Now Reading
Nakanjani u-Eskom uzobe uyingxenye yokhetho lowezi-2024
Dark Light

Nakanjani u-Eskom uzobe uyingxenye yokhetho lowezi-2024

Njalo ngonyaka wokhetho kubakhona izinto noma into eba sematheni neyenza abantu balivotele noma bangalivoteli iqembu. ENingizimu Afrika eminyakeni eyedlule udaba lokuthuthwa kwendle nezindlu zangasese, ubugebengu kanye nokungatholakali kwamanzi ahlanzekile yikho obekuginqa amaqembu.  Lezi zinto zivame ukugqama uma nje sekusele izinyangana kube nokhetho. Nokho kulokhu kubukeka sengathi sekukhona into nje eyodwa esigqamile ukuthi yiyo ezoba yimpikiswano kumaqembu azobe efuna ukuvotelwa.

Ukucima kukagesi kuleli sekufike kuvuthondaba. Akusewona nje kuphela amabhizinisi akhala ngokulahlekelwa yinzuzo kepha nabantu phaqa kabasahlalisekile kahle. Lesi simo sokucima kukagesi sesiphoqe ukuba kuguqulwe ibhodi. Kuthe kusenjalo kwabe sekucima ezinye izibani ngaphakathi ngesikhathi isikhulu sakwa-Eskom esiphezulu uMnu u-Andre de Ruyter ememezela ukuthi uyesula. Lokhu nje kukodwa kukhombe ukuthi uyabhidlika umthangala. Kusuka ngonyaka we-1994 uDe Ruyter useyisikhulu se-15 ukwehla esikhundleni kanti ubengakaqedi neminyaka emithathu ekuso.

Kubukeka sekuphele amagama nakubo abakhulumela u-Eskom njengoba kwaqala kwathiwa ucima nje ugesi yingenxa yenkohlakalo ebikade ibikwa yamadlegwavuma akwaGupta. Kuthe kusenjalo zaguquka izizathu zathi konke lokhu kudalwa yizenzo zabathile abanenhloso yokucekela phansi impahla yombuso. Nakubo osopolitiki sekuphele amagama ngisho kosopolitiki abathintene no-Eskom kusuka kuMengameli uRamaphosa, iphini lakhe uMabuza ngisho nakuNgqongqoshe uGordhan obheke ukusebenza kuka-Eskom.

URamaphosa uze waphoqeleka kulokhu ukuba angayi emhlanganweni omkhulukazi wamazwe nowaziwa ngeWorld Economic Forum obuqala ngoMsombuluko. Kuthiwa unqume ukuba azimazise ekhaya njengoba ukucima kukagesi kusezingeni elethusayo. Nguye uRamaphosa okwathi eselisekela mengameli likaZuma wanikwa amandla ukuba eluse ukusimama kuka-Eskom. Wakha into okuthiwa yiWar Room nathembisa ukuthi ngayo uyoqeda izinkinga zikagesi. Sekungumlando ukuthi lokho akwenzekanga kunalokho izimo ziyaqonga.

Unede wakhuphukela kwesikamengameli uRamaphosa izintambo zathathwa yisekela lakhe.

Ephawula uMabuza esePhalamande ngonyaka owedlule wathi kudingeka izinyathelo ezinqala ukusiza u-Eskom. “Njengezwe, sithi ngeke sikwazi ukuphila kulesi simo unomphela. Kufanele kwenziwe okuthile okuqinile. Manje okumele kwenziwe, u-Eskom kumele asizwe ukuze athole uphathina ukuze abe nezinsiza ezikhona azokwengeza ekuphehleni kwakhe ugesi, lokho kufaka iziteshi ezintsha zikagesi. Uma bengafaka iziteshi zikagesi ezintathu noma ezine lokho kungasimamisa inkinga yethu,” kuchaza uMabuza.

Ebuzwa ngaleso sikhathi ngomphathi wakwa Eskom wabeka umbono wakhe wathi  “Nginganitshela malungu ahloniphekile kuCEO sinomphathi omuhle kakhulu lapho. Kodwa khumbula ukuthi ulethe lo mphathi omuhle entweni egulayo. Into engazinzile, into ebhidlikayo. Futhi ngeqiniso lokuthi yebo sinakho ukucishakonga ugesi, kodwa usaqhubeka nokukhanyisa izibani futhi uzama kanzima ukuyinakekela.

Ngicabanga ukuthi kufanele sidumise lapho kufanele khona; Ngicabanga ukuthi kumele simncome ngomsebenzi owenziwe kahle. Nokho-ke njengezwe sithi asikwazi ukuphila kulesi simo unomphela. Kumele kwenziwe into enzima,” kuphendula uMabuza.

UNgqongqoshe uGordhan yena kuze kube yinamuhla akuzwakali ukuthi uthini ngoba kwathi uma abantu abehlukene bephawula wabasola ngokuthi kabangayenzi ipolitiki indaba yakwa-Eskom.  Ngeshwa lakhe lomholi udaba lika-Eksom luyipolitiki. Futhi kungegcine lapho kepha yilo oluzosho ukuthi engabe abantu bayayivotela noma cha i-ANC.

Ephawula ngonyaka owedlule uMnu uMabe wathi: “Sikhathazekile ngokuthi sesifika esigabeni sesithupha (stage 6). Angiboni kwanele ukude simemezana no-Eskom. Ngicabanga ukuthi abantu baseNingizimu Afrika balindele uholo kuKhongolose. Laba esibajube kuhulumeni kumele basebenze ngamandla.  Asizode sibizana no-Eskom nebhodi, lesi yisikhathi sokuba senze,” kusho uMabe.

Aphikisayo kawezwa mshini

See Also

Amaqembu aphikisayo kuleli  aseqalile ukuyikhomba eqenjini elibusayo yonke inkinga kagesi kuleli. Iphawula muva nje Inkatha Freedom Party yathi “Uma sibala  ngonyaka nje wezi-2022  kube yizinsuku ezingama-81 abakuleli bengenagesi  nokulinganiselwa kumahora angama-2 000 okungabi nagesi ngowezi- 2022,” kukhala abe-IFP. Leli qembu limemezele ukuthi lizoba nemikhankaso yokuphoqa izinguquko odabeni lukagesi khona lapho balwisane nokukhuphuka kwamanani kagesi amenyezelwe muva nje.

Elinye iqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters ithi isixazululo odabeni lwaka Eskom wukuba kwesule uRamaphosa nabamsola ngokuba ngubhongoza kukho konke lokhu okwenzakala kwa-Eskom nangokucima kukagesi.

Kwistatimende sabo sakamuva ngaloludaba izitoyitoyi zithe “Abantu kumele bazi ukuthi konke kusezandleni zabo ukuba bazikhulule kulohulumeni odunguza ehlathini elimnyama.”

Okusobala ukuthi iqembu elibusayo lizoba kwingcindezi ngonyaka ozayo, lengcindezi izobe inogesi nokungahle kuholele ekujezisweni ngabavoti.

Umbuzo leli qembu lingakwenza yini lokhu osekwayehlula iminyaka, likwenze ngesikhasthi esingunyaka ukulungisa udaba luikagesi. Impendulo kulokhu imqoka ngoba uyoliletha noma ulixoshe ivoti.

Scroll To Top