Now Reading
Uvuthondaba ngamahhashi lusekubhejeni
Dark Light

Uvuthondaba ngamahhashi lusekubhejeni

Lapha-ke lona obhejela amahhashi ngoba engathwele isisindo esisinda kakhulu kunamanye, nobhejela amahhashi ngoba egitshelwe ngojoki abaziwayo ukuthi bangoshampeni, uyothwala imikhono ekhanda uma idabuli livulwe yimbongolo eyaphuma isine eNew Market, lavalwa ihhashi ebelingalindelwe nakulindelwa ukuthi lingaphuma phambili ngoba lingesiyona intandokazi, futhi namaodi alo kungu-1 ku-20.

Omunye uyomuzwa ethi: “Namhlanje ngizobhejela amahhashi ka-Eatwell! Uba? U-Eatwell, amahhashi akhe ayiziphepho, kwala noma ethwele umthofu osindayo ezihlalweni, awezwa lutho, kuphephuka iphepha kuphela.”

Ayithathe yonke imali yakhe ayidulele ehhashini lika-Eatwell emjahweni wokuqala nowesibili nowesithathu kuze kube kowokugcina, kodwa do, kungaphumi nelilodwa kwaka-Eatwell kuyoyonke lemijaho. Asale enkemile imali yakhe yonke isicwilile, kodwa kudlule kungabi ndabazalutho, ngaphandle nje kosongo ayolubeka ethi, nakanjani uzowabamba ngoMgqibelo ozayo. Angithi uyidulele emahhashini kaEatwell yonke imali yakhe nje ngoba ethi amahhashi kaEatwell kwala noma eyizimfivilithi, aphuma phambili.

Lo mdlalo wokubhejela amahhashi uyamangalisa, ngoba udlalwa ngabancane nabadala, izintombi nezinsizwa, amaxhegu nezalukazi, amabhungu namatshitshi, abaMhlophe nabaNsundu! Akusaphathwa phela uma kungumjaho omkhulu njengoJuly Handicap njeyaya, izitimela ezivela ezindaweni ngezindawo, zigcwala phama abantu abaqonde eThekwini lapho uJuly Handicap egijimela khona yonke iminyaka lena. Abanye bathanda khona ukuyozibona izinkabi zakwabo ziqebekula enkundleni, ojoki sebethe ne phezu kwazo, bezibona ngamehlo, nabo ojoki bebabona ngamehlo.

Uzobona izintombi zidle ingqephu yakwanokusho, zivunule ziconsa, zivunulele yena uJuly Handicap lona. Ngisho nezinsizwa imbala ziyamvunulela uJuly. Konke lokho kuvunula kukhombisa nje ukuthi umdlalo wamahhashi nawo ufana neminye imidlalo ethokozelwayo. Izintombi zona zize zijabule zinconcoze uma izintatheli zizibuza ukuthi zivunule ziconsa njena zivunule ngoba zidlisa ngengqephu yini noma zivunulele ukuba zibe nenhlanhla yokuwina na? Ezinye ziyakusho nje ukuthi zivunulele ukuba zibonakale ukuthi izimfashini lezi ziyazazi. Noma-ke zona zingezelanga ukuzobhejela amahhashi, zisuke zilethe ingxenye yobuhle yokuthokozela umjahokazi kaJuly Handicap.

Wake waya ebhandeni lenkundla yomjaho eGreyville? Wake waya kungumjaho omkhulu wesiteki esikhulu? Wo, mina ngake ngaya ngithi ngiyozama yona inhlanhla yokubhejela engangiliphuphile. Kwathi uma ngingena nje ngesango ngafica ukuthi akusengangabantu sekuyizinkumbi. Babodwa abemi izixukwana zababili nabathathu nabane. Ezandleni zabo baphethe amabhukwana, bade bekhombisana lapha emabhukwini, bekhethisana okuyiwonawona amahhashi azokudla ubhedu. Amapeni awasasuki esandleni. Kuyadwetshwa khona lapha ebhukwini, kubuye kwenziwe izidingilizi emahhashini okuthiwa yiwonawona ayophuma phambili.

See Also

Kwathi lapho ngibona owesifazane awayemi eyedwa buqekelele eyilokhu enwayanwaya ikhanda, abuye alinikine, abhekisise ephephandabeni Ilanga, abuye adwebadwebe ngepeni kulo iphephandaba leli, ngaqonda kuye ngabuza:

“Ubona liphi?” “Hhayi, angazi, namhlanje kumnyama. Nalo leli ebengithi ngilethembile, ngilibona ukuthi liyimfivilithi.” “Umjaho lona yinto oyithandayo?” “Angiphuthi nakuphutha. Njalo ngoLwesithathu nangoMgqibelo, ngibakhona lapha enkundleni eGreyville. Umjaho umdlalo engiwuthanda kakhulu. Noma ngiluza, angikhathali, noma ngiwina kuyafana nje. Noma ngiwina kancane, nokuluza ngiluza kancane. Kodwa ngelinye ilanga, ngiyafunga ngiyagomela, ngiyoze ngiyibambe ijackpot. Mhla ngiyibambile, bonke bayongibona!” Iyaqhukeka.

Scroll To Top