Kuyoba nini aboHlanga becakafulana bodwa ngamagama aziswana


Akungatshazwa ukuthi abantu basezweni elilodwa, bayabizana ngamagama anganambitheki, okuhamba kuze kukapakele nasekubizeni abangewona umsinsi walelozwe ngalawo magama.
Akuyona into eyenzeka eNingizimu Afrika lena noma esifundazweni esisodwa, asingenzi sengathi amanye amazwe awanayo lenhlese nensila yokubiza abanye ngamagama anganambitheki nacwasayo.
Kuyenzeka emazweni amaningi ezwenikazi ngisho naphesheya kwezilwandle.
Bazokhumbula ababesekubhaceni ukuthi babebizwa ngamagama anganambithiseki ngabanye babo ababesekubhaceni kulawo mazwe. Babebonakala ngenswebu eyayingafani naboHlanga abawumsinsi.
Abakwamanye amazwe abalapha, bafunga bagomele ukuthi abesifazane bakhona bangalinge bathande, bagane abesilisa, bazale izingane zabesilisa baseNingizimu Afrika eziwukuthi. Zibizwa ngamagama ayizifenqo zenhlamba ezizithukayo. Ziyadlwengulwa ezamantombazane, yize bengoyise, eyomfana bayayintshontsha bayiyise ezweni labo, unina wayo uyokhala aze azithulise.
Bayambukisisa owesilisa ongeyena owezwe labo, uma evamise ukuzidlisa satshanyana kowesifazane wakhona. Lowo wesifazane uyayikhotha imbenge yomile sebebodwa endlini nowesilisa wasezweni lakubo. Owesilisa wabulala owesifazane ababeqhamuka naye ezweni elifanayo, wantshontsha nemali yakhe. Wakhiya endlini ababeqashe kuyona kwelinye lamalokishi, kuMasingana wezi-2021. Kwabonakala ngezimpukane zilokhu zingena ngentuba eyodwa yomnyango, kwabizwa amaphoyisa. Bangabazenzisi nabo.
Abazenzisi, ngabantu abakhonze ukuzenza abantu abehlukile, abazothile, abangahluphi ezinye izizwe, abakwamanye amazwe, abakwezinye izifundazwe. Njengoba, sekuvamisile ukuzwa abantu abaningi bephawula, bebeka bethi aboHlanga KwaZulu-Natal bayabandlulula abafani nabakwezinye izifundazwe.
Ngatshela engangixoxa nabo ukuthi sengivamisile ukuzwa kukhulunywa kanjalo, kugqanyiswa okukodwa abakubonayo nabakutshelwayo kwasesifundazweni abahlala kusona, kube sekuphelela lapho.
Ngabe sengicela ukugqamisa elikamzenzisi noma abazenzisi abahlala ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zakuleli bazenza abantu abangayenzi into embi kwabanye.
Abazenzisi nomzenzisi bazithatha njengabantu abangabandlululi, abangaxwayi, abangahlalisi kabi abanye, abemukela kahle, abathanda nabakhonze abanye, abangakhulumi kabi ngabanye, abakwaziyo ukuhlalisana nabanye bakwamagumbi amane omhlaba bebe besho okunye endlini.
Angizikuyiphatha eyeGauteng, iyisifundazwe esixube kakhulu izinhlanga mzukwana aboHlanga behlaliswa khona ukwedlula ezinye izifundazwe. Kuyiphutha ukuthi iGauteng eyohlanga oluthile, ekubeni sizazi izinhlanga ezihlala khona.
Uma kunezenzo ezimbi kuvamise ukuba kugqanyiswe ngokuthi kuhlala uhlanga oluthi kube kungenjalo. Ngisho nosopolitiki befundile benjalo abanye babo, bakhona abanye abanalowomqondo oswele inhlakanipho.
Abanye basanamathele enkulumweni yeSILO uZwelithini, eyahlanekezelwa ngelinye lamaphephandaba kuNdasa, ngowezi-2015. Bese bethi, KwaZulu-Natal, aboHlanga bakhona banobandlululo olukhulu, babiza abanye ngamagama acwasayo, abafani nabakwezinye izifundazwe, nabakwamanye amazwe. Asingathathi sengathi elakwaZulu, elingabathandi abanye abantu, siyefana.