Now Reading
Akuqondakali ukuthi uzophelelaphi uPatosi
Dark Light

Akuqondakali ukuthi uzophelelaphi uPatosi

Uyashuba umbango ngesibabuli somdlali weBafana Bafana u-Ayanda Patosi obangwa ngamaqembu agijima kuDSTV Premiership.

ElaboHlanga lihoshe ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uPatosi kungenzeka abuyele eNingizimu Afrika ngemuva kokuhlukana neFoolad yase-Iran.

Kuvela izindaba zokuthi ubangwa yiStellenbosch Football Club, Kaizer Chiefs neSekhukhune United.

UPatosi ugijima ezinhlangothini zombili noma ngemuva kwabagadli. Phambili uke wagijima kuCape Town City ngaphambi kokubuyela phesheya kwezilwandle.

“UPatosi unenqwaba yamaqembu asekhombise intshisekelo yokumsayinisa. Lapha eNingizimu Afrika imenenja yakhe ixoxisana neStellenbosch FC, Sekhukhune United neKaizer Chiefs. Okwamanje iStellenbosch neSekhukhune yiwona amaqembu asahamba phambili embangweni. IChiefs ayikacacisi ukuthi ifuna ukwenzani,” kubeka lo mthombo othembekile.

ISekhukhune United ayizibekile phansi emakethe. Muva nje isanda kusayinisa uKahomelo Mokotjo obegaqelwe yiChiefs. Ekuqaleni kwesizini ilande uVictor Letsoalo naye obekhonjwa kuMakhosi.

“Izingxoxo sezikuvuthondaba phakathi kweSekhukhune United nemenenja kaPatosi. Kubukeka sengathi kuyavunyelwa ngezithinta imali. IStellenbosch nayo izimisele ukumsayinisa uPatosi. Kubhekwe ukuthi icacise ekupheleni kwesonto ukuthi ngodaba oluthinta imali. Njegamanje uPatosi useKapa. Utheleke eNingizimu Afrika ngoMsombuluko. Indaba yokuvalwa kwewindi ngeke umnike inkinga. Yize iwindi livalwe ngoLwesibili kodwa usangakwazi ukusayina noma selivaliwe ngoba inkontileka yakhe neFooland uyinqamule iwindi lingakovalwa,” kuqhuba umthombo.

IStellenbosch sivika izembe kule sizini ngemuva kokugila izimanga ngesizini edlule. Sibuye sekuvalwe amehlo sibhekene neCape Town City ngeledlule kowabakhaya.

Njengamanje sihlezi endaweni ka-13 kulogi ngamaphuzu angama-20 ngemuva kwemidlalo eli-19. Sihlukaniswe amaphuzu amabili neSwallows eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni.

Amagalelo kaPatosi ayisidinga kulesi simo ababhekene naso njengamanje.

“UPatosi naye kubukeka engathanda ukudlala eKapa ngoba kusekhaya futhi yilapho akhulele khona. Nokho iStellenbosch kuzomele sikhuphule amasokisi ngoba iSekhukhune yisona okungathi sihamba phambili kulo mbango. NeChiefs uma ithatha isikhathi sayo izosala incela izithupha kanti uPatosi ubengayisiza,” kuchaza umthombo.

ISekhukhune sivunwa yizinto selokhu kuqale umzuliswano wesibili. Siyibambe endaweni yesithupha kulogi ngamaphuzu angama-24.

“Konke kuzocaca kahle ekupheleni kwesonto ngekusasa likaPatosi. Ngaphandle kwamaqembu akuleli amfuna uthuli unesinye isicelo eSaudi Arabia naseKazakhstan. Nokho usafuna ukuqale alalele amaqembu alapha ekhaya ngaphambi kokuthi abuyele emaqenjini aphesheya kwezilwande.” kubeka lomthombo.

UPatosi udlale kakhulu emazweni aphesheya kwezilwandle. Ugijime kuLokeren yaseBelgium ahlale kuyona iminyaka eyisithupha. Ngemuva kwalokho ubuyele ekhaya wajoyina iCape Town City. Uhlale kuyona amasizini amabili. Ngowezi-2019 ujoyine i-Esteghlal yase-Iran abebolekiswe kuyona iCity. Ngemuva kwezinyanga ubolekiswe kuBaniyas Sports yase-United Arab Emirates. Ngowezi-2020 ugcine ethengwa yiFoolad yase-Iran asanda kuhlukana nayo.

KuBafana usedlale imidlalo eli-12 wabasela enethini amagoli amathathu.

“Kuyangithusa ukuthi kungani iChiefs ithatha isikhathi ngodaba lukaPatosi. Esimeni abakusona bayamdinga umdlali ofana naye. UPatosi unegama kanti usekewanqoba izicoco lapha eMzansi naphesheya kwezilwandle. Usesigabeni lapho esekhule khona kakhulu njengomdlali. Ungumuntu womndeni. Okwesibili unesipiliyoni sokudlala phesheya kwezilwandle nakuBafana Bafana. Ungumdlali weqophelo leChiefs uma kukhulunywa iqiniso elimsulwa. IChiefs iyabadinga abadlali abanesithunzi,” kulandisa lo mthombo.

Abadlali abajoyine amaqembu amasha kuleli windi:

Cape Town City:

  • Bertrand Junior Mani (Colombe Sportive, Cameroon) and Lorenzo Gordinho (HB Koge, Denmark) noJuan Camilo Zapata (CD Hermanos Colmenarez, Venezuela).

AmaZulu FC:

  • Jody February (Mamelodi Sundowns) noJunior Sere Dion (Marumo Gallants).

Kaizer Chiefs:

See Also

  • Christian Saile Basomboli (Nchanga Rangers, Zambia) noThatayaone Ditlhokwe (SuperSport United – Inkontileka yesibambiso).

Lamontville Golden Arrows:

  • Sicelokuhle Hlatshwayo (Marumo Gallants).

Maritzburg United:

  • Jose Ali Meza (ubengenaqembu), Bradley Cross (Ubengenamaqembu), Kwame Peprah, Wayde Jooste (Bebesuka ku-Orlando Pirates) noRafiq De Goede (Stellenbosch FC).

Marumo Gallants:

  • Judas Moseamedi (Stellenbosch FC).

Orlando Pirates:

  • Craig Martin (Cape Town City), Ndumiso Mabena (Royal AM), Souaibou Marou (Cotton sport Garoua, Cameroon), noMakhehlene Makhaula (AmaZulu FC).

Richards Bay:

  • Ovella Ochieng (Township Rollers, Botswana).

Sekhukhune United:

  • Given Mashikinya (Maritzburg United) noKamohelo Mokotjo (Ubengenaqembu).

Stellenbosch FC:

  • Andre de Jong (Royal AM).

SuperSport United:

  • Serigne Mamour Niang (Teungueth FC, Senegal), Zukile Kewuti (Maritzburg United), noZakhele Lepasa (obolekwe ku-Orlando Pirates).

Swallows FC:

  • Bongani Sam (Obolekwe ku-Orlando Pirates) noDaniel Akpeyi (obengenaqembu).

Royal AM: Happy Jele (obengenaqembu).

Scroll To Top