Now Reading
Ushokoledi kaJeb
Dark Light

Ushokoledi kaJeb

UJeb wayemusha. Engenaye noyedwa umngani. Wayenesizungu. Wayehamba edangele, ekhahlela amatshe.

Wayenoshokoledi ephaketheni lakhe, kodwa lokhu akuzange kusize. Wayesazizwa edangele.

Wayenoshokoledi kodwa wayengenabo abangani. UJeb wazithela phezu kwentombazanyana. Yayikhala. “E … ngabe kukhona engingakusiza ngakho?” “Cha.” UJeb wacabanga kancane. “Ngabe ungawuthokozela ushokoledi?” Intombazanyana yamamatheka. “Ngiyabonga.”

See Also

UJeb kanye nentombazanyana bahambisana. Babona sebeqhamukela kwababelwa! Kwakulwa abafana ababili. UJeb wathi ukucabanga umzuzwana. “Ngabe ningawuthokozela ushokoledi?” Abafana bayeka ukulwa. “Yebo!” UJeb nentombazanyana kanye nabafana ababili baqhubeka nohambo. Nakho sebezithela phezu kowesifazane nenja.  Inja yethuka kakhulu lapho ibona uJeb nentombazanyana kanye nabafana ababili, nokwabangela ukuthi ibaleke. Kwathatha sikhathi eside ukuthi bayibambe. Owesifazane wayethukuthele egane unwabu. “Ngabe ungawuthokozela ushokoledi?” Owesifazane wamamatheka. “Yebo! Ngingabonga kakhulu!” UJeb wamnika ushokoledi wokugcina osele. Yena akazange asalelwe ushokoledi. Kodwa-ke wayesenabangani!

Scroll To Top