Now Reading
Kubalandeli be-IFP ne-EFF: Ningavumi nina boHlanga
Dark Light

Kubalandeli be-IFP ne-EFF: Ningavumi nina boHlanga

Igama udlame lisho ukulwa, imbubhiso nenzondo. Uma selufikile lushiya kukhalwa kungenalutho. Lutshala unya lwaphakade.

ENingizimu Afrika siyalwazi udlame, silazi luqala luze luyophela. Silubonile luqhutshwa kithi boHlanga ngabacindezeli bethu kepha okukhulu kakhulu silubonile lapho umkhonto ugwaza ekhaya ugovuzwa yisandla sesithathu. Zalala izinsizwa nezintombi, yasha imizi namabhizinisi yabhidlika ingqalasizinda nemiphakathi.

Okuqaphelekayo lapha wukuthi abasala enkundleni iningi kwabe kungamalungu, abalandeli nabantu nje. Basinda abaqali bayo, basinda abaholi nemindeni yabo. Zaqhubeka ezabo izingane ukufunda nokuphila. Umphumela nanku usobala, izingane zabaholi ziwutho ezabalandeli zikhulela enhlabathini.

Ukucija kolimi kubaholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) kuyasethusa kufanele ngoba njengoba sishilo siyalwazi udlame luqala nayilapho luphela. Lokhu nje, isishiphi sikhonga ukunya.

Sesabela abafundi bethu naboHlanga jikelele abakulezi zinhlangano ekuthini uma kuqhubeka lokhu kungahle kucijise imikhonto phakathi kwabalandeli namalungu bese umlando uziphinda.

Akukho ukungabaza kithi uma kugcina kuba ludlame lwamaqembu akuzoba ngabaholi nemindeni yabo abafayo kepha kuzoba ngabalandeli.

Njengabashicileli nababhali belaboHlanga, sinxusa abalandeli namalungu e-IFP ne-EFF kulokhu abenze okuhlukile. Akuthi lapho abaholi bedonsisana bona behle, baqhele futhi bangavumi ukuba yingxenye yodlame.

Kabaphephise impilo, bavikele imiphakathi bacabangele izingane nezizukulwane zabo. Bacabangele imiphakathi yabo, bacabangele nesithunzi samaqembu abo.

See Also

Sithi kulokhu ningezwa ngabaholi benu ngoba uma beqhubeka kanje bazoniholela endaweni emnyama okuyoba lukhuni ukuba niphume kuyo. 

Khumbulani ukuthi nina anibona ababaholi kepha ningabakwenu njengoba nabo kungabakwabo. Cabangani kandu ukuba nenze. Asikho isidingo sokuba kube nodlame, okufunekayo nesikuthandayo nesikugqugquzelayo ngumdlalo omuhle wokuncintisana.

Njengabalandeli, abavoti namalungu ngokubambisana kasikhiphe inyumbazane abaholi abatshala ukufa okuludlame. Asingavumi ngoba njengabaholi nemindeni yabo nathi nemindeni yethu sinelungelo lokuphila. 

Asikhumbule labo abalendulela leli ngenxa yodlame abanye babo okungabe namuhla bayizinto ezithile emphakathini. Asingavumi ukushaywa yinduku eyodwa sibhekile nina boHlanga.

Scroll To Top