Now Reading
Yinto engabuzwa ukuthi ikhono sinalo kwezemidlalo
Dark Light

Yinto engabuzwa ukuthi ikhono sinalo kwezemidlalo

Ngibingelele abafundi belaboHlanga ngithemba amaholidi abe mahle, ngibafisela engathi bengaba nonyaka omuhle noyimpumelelo.

NgoZibandlela nyakenye ngibe nenhlanhla yokuthi ngizithole ngibuka imiqhudelwano eminingi yasezindaweni zasemalokishini nasemakhaya.

Lapho ngibala umqhudelwano owaziwa kakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal oba seJoliviet njalo ngoZibandlela, iNdabase Cup, iKas Lam okuyimqhudelwano ebaKwaMashu, eminye ebiseNdwendwe naseWema eMlaza. Eminye bengiyibuka kumabonakude lapho ngikhuluma ngePhilly Games edlalwa eGoli obhuqwnini, okusuke kushunqa izintuli kuwona nobizwa nge-Imbewu Enhle Tournament nawo oseGoli.

Indlela ebengibuka ngayo ngihlabeke umxhwele kakhulu, lokhu kungitshele ukuthi impela lapha eNingizimu Afrika lento ekuthiwa “Ikhono” sinalo. Njengoba ngisakhaliswa ukubuka imiqhudelwano emincane kanje kushuthe impela likhona ikhono, ngoba nakwezinye izifundazwe bekudlalwa nakhona.

Kuvele kungixake ngempela ukuthi kungani sinenkinga engaka ekubeni sinezigidi zabadlali abangadlala kahle, iqiniso lithi lapha eNingizimu Afrika sinenkinga ezindaweni ezintathu, isezintini, isemumva kanye naphambili.

Ngokubuka le midlalo ngibonile ukuthi lenkinga esinayo ingaphela ngokushesha, kodwa umbuzo uthi kanjani? Ngokwami ngithi abaqeqeshi abahambele imidlalo yasezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ngoba ikhono ilapho engikholelwa ukuthi ligcwele khona. Okunye amaqembu alapha eNingizimu Afrika kuDStv Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship abayeke lento yokuqasha amakhehla abaqeqeshi abaqhamuka emazweni angaphandle ngoba yiwo abulala ibhola lakuleli.

Kuthathwa umqeqeshi ongenamlando ongakaze anqobe lutho ngakubo ngoba owaseSpain okanyeGermany anikezwe amandla afike ashitshe ibhola lalapha eNingizimu Afrika. Kodwa ke angikho kweyabaqeqeshi bangaphandle kakhulu, ngikulaba balapha ekhaya. Kungani ngempela bengaliboni ikhono elingaka.

Kuyimanje sinenkinga yonozinti kodwa sinenqwaba yabadlali abasemalokishi nasemakhaya abazidlalela imiqhudelwano, lapho angikababali laba abavimba koSAB League naku-ABC Motsepe League. Kumaqembu ali-16 kwiDStv Premiership sithembe ukuthi babili onozinti abangavimba eqenjini lesizwe uRonwen Williams weMamelodi Sundowns noVeli Mothwa wa-AmaZulu FC.

See Also

Phezu kwalokho sinenkinga yabagadli ingakho nje kuyimanje kubantu abanamagoli amaningi kule sizini kwabangaphandle okunguBonfils-Caleb Bimenyimana weKaizer Chiefs odabuka eBurundi noPeter Shalulile weSundows yena waseNamibia. Kunabagadli ababili engibabonile okunguSnethemba Ngidi kanye noMxolisi Mthiya, ngendlela abebedlala ngayo ayi ukuthi bakwazi ukujikana into abadle ngayo igoli ngasho ngenhliziyo ukuthi ukube abaqeqeshi bamaqembu aphezulu bebekhona bebezobathatha ngoba ngokusho kwabo kuyimanje abanamaqembu.

Ngithi impela manje kumele kushintshe ngempela ukwenza manje, asibuyeleni esikweni lethu lakudala lokudlala ibhola laselokishini ayi lento yase-Europe ngoba sekucacile iyasihlula. Lokho kuzokwenza amaqembu asebenzise abadlali abaqhamuka emalokishini, oJabu Pule/Mahlangu, uSiyabonga Bhele Nomvethe bagqama ngemidlalo yasemalokishini.

Isibonelo nje iChiefs isayinise uLazarous Kambole waseZambia, umhlola womdlali uzothola ithuba eqenjini elikhulu kangaka wafike wabhacaza. Ukube lelo tuba latholwa umfana nje odlala ku-ABC Motsepe noma kwiMotsepe Foundation Championship wayezokwenza okungcono.

Inhlangano ephethe unobuthsuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA) nayo ayiyiseke imiqhudelwano ihanjelwe abaqeqeshi, ngiyazi ukuthi uRhulani Mokoena weSundowns uyayihambela eyaseGoli, uSibusiso Vilakazi oqeqesha iqembu la-AmaZulu FC kwiDStv Diski Challenge (DDC) naye nginakho ukumbona nomphathi weRichards Bay FC uSfiso Jomo Biyela nabanye abasike iphethini.

Scroll To Top