Now Reading
Enganeni abazali bobabili banamalungelo
Dark Light

Enganeni abazali bobabili banamalungelo

Ngiyabingelela kwaboHlanga. Kuleli sonto sethula ingosi entsha nenhloso yayo kuwukuqwashisana ngokusebenza komthetho. Phakathi kwezihloko esizolunguza kuzo kukhona lezi ezilandelayo;  Inkantolo nomthetho othinta izingane, ezingamacala egazi, ezithinta imibango, incwadi yamafa, izinxephezelo zokulimala emgwaqeni, umgudu wokuba nesithembu, amacala esondlo, amacala odlame lwasekhaya kanye nezinye izihlokho ezahlukene.

Kulokhu sizoqala ngokubheka ilungelo lomzali wesilisa (ubaba). Sizogxila kakhulu lapho ubaba  esenkingeni yokwalelwa ngumama wengane ukubona ingane ngoba bengashadile. Mhlawumbe asiqale lapho amalungelo ethu sonke eqinisekiswe khona, kumMhethosisekelo wezwe. Engabe uthini uMthethosisekhelo wethu ngezingane?

UMthethosisekelo wezwe usiqinisekisa ukuthi sonke siyalingana. Umbuzo ongalandela manxa sikhuluma ngabazali ngothi ngabe abazali bobabili bayalingana yini uma kufika enganeni.  Amalungelo kamama ayaqhubekela yini nakwamanye amalungu omndeni wakhe njengoba sesike sizwe ukuthi uma umzali engasekho ubaba useke anqatshelwe ngugogo noma umkhulu wayo ngasohlangothini lukanina. Sizwa izinsolo ezahlukene zivela kubantu besilisa ekutheni bayavinjelwa noma bajezizwe kusetshenziswa izingane. Kwala ngisho abazali bebeshadile base behlukana izinsolo zithi indlela yokwenza izinto yabanye omama iyefana.

Okumsemqoka ukuthi umthethosisekelo unaso isigatshana somthetho esiphathelene neziNgane u-(28). Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi amalungelo engane abalulekhe kangakanani. Eyona mpi enkulu eyesondlo, futhi ngisho kuthiwa ubaba wengane uyakukhipha lokho akukhiphayo, kuyohlezi kungenele, asazi noma kuyiqiniso noma cha. Kodwa khona kuyiqiniso elingephikwe ukuthi umzali ohlala nengane nguye oba sezindlekweni kakhulu.

Umthetho ukwenze kwacaca ngokusobala ukuthi ilungelo lokuthi ubaba wengane abone ingane yakhe akuncikile ekutheni uyayondla noma akayondli. Okusho ukuthi ilungelo lokubona ingane liyilungelo elizimele. Lokhu futhi ukubona ngokuthi kunenkantolo ebhekelela ukondliwa kwezingane bese kuba nenye inkantolo ebhekele ubulungiswa emacaleni athinta izingane.

Uma ubaba wengane ethanda ukuyibona ingane yakhe, kuyilungelo lakhe lelo. Futhi uma usuthi uthatha ukubheka izinkantolo zethu sizama khona ukusiza thina bohlanga. Yebo ubaba wengane  akangiphathanga kahle ngizithwele, futhi uxhaso olufane noma oluncane akanginikanga lona kodwa khe umbuzo umile ingabe ngiyamjezisa yini ngokuthi angabi nabo ubudlelwane ngenxa yendlela angiphatha ngayo ngesikhathi ngizithwele, noma ngincinsha ingane yami ithuba lokuthi izazi ukuthi ingeyakwa bani futhi abakhubo baphila impilo enjani. Angijezisi yini yona ingane ngokuyithwalisa amacala kayise, nokuyivimba ithuba lokuthi ibe utho kusasa. Mina mama womtwana akuvezi yini ngokusobala ukuthi nginaqubu futhi ngifuna imihla yonke ukuzwisa ingane noyise ubuhlungu nami engabuzwa?

Ubudlelwano phakathi kukamama noma umndeni ohlala nengane kanye nobaba wayo nokuthi baxhumana kanjani maye kubalulekile. Asikhulumi ngobaba bezingane abangazazi ukuthi banezingane abafuna ukulandelelwa, bekhunjuzwa. Sikhuluma ngobaba bezingane abacelayo ukuthi babone ingane. Abaphosayo esivivaneni, abangayekhi ukuzama ngenxa yokungaphathwa kahle uma bethi bayazama ukufona noma ukuthengela ingane okuthile.

Uyakwazi ubaba wengane ukufaka isicelo sokubona ingane enkantolo, kubalulekile ukuthi ayazi ukuthi ihlala kuphi ingane nobani ngoba phela nomabhalane enkantolo badinga ukwazi ukuthi uma bekhipha isimemo sokuthi umama wengane afike enkantolo sizoyiswa kuphi.

Uma sikhuluma futhi ngaso isicelo sokubona ingane, siyabakhona isidingo sosonhlalakahle ukuthi benze umbiko. Lo mbiko ubalulekile ngoba iwona olekelela inkantolo kwisinqumo esuke izosithatha. Ngoba phela inkantolo nabameli abakufundelanga ukululeka ngokwengqondo. Usohlalakahle futhi wenza ukuthi ingane ikhululeke ikwazi ukukhuluma okungaphakathi kuyo. Kubalulekile ukuthi izwi lengane lilalelwe ngoba ilona elibaluleke kakhulu.

See Also

Ukuthathela umthetho ezandleni zethu, akulungile ngoba umuntu usuke ezicabangela yedwa esikhathini esiningi futhi lokho kuphambene nomthetho wethu. Ukuhlala ebudlelwaneni ngenxa yokuthi umuntu usaba ukuthi uma ephuma kulobo budlwelwane bazomqaphela ukuthi abone ingane akulungile futhi akuyona into esiyigqugquzelayo ngoba inemithelela emibi ikakhulukazi enganeni ngoba abazali bacabanga ukuthi ingane ayiboni ukuthi itiye alisenawo ushukela.

Umthetho wezingane (ACT 38/2005) ukubheka ngokusobala amalungelo kababa oshadile nalowo ongashadile uma kuphathelene namalungelo engane. Futhi iwona umthetho lowezingane ovezayo ukuthi isicelo sifakwa kanjani.

Alikho ilungelo elidlula ilungelo lengane. Kuwumthwalo wethu sonke ukubhekelela ukuthi ekwenzeni kwethu asiwacindezeli amalungelo engane. Mhlawumbe futhi kubalulekile ukuthi siwabhekha ukuthi athini amalungelo engane ngengoba ebhaliwe kumthetho wezingane (ACT 38/2005).


Lombhalo  awusona  iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top