazi ngoba bayozithola besenkingeni enkulu. 

“Yizona-ke lezi zinkinga esibhekene nazo ngoba abaholi bethu sikhuluma kakhulu ngezinhlelo zokuguqula inhlangano, sibumbane kodwa kugcina ngezinkulumo akwenzeki lutho. Inkinga emqoka isebuholini benhlangano hhayi amalungu nje nendlela obaqokwa ngayo okuthi ngesinye isikhathi sibe namahloni sizibuze thina ukuthi athi umuntu eyimeya, umphathiswa kumbe ungqongqoshe akhulume izinto ezifikisa amahloni uma usubuka izindaba uzibuze ukuthi wayeqokwe kanjani,” usho kanje uMphemba. 

Uthe yizona lezi zinto abafuna ukubhekana nazo kodwa kunzima ngoba kunabathile ngaphakathi enhlanganweni abahlomulayo ngokuhlakazeka kwayo nokwehla kwezinga layo.

“Yingani kungabi uhlelo lukazwelonke ukuvuselela inhlangano esilwenza sibambisene sonke uma kungekho abahlomulayo ngokuthi ibheke eweni?” kubuza uMphemba. 

Uthe lolu hlelo baluqale belwa kodwa banquma ukubeka eceleni zonke izinselelo abazobhekana nazo ngenxa yokuthi isifundazwe sabo ngesikhulu kunazo zonke noma ungasibheka ngayiphi indlela ngokwabantu abavotayo nangokobulungu. 

“Sikwenze sazi ukuthi endleleni yale mpi esiyiqalile kuzoba khona abazothinteka ngoba becabangela ukuthi bangase balahlekelwe izikhundla abakuzona ngoba bazi kahle ukuthi kabangenanga ngendlela emsulwa kuzo nangenxa yamahlazo abo ngoba uma ubheka amahlazo awekho kubalandeli akubaholi,” kusho uNtuli. 

Uthe isifundo ngoGwala kwakuwukuqhubeka nabasebekuqalile nokuthi amaqhawe angasekho aziqhenye ngenhlangano nalapho elele khona. 

Uthe bayazi ukuthi abantu abakhuluma ngokungafihli bathathwa njengabazitshelayo nabacabanga ukuthi bahlakaniphile kodwa kakukho okunye okuyosiza uKhongolose ukuthi iqiniso kufanele kubhekwane nalo njengoba linjalo. 

See Also

“Kuyimanje siphila kukhulunyaka lama-21 lapho kufanele abaholi esibaqokayo kube abafundile, kuzothi lapho sithola ukuthi wena awukwazanga ukuzithuthukisa ngemfundo ube ususitshela ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi usalele ngemuva sekwabusa umbuso wedemokhrasi eminyakeni emingaka kusukela ngowe-1994.

UMphemba uthe bafuna abaholi abaziwayo nasezindaweni abahlala kuzo ukuthi basebenza kanzima besebenzela umphakathi futhi bayisibonelo esihle nokuthi banobuholi obuqotho.

 “Siyazi ukuthi kade sikhuluma ngalokhu kodwa futhi kuwumthwalo onzima kakhulu ngoba sibhekene nabantu abanezinhloso ezahlukene ngaphakathi enhlanganweni kodwa-ke besesiqalile ngoba sike samema owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki lapho sizimisele ukumema nabanye ngokwezihloko ezahlukene okubalwa kubo uMnu uKgalema Motlanthe, uMnu uJacob Zuma nabanye ukubuyekeza ubumbano,” kusho uNtuli. 

Uthe yimpi enkulu abayiqalile kodwa inganqotshwa ngokubambisana uma abantu bangakubeka emiqondweni yabo ukuthi kakuyona i-ANC eye kubona kumbe ejoyine bona kepha yibona abaye kuyo bayijoyina okusho ukuthi kufanele basebenze ngokwemigomo yenhlangano.

“Kuhle nokuthi njengoba sibhekene nokhetho ngonyaka ozayo nomthwalo wokulungisa izifunda zethu ezifana neSouth Coast nezinye okubhekeke ukuthi ziye kungqungquthela kufanele amalungu ayokhethwa akwazi kahle ukuthi umuntu usengasithola leso sikhundla aphakanyiselwe sona noma angangasitholi ukuze yehle inzondo ebakhona kubantu bakhombe abanye uma sebengakhethwanga. Abantu bafunde ukusebenza nobuholi obuqokiwe futhi kuphele nokuthi kube yibona ababona ukuthi usibanibani ngeke ahole bakhulume engakakhulumi amagatsha okuyiwona esikubeka emandleni awo ukukhethwa kobuholi,” kusho uMphemba. 

Ngakolunye uhlangothi nelungu leSigungu Esiphezulu se-ANC kuzwelonke uMnu uNathi Mthethwa naye ugqugquzele ubumbano enhlanganweni ngesikhathi eyisikhulumi esiqavile esifundweni ngoMtomdala ebisesifundeni esaqanjwa ngaye iHarry Gwala. Uthe yize uGwala wayethathwa njengomuntu othanda udlame ngoba wayengancengi njengoba wayelokhu esho ethi umlilo kawuphendulwe ngomunye umlilo. “Yingoba wayehluleka ukubekezelela ukubona amalungu enhlangano ikakhulukazi intsha ibulawa amaBhunu namaphoyisa angaleso sikhathi,” kusho uMthethwa. 

Abahlaziyi bezombangazwe bathi yize i-ANC inakho konke okuhle okubhalwe phansi emiqulwini kodwa kunzima ukuthi lokho kungasebenza ngenxa yokuthi kwavunyelwa osomathuba ukuthi bahole inhlangano okuzobanzima ukubasusa ngoba abanye sebezicebisile ngayo njengoba ezikhathini eziningi le nhlangano yenziwa ithikithi lokuthola imisebenzi nelokuzicebisa kwabanye. 

Scroll To Top