Isivivinyo sabaholi abasha be-IFP siyasondela



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akukho ukungabaza ekutheni isinqumo se-Inkatha Freedom Party (IFP) sokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha nyakenye saba ngesiphusile. Ziningi izizathu zalokho, esinye sazo yileso sokuthi ngokuba nengqungquthela eyabe isihlehliswe isikhathi eside leli qembu laphuca izimbangi zalo isikhali sokuligcona nokulinyundela.
Induku eyabe isetshenziswa yizimbangi ze-IFP wukuthi iyiqembu ‘eliholwa ngumuntu oyedwa ongundlovukayiphikiswa’. Lokhu bekusho bebhekise kuMntwana waKwaPhindangene owayeselihole iqembu (ngokuvumelana kwezinhlaka nobuholi) iminyaka ecela ema-40. Phezu kwezizathu ezabe zibekwa wubuholi baleli qembu ekutheni kungani kunjalo izimbangi zabe zingezwa lutho.
Okunye okwavala abaningi umlomo kwaba yindlela leli qembu elaqhuba ngayo. Kwakukhona ababethi kuyofika ingqungquthela lena seliyizicucwana ngenxa yobuqembuqembu. Nokho lwanede lwafika lwaphinde lwedlula olwabe lungaliwa, ababe nalowo mbono behlela ngezansi.
Namuhla i-IFP inomholi omusha, uMhlonishwa uHlabisa. Khona lapho ebuholini obuphezulu kunobuso obusha okunguMnu uSipho Ngcobo owaqokwa njengoNobhala Jikelele. Isikhathi sisazoba ngumehluleli ekutheni ekuqokeni uNgcobo obengusonyunyana njengoba ayengumholi weNATU nje kwaba ngokuphusile kwazise waphakama kukhona amaphisi amadala afana noMnu u-Albert Mncwango asebe namava ekusebenzeni izinhlaka zeqembu. Omunye owaphinde waqokwa yiNkosi uMzamo Buthelezi owaqokwa njengoSekela Mengameli. Nalapha kwabe kukhona ababethi lo mholi ‘usephandle’ nokho izinhlaka zeqembu zanenye impendulo. Ukubuyela kwakhe kwenza uzinzo thizeni futhi kwaqinisekisa ukuqhubeka. Lo mholi unomthwalo wokuveza amangwevu ebambisene nabanye ikakhulukazi ePhalamende lapho ejutshwe khona.
Laba abathathu ababalulwe ngenhla esimweni esejwayelekile bamqoka ekusebenzeni kweqembu kwansuku zonke kanye nasekwakheni isithombe esithile ngeqembu, kuHulumeni (eZishayamthetho) nangaphandle kukaHulumeni. Kukhona okungejwayelekile ekuzihleleni kwe-IFP. UMengameli wayo useSishayamthetho KwaZulu-Natal, kuthi uNobhala Jikelele noSekelela Mengameli babesePhalamende eKapa. Lokhu kuzihlela uma kungeluswa kunobungozi uma iqembu lingenalo uhlelo oluqondile lwezokuxhumana kwepolitiki. Uma kungehlulelwa ngalokhu esikubone kulezi zinsukwana nezinyanga emveni kokuqokwa kobuholi obusha, kuyacaca ukuthi uhlelo lokuxhumana kwepolitiki kwe-IFP akukabi sezingeni.
Ubufakazi balokhu busekutheni ukuphawula kwabezindaba kukaHlabisa akuvamile ukuba ‘ngokukazwelonke’. Usaphawula noma okusabikwa kungokwesifundazwe. Uma lokhu kungalungiswa angaphanjaniswa nomholi wesifundazwe ekubeni enguMengameli weqembu. Okwesekela lakhe nakhona akucaci ngoba njengoba esePhalamende nje usebusweni bomhlaba nokuyinto ekubukeka iqembu lingayisebenzisi ukumethula kubantu nakuzwelonke.Akukho naye okumvimba ukuthi kulokho abanjiswe khona ePhalamende agqame ngoba uma ekhuluma njengoSekela Mengameli weqembu kunesisindo kunokuzibandakanya njengelungu lePhalamende kuphela.
Akulona ihaba ukulindela okwedlulele kuNgcobo nobengusonyunyana. Uma ukude okwamukelekayo ngaye wukuthi ungumuntu onekhono lokuvukuza abantu njengoba inyunyana abeyihola iminyaka ichichima ngabantu bezinga elithile. Ukucwila kwakhe kungahle kumenze angaziwa hhayi kuphela ezinhlakeni kepha nakubantu nje jikelele. Uzothi omunye kungani kumele aziwe? UNobhala Jikelele weqembu yinjini, ungubuso beqembu kulandela uMengameli, welusa ukusebenza kwansuku zonke kweqembu. Uma kubhekwa imibiko yabezindaba, amaphephandaba nakumathelevishini izwi nobuso bukaNgcobo kuyaswelakala.
Kunalokho kugqama okomkhulumeli weqembu uMnu uMkhuleko Hlengwa naye okumele azihlele ngandlela thize njengoba esebuye waqokelwa kwesokuba nguSihlalo weKomiti elimqoka ePhalamende.
Ukwaziwa kwalaba baholi abathathu kumqoka njengoba ezinyangeni nje ezimbalwa bezobe besekhaleni lempi ye-IFP yokhetho loHulumeni Bezindawo. Lena kuyoba yimpi engahle iqophe umlando ngabo. Kungaba ngumlando wabantu abathathe iqembu lapho umholi walo omdala, uMntwana alibeka khona endaweni engcono noma abantu abahlehlise inqola lapho ibikhona.
Ukuba neqhingasu elizobenza bajwayeleke kubantu nasezinhlakeni kumqoka. Okwabantu ngaphandle kweqembu kumqoka ngoba selokhu kwathi nhlo alikho elake ladla umhlanganiso (ukhetho) ngamalungu alo kuphela