Ituse ukusebenza kanzima intokazi ephume phambili eKing Cetshwayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
“Ukuphumelela akuyi ngokuthi uqhamuka ekhaya elinjani, ungaqhamuka endaweni yasemakhaya noma emjondolo kodwa uphumelele inqaba nje uma uzazi ukuthi ufunani empilweni”.
Lawa ngamazwi aphinyiswe uNomonde Nxumalo izolo ngoLwesine ekhuluma nelaboHlanga eSikhaleni Tvet College, nokuyilapho kade kukonyeliswa abafundi abaphumelele kahle umatibuletsheni ngonyaka odlule ezikoleni ezingaphansi kwaMasipala iKing Cetshwayo.
UNomonde oneminyaka yobudala eli-18 ubefunda eDlangezwa High kanti nguye obashaye bonke abafundi emakhanda bakulesi sifunda.
“Uma ufuna ukuphumelela kumele uzazi ukuthi ufunani, uzethembe. Angiphumi emndenini ocebile kodwa buka namhlanje ngikuphi, akukho okungenzeki. Ngijabule kakhulu ukuthi iphupho engaba nalo ngimncane namhlanje liyafezeka, ngabe ngiphupha ngenza izifundo zobuDokotela namhlanje ngiyozenza eNyuvesi yaKwaZulu-Natal” usho kanje.
Uthe bezikhona izingqinamba abebebhekana nazo bengabafundi njengokuphela kwamanzi endaweni yokuhlala abafundi obekwenza ukuthi kube nzima ukuthi bageze kodwa inkinga igcine ilungisiwe.
Njengoba kunguye obaqwaqwade bonke emakhanda, ube esehlomula ngemali eyizinkulungwane ezingama-R20 kanye neTablet.
Uhlomula ngaleyo mali uzophinde ahlomule ngemali eyizinkulungwane eziyi-R6, etholwe abafundi abangama-200 abenze kahle.
UNomonde uphumelele isiZulu ngamamaki angama-91, English (86), Mathematics (92), Life Orientation (90), Agriculture Science (95), Life Science (94), Physical Science (87) neTourism (98).
Balinganiselwa kwizinkulungwane ezili-18 abafundi akade benza umatibuletsheni nyakenye, ngaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo. Lo Masipala uphumelele ngamaphesenti angama-81.4, anyuke ngo-4,4% kwawangowezi-2021.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uSihlalo we-IFP Women’s Brigade (IFPWB), uMntwana uPhumzile Buthelezi, iMeya yaseKing Cetshwayo uMnuz uThami Ntuli, iMeya yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi kanye nezinye iziMeya namakhansela. Kube aboMnyango weZemfundo ngaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo, othishanhloko bezikole ezehlukene nabazali.
Abafundi abali-10 abenze kahle:
1. Nomonde Phumla Nxumalo (Dlangezwe High School).
2. Aphile Mdluli (Bizimali High School)
3. Luleko Ngubane (Ngono Secondary School)
4. Sabelo Makhathini (Golozela High School)
5. Siphesihle Langa (Bizimali High School)
6. Thandolwakhe Xulu (Bizimali High School)
7. Sonia Mulchandani (St Catherine’s)
8. Innocent Xulu (Velangaye High School)
9. Luka Jane Redigenger (Richards Bay High School)
10. Mlando Maphumulo (Ngono Secondary School)
Izikole ezili-10 ezenze kahle:
1. Mevamhlophe High
2. Dlemudlemu High
3. Qhamuka High
4. Amazondi High
5. Mvutshini High
6. Emoyeni High
7. Amamphuthu High
8. Grattom College
9. Gala High
10. St Catherine’s