Ihlo lokuhlola insimu seliyinto yayizolo kubalimi



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Kunemisebenzi esiyaye sithi uma siyibuka siyibone ingenandlela yokuguquka. Ngenkathi sikhula sihlwanyela imbewu ngemuva kwesipani sezinkabi kwakungasifikeli nakancane ukuthi kuyoke kube nomshini okwazi ukutshala, ubale izinhlamvu ezitshaliwe, wehlukanise izikhala ezilingene, ufake umquba nezikhuthazi, ubulale ukhula, unisele, uze uvune lapho kutshalwe khona. Le mishini engikhuluma ngayo ithatha imisebenzi yabantu abaningi, igcine yenziwa ngumuntu oyedwa noma ababili futhi nabo abafundisiwe. Ukuqashwa usebenze emasimini bekuthathwa njengomsebenzi owenziwa ngabantu abangahlalanga kakhulu esikoleni. Njengoba kuyintwasahlobo sekuqala kulinywa, sekuzotshalwa, baningi abangasezukubuyela emsebenzini ngoba umqashi esenomshini owenza umsebenzi omningi, nangobunono obedlula obomuntu ophilayo.
Ongakaboni ukuthi konakele usalele ngengubo endala. Ukulima kufika ezingeni lapho sesiya ngokuya siba sincane isidingo sokuqasha abantu abaningi. Kadeni imboni yokulima iyimboni enenzuzo encane uma ubheka umsebenzi osemhlabathini. Ingenye yezimboni engasheshi ukutholakala inzuzo kuyo. Izisebenzi kule mboni zihola amaholo amancane okwenziwa wukungasheshi kwale mboni ukuletha inzuzo kumlimi.
Siya ngokuphela isidingo sokuhamba kushone ilanga umlimi ehlola amasimu. Ukuzungeza komlimi engena ephuma emasimini ehlola ukuthi zonke izinto zisemi ngomumo yini, sekuzokuba yinto yayizolo. Ngesikhulu isivinini sificwa yisikhathi lapho ezinye zezisho okwakhelwe kuzo ubumnandi bolimi lwesiZulu zizokuba wumlando ngoba zazisuselwe ekwenzeni kwabantu ngendlela ethile eyehlukile. Uma sekunomshini ondiza phezulu uhlole amasimu ubuyise umbiko kumlimi sizokuba wumlando isisho esimnandi sehlo lokuhlola insimu. Uma ukhuluma nengane ezalwa kule minyaka kuyodinga uyichazele kabanzi ukuthi lalehluke ngani ihlo lokuhlola insimu kulelo ebuka ngalo umuntu.
Zijikile izinto embonini yezolimo, ikakhulukazi engxenyeni yokulima nokutshala emasimini. Ziningi izinguquko ezenzekayo kule mboni, kodwa namuhla ngifisa kesibuke ubuchwepheshe osebusetshenziswa ukuhlola amasimu obubizwa ngedrone. Lolu hlobo lobuchwepheshe luqale ukusetshenziswa ngabathatha izithombe zemicimbi. Idrone ngingayichaza njengomshini onophephela abambalwa abayenza ikwazi ukundiza emoyeni ithathe izithombe. Ilawulwa wumuntu oyedwa emi nje emhlabathini, iye lapho eyithuma khona, ayibuyise ihlale phansi uma eseqedile ukuyenzisa umsebenzi, bese ethola izithombe ezehlukile kulezo abezozithola ukuba ubegibele esihlalweni noma phezu kwendlu.
Kwezolimo idrone sekuyinto esetshenziswayo ekwenzeni imisebenzi ethile ebeyidinga abantu abaningi ukuyenza. Okokuqala okwenziwa yidrone wukuhlola insimu. Ziningi izinto ezenza umlimi ahlole insimu. Emva kokwenziwa komsebenzi othile, ukulima, ukutshala, ukufaka umquba nokunye kubalulekile ukuba enze isiqiniseko ukuthi lokho kwenzeke ngendlela egculisayo. Akusenasidingo sokuba kube nomuntu ohamba ngezinyawo, ngesithuthuthu, noma ngemoto ozungezayo ehamba ehlola emasimini.
Umlimi noma umnikazi womhlaba okuzolinywa kuwo kumele abe nolwazi ukuthi yiziphi izindawo ezinamatshe, nezinezihlahla ezingadingeki noma okungamili kahle kuzo. Idrone ihlola konke okunjalo ibuyise umbiko kuye abese ethatha izinqumo ngendlela azolima ngayo. Lo msebenzi ungathatha izinsuku wenziwa ngumuntu, kwesinye isikhathi angakwazi ukungena kezinye izindawo, kube nombiko ongaphelele ngaleyo ndawo.
Abanye abalimi sebeqalile ukusebenzisa lolu hlobo lobuchwepheshe uma benisela lokho abakutshalile emasimini abo amakhulu. Le ndlela yokwenza umsebenzi ayinciphisi nje kuphela amathuba omsebenzi kubantu, kodwa iphinda ilimaze labo abakhe imishini yokunisela yakudala ehamba phansi.
Inkinga enkulu amukho umuntu okungaqondanwa naye asolwe ngqo ngalezi zinguquko. Wonke umuntu uhlale efuna izindlela ezingcono zokwenza umsebenzi wakhe ube nobunene futhi umnikeze inzuzo. Abanye baze balimise ngesihloko elokuthi uma bengase bathole umshini ongathatha indawo yomuntu kungabe bawele ngelibanzi. Bamchaza umuntu ngokuthi uthi esebenza abe ezicabangela yena, kanti umshini awucabangi lutho, wenza lokho okuthunywe ngumniniwo.
Lolu hlobo lomshini obizwa ngedrone ulusizo olukhulu kubalimi ngoba umlimi umlethela ulwazi oluningi ngezitshalo zakhe okudingeka ahlale phansi afunde umbiko awuhumushe bese elungisa izindawo ezidinga ukulungiswa ensimini nasemkhiqizweni wakhe. Maningi amathuba okulekelela ekuphuculeni umkhiqizo ngolwazi oluqoqwe ngale ndlela. Phakathi kwezinto ekwaziyo ukuzenza idrone singabala, umbiko ngempilo yalokho okutshaliwe, ukwehlukahlukana kokukhula kwezitshalo ngenxa zokwehlukana kokunotha kwendawo okutshalwe kuyo, kubonakale lezo zitshalo ezidinga ukunakekelwa okuthe xaxa ukuze kube nesivuno esihle esicishe silingane kuyo yonke insimu, ukubona lapho kudingeka khona amanzi kanye nokuhlola ukunotha komhlabathi kuleyo naleyo ngxenye yensimu.
Njengoba aboHlanga besalwela ukuthola umhlaba kungaba kuhle ukuba labo asebenawo bazicije bafunde izindlela ezizokwenza babe ngochwepheshe embonini yezolimo. Ngelinye ilanga siyonethulela umlimi woHlanga osehambe ibanga elide kulobu buchwepheshe ukuze aboHlanga bakhuthazeke, bangabalwa njengabasilele ngemuva.