Ukuvulwa kwePhalamende likaZwelonke nemithetho yakhona
Njalo ngoNhlolanja eNingizimu Afrika kuvulwa ngokusemthethweni iPhalamende likaZwelonke. Ngesikhathi izwe Lisandro kuthola inkukuleko kusuka ngowezi-1994 iPhalamende belivulwa ngehora lesibili ntambama obekwenzeka ukuthi iningi labantu lingakwazi ukuzwa inkulumo esuke yethulwa nguMengameli.
Njengoba leli lizwe libuswa ngentando yabantu kwaba nokuvumelana ukuthi lo msebenzi omkhulu kangaka osuke uthinta abantu bonke, uqale ngehora lesikhombisa kusihlwa.
Lokhu kwakwenzelwa ukuthi omdala nomncane akwazi ukuzwa inkulumo kaMengameli nokusuke kusezinhlelweni zePhalamende zonyaka.
Kulokhu iPhalamende lizovulwa mhla ziyi-9 kuNhlolanja nguSomlomo uNks. uMapisa Nqakula bese inkulumo yethulwa nguMengameli osesihlalweni uMnu uCyril Ramaphosa. Amalungu ePhalamende akhethelwe ukumela abantu okuyibo abasuke bevotele amaqembu ahlukene.
Ekuqokweni kwawo amalungu ePhalamende asuke esesebenzela umphakathi ngokubanzi kungakhathalekile ukuthi abeqembu elamvotela noma cha.
Yiwo la malungu aba yizwi labantu. Selokhu kwathi nhlo iPhalamende laseNingizimu Afrika liseKapa ngisho nangesikhathi sikahulumeni wengcindezelo.
NgokoMthethosisekelo wezwe njalo emuva kweminyaka emihlanu kubanjwa ukhetho lukazwelonke, nolwezifunazwe lapho kuqokwa khona amalungu ePhalamende. Kulokhu ukhetho luzobanjwa ngonyaka ozayo okubhekeke ukuba usuku lwalo lumenyezelwe ngaphambi kokuba lufakwe kuMqulu Kahulumeni.
Ukhetho lokuqala labanjwa ngonyaka we 1994, lolu lwangonyaka ozayo kuzobe kungolwesikhombisa ngaphansi kukahulumeni wabantu. Ngaphansi kwePhalamende kuneziNdlu ezimbili okuyisiShayamthetho sikaZwelonke kanye noMkhandlu Wezifundazwe.
Ngokwehlukana kweziNdlu zonke zineqhaza ezilibambile kudemokhrasi. Kukhona lapho uMengameli ethula khona inkulumo eziNdlini zozimbili sikhathi sinye.
Ngaphansi kwesimo esejwayelekile amandla ezwe alele kulo iPhalamende. Lokhu kusho ukuthi yilo eligunyaziwe futhi elinamandla okushaya imithetho liphinde liyiphasise.
Enkulumweni kaMengameli yokuvula kungenzeka athinte kweminye yemithetho ezophasiswa njengoba sekubikiwe kwabezindaba kuleli sonto.
Njengazo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika namalungu ePhalamende anawo amalungelo njengelnkululeko yokukhuluma lokhu okungaphakathi kuwe, kodwa lokho kuncike ekutheni uyayithobela yini imithetho nokuphathwa kwePhalamende.
Ngaphandle kwenkulumo kaMengameli okunye okuvame ukudonsa amehlo ngokuvulwa kwePhalamende kuba ingqephu nosaziwayo abasuke beyizimenywa. Akubuzwa ukuthi uMengameli uzothumela izimemo kubafundi abenze kahle kumatikuletsheni.