Now Reading
Iyangokushuba imidlalo ye-ABC Motsepe League 
Dark Light

Iyangokushuba imidlalo ye-ABC Motsepe League 

Iya ngokushuba imidlalo ye-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba isibalwa esele ngaphambi kokuthi kusongwe isizini yangowezi-2022/23.

Amaqoqo kule ligi mabili, iqoqo neqoqo linamaqembu ali-10 okusho ukuthi lilodwa lidlala imidlalo eli-18. Amaqembu amaningi asedlale imidlalo eli-12 okusho ukuthi asalele imidlalo eyisithupha kuphela. 

Kuqoqo A elizihola phambili iMilford ngamaphuzu angama-27, kanti kuqoqo B khona kuqhwakele Umsinga United ngamaphuzu angama-24 ngokulingana neGreenWood Park (GWP) Friends abahlukaniswe igoli nayo.

Umdlalo obhekwe kakhulu kule mpelasonto kwiqoqo A, ophakathi koMkhumbane Classic neMilford. Lo mdlalo uzoqala ngele-15:00 eSj Smith (eWema).

Okwenza lo mdlalo ushube ukuthi uMkhumbane Classic kaSithembiso “Mashalofu” Mabaso ufuna ukuqhubeka nokubalwa naqembu asembangweni wokunqoba iqoqo. Njengamanje leli qembu lisendaweni yesine ngamaphuzu angama-24. 

Lesi sikhulu sikhuluma nelaboHlanga sibalule ukuthi ayikho ingcindezi ekhona kubadlali ngokuthi banqobe iqoqo, uma kwenzeka kobe kusho kukhulu kuyena. Lisanqa kuqasha abadlali bodumo kwiKaizer Chiefs uDominic Isaacs noSithembiso Ngcobo njengabaqeqeshi, lasayinisa noThobani Mgcwango ongalibheki ipali useke wadlala kwiBidvest Wits nePolokwane City. 

UMkhumbane Classic unconywe kakhulu ngokuba nabalandeli obasekayo, ngeledlule leli qembu likhiphe ibhasi namakhumbi amabili obekugcwele abalandeli balibhekisa eMandeni lapho kade lidlala khona neMuzi All Stars. 

Ngasohlangothini lweMilford eqeqeshwa u-Asanda Mvalo, ifuna ukuqhubeka ukuvula igebe kwazise inano mdlalo okusamele iwudlale. Ixinwe iStone Breakers esinamaphuzu angama-26, ukuqhuzuka kwayo iMilford kojabulisa amaqembu amaningi alandela ngemumva ngoba neSummerfield Dynamos isakhona embangweni. 

UTom Dlamini oyimenenja yeMilford uthe kubajabulisile ukusayinisa uNkosingiphile Phewa ongumfowabo kaLuvuyo noVeronica bakaPhewa.

“Lo mdlali uzosisiza kakhulu amava akhe ayaziwa, ukulungele ukudlala konke kulele kumqeqeshi ukuthi uyamdlalisa yini. Okuhle ukuthi akekho umdlali olimele, sesilindele usuku lakusasa” kusho uDlamini. 

See Also

UNkosingiphile udlale kuLamontville Golden Arrows neReal Kings. 

Eqoqweni B nakhona ukhona umdlalo oshubile, ophakathi kwe-GWP Friends neMidlands Wanderers FC. IFriends iza kulo mdlalo izinhliziyo zayo zibuhlungu njengoba ngeledlule ibhaxabulwe kabuhlungu uMkhambathi FC ngamathathu kwelilodwa, ngeke ivumele ukuhlulwa kulandelana ngoba lokho kuzokwenza isale kuMsinga United. 

IMidlands Wanderers ukunqoba kwayo kuzoyibeka kumaphuzu angama-23 bese ilala endaweni yesithathu kulogi. 

Amaqembu azohlala phezulu emaqoqweni azobhekana womabili kwimlenze emibili, iqembu elonqoba lapho lizobe selimela isifundazwe iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship. 

Nyakenye iqembu ebelimele iKwaZulu-Natal iSummerfield Dynamos nefike yangenza kahle, kanti iqembu elagcina ukukhuphukela phezulu uThongathi FC  ngesizini yangowezi-2016/17. 

Scroll To Top