Imiphumela yokubambisana kweSihlalo noHulumeni waseGauteng













Eminyakeni yokugcina yokuphila kweSILO esidala uBhejane, Omdala wakhe ubuhlobo nohulumeni waseGauteng. Lobu buhlobo buqhamuka nezinhlelo ezahlukene nezibheke umphakathi waKwaZulu-Natal ohlala eGoli. Iningi lalo mphakathi lisemalokishini kanye nasemzini engamahositela. Siphawula ngobumqoka balo budlelwane ISILO esidala sathi
“Umlando uyakuveza ukuthi iGoli leli lakhiwa zinsizwa ezabe zivelakwaZulu. Zabe zilapha ukuzosebenza ezimayini nasemajalidini. Njengoba zilapha nje ziyizakhamuzi zaseGauteng okumele zibonelelwe nguhulumeni wazo. Lokhu akusona isihe kepha nabo njengoba belapha bayayikhokha intela,” kusho ISILO.
Saqhubeka sathi: “UBhusha wayengapheli lapha kwandongaziyaduma ezobona abantu bakhe. Kwakunemidlalo enhlobonhlobo neyabe iqinisa ukuxhumana phakathi kukaZulu oseGoli neSihlalo. UBukhosi babuze bungenelele ngisho ezimbonini ngoba lezi zakwaZulu kazikhuzwa noma ngubani. Wayefika qathatha uBhusha noma athumele iNdlunkulu nezinduna ubhuleke umlilo”.
Ukuphikelela kweSILO ekutheni akube nokubambisana sekuqhamuke nemiphumela emihle. Kuyimanje uhulumeni waseGauteng kukhona akuphosayo manxa kunemisebenzi yesizwe eNdlunkulu njengoMkhosi woMhlanga lapho ehlinzekela izingane ngezinto zokuhamba. Okunye akwenzayo uhulumeni waseGauteng wukuxhasa imisebenzi yesizwe eyenzelwa eGoli njengesikhumbuzo ngempilo yeLembe ISILO esidala esasiwuhambela kanye nezinhlelo ezihlanganisa zonke izizwe.
Omunye umklamo okwavunyelwana ngawo wukusebenzisana kwezinhlaka zoBukhosi okuyizinduna nohulumeni. Lokhu nakhu sekunemiphumela.
Ngesonto eledlule ISILO esibusayo emuva kokuhlangana nohulumeni waseGauteng siqhubeka lapho uyise agcina khona sijube ithimba ukuba liyohambela imihlangano eyahlukene eGoli nayilapho bekwethulwa imibiko kuhlanganiswa nezinye izinhle. Umhlangano wokuqala bekungowezinduna nayilapho uMphathiswa wakwaCoGTA eGauteng uMnu uMaile abenza khona isethulo.
Umhlangano lona ubuhanjelwe izinduna ezibalelwa e-110. IHhovisi loMphathiswa lenze isethulo ngaphansi kwesihloko: Hostels Development Programme Bulk Assessments and Related Work. Kulesi sethulo kuvele ukuthi njengoba ezweni kunemizi yamahostela eli-166 kuzwelonke, iGauteng yona inemizi engama-65.
UMhlonishwa esethulweni sakhe nomnyango uveze ukuthi iqhingasu elaziwa nge Gauteng Hostel Redevelopment Strategy seyiphasisiwe futhi izobhekana ngqo nezigqinamba ezibhekene nemizi lena. Ubalule ukuthi phakathi kwezingqinamba yingqalasizinda esindala kanye nezokuphepha.
Umhlangano wesibili ube nomnyango weZemidlalo, Ubuciko, Amasiko Nezokungcebeleka. Kulo mhlangano ithimba likahulumeni labe liholwa yiNhloko yoMnyango ebambile uMnu uChina Mashinini kanti eleSILO labe liholwa nguMntwana uSiphiwe wakwaMinya. Nalapha bezikhona izinduna kanye nomama abasebenza nezintombi zoMhlanga. Umhlangano lona nokuvunyelwene ukuba uphinde uhlale nayilapho kuzoqoshwa khona ‘ikhalenda loBukhosi’ nelifaka yonke imikhosi nemicimbi ezoxhaswa nguhlumeni ebambisene neSihlalo.
Ethula amagama eSILO uMntwana uSimphiwe uthe Omdala uyibona iGauteng iyingxenye emqoka yoBukhosi ngenxa yesibalo sabantu onkaba yabo iKwaZulu. Ube eseveza ukuthi ISILO sisezinhlelweni zokuba nohambo olusemthethweni nayilapho sizobe sibona abantu bakayise.