Bamqala okaNdaba engaqali muntu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.

Emuva kokuvela kwesithombe sikahulumeni ohlonipha uBukhosi neSILO esesihlezi eSihlalweni leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi isenzo somunye bongqongqoshe kuhulumeni kaRamaphosa singahle sicijise imikhonto phakathi kweSILO kanye nohulumeni oholwa nguRamaphosa.
Konke lokhu kusuka kusenzo Omdala asihumushe njengokuthi kudelelwa yena, uBukhosi noZulu wonkana. Indaba ithinta okungumongo kaZulu umhlaba. ElaboHlanga linazo izincwadi ezisayinwe yiSILO uqobo.
Encwadini ebhalwe ngomhla zingama-20 kuZibandlela wonyaka owedlule sibhalele uNgqongqoshe uThoko Didiza (Wezolimo, uMhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya) nayilapho besiphendula incwadi yakhe ebibhalwe ngomhla zili-16 kuZibandlela nayo elandela ayibhala mhla zingama-30 kuLwezi.
Kule ncwadi ebibhalwe nguNgqongqopshe ngoLwezi ubazisa ISILO ukuthi yena ngqongqoshe useqoke amalungu ebhodi le-Ingonyama Trust. Lokhu kakwehlanga kahle koNgangezwe Lakhe nosole uMhlonishwa ngokwephula umthetho.
Okugqamayo encwadini yeSILO yikuthi kaseneme ngokuba senziwe udibi ngungqongqoshe asithathele izinqumo noma athathe izinqumo engathintananga naso.
NgokweSILO njengoba kwabe kunjalo kwiNgonyama endala (uBhejane) Ingonyama Trust iluhlaka loBukhosi nokudingeka uBukhosi nezinhlaka zabo okungaMakhosi ezizwe kuthinteke.
Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi sihamba nje ISILO esidala vele kasiyizwa kahle eyamanye amagama ayefakwe ebhodini ngaleso sikhathi. Miningi imizamo eyenziwayo ukuba liguqulwe ibhodi leli nokho indaba yayifike ibhajwe kuBhejane manxa sekuthiwa akuphume isandla seSILO sokuphosa uMehluleli uNgwenya.
NjengoSihlalo uMehluleli uNgwenya kaqokwa ngusopolitiki (uNgqongqoshe noma uNdunankulu) kepha uqokwa yilo iBhubesi uqobo.
Ibe miningi imizamo yokuba kuguqulwe uBhejane ngoMehluleli ayembiza ngesandla sakhe sokuphosa. Ezinyangeni nje ezimbalwa uBhejane engakebuzi ungqongqoshe ngomlomo wakhe wabika ukuthi uzoba nophenyo oluzobheka izinsolo ngoNgwenya.
ISILO esidala samphendula ngencwadi (elaboHlanga elinayo) uMhlonishwa uDidiza nayilapho sathi ‘uma enecala uNgwenya kaphenywe kepha uNgqongqoshe kabhale phansi izinsolo lezi kanye nendlela ezolandelwa, alethe nakuso ubufakazi’. Size sebuza ISILO esidala uMhlonishwa engakakwenzi lokho okwabe kushiwo yiSILO.
Ekhuluma OSuthu ngoMasingana wezi-2021 uBhejane wathi: “Angifuni kuthiwa ngivikela uMtimande. Uma kukhona ubugwegwe kalungiswe. Kepha engeke ngikumele wukuthi kuthi uma abantu befuna ukugila imikhuba ngenhlabathi kaZulu bese bekhuluma ngophenyo. Nanamuhla ngisalinde icala lakhe nobufakazi nokuthi lifakwe ngubani.
“UNgwenya lo ujutshwe yimi njengesandla sokuphosa uma kukhona onolwazi ngamabatha akhe akeze phela kimi ngizilungisele yena, ngimtalabhe ingani ujutshwe yimi,” kusho uBhejane.
Umlando wedokodo uyaziphinda
Ngokwezincwadi ezisuka ngomhla zi-5 kuZibandlela ngowezi-2022 ISILO kaseneme ukuthi uhulumeni omelwe nguNgqongqoshe ngaphandle kokubonisana naso ukuze sibonisane naMakhosi neNdlunkulu useqoka amagama abantu ukuba bahlale eBhodini lento sona esiyiNhloko yaso.
Ngokomthetho yiso esiyinhloko bese iBhodi lilekelele ukusebenza kwansuku zonke. ElaboHlanga linalo uhlu lwamagama aseqokwe nguNgqongqoshe Okumangalisayo encwadini ISILO esiyibhalele uMhlonishwa uDidiza nakhona sikhala ngedokodo. Kulokhu OMdala wabe ebuza kungqongqoshe ukuthi aphi amaminithi noma imibhalo ayeqopha abebekukhuluma noBhejane nokufakazela lokhu uMhlonishwa akushoyo encwadini nasemhlanganweni abe naye kuwo. INdlulamithi ixwayise uNgqongqoshe ukuba angalokothi aphule umthetho bese efaka yona emikhubeni ayigilayo. Ibe seyeluleka uMhlonishwa ngamagama ashubileyo.
“UNgqongqoshe uchaza ukuthi kasiboni isidingo sokuba kube nokuxhumana njengoba kusho umthetho, umile ekutheni angeke awulandele. Lokhu kulishwa ngoba ngeke ngivume ukuba ungenze ngephule umthetho. Ngeluleka ukuba uNgqongqoshe afune izeluleko zomthetho kulokhu. Uma lokhu kwehluleka mina qobo ngizokwenza njalo ngokuphuthumayo,” kusho iMbube yomhlaba.
Iqhubeke yabhodla yathi lapha encwadini: “Ngenhlonipho nginxusa ukuba uNgqongqoshe alubukisise lolu daba. Angiphendule iphuzu nephuzu kulokhu engikubhalile asho ukuthi kukuphi lapho ukwenza kwakhe kulandele umthetho.”
ISILO encwadini yaso yangomhla zingama-20 kuZibandlela sazise uNgqongqoshe ukuthi akukho okuzojika, uMehluleli uNgwenya njengoba kwabe kunjalo kuyise uzoqhubeka abe yisandla saso sokuphosa abe nguSihlalo weBhodi le-Ingonyama Trust.
Ikomiti nezeluleko zomthetho
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi ISILO sesijube ithimba elizobhekana nalolu daba ngokomthetho lathi uMehluleli uNgwenya kenze konke okusemandleni akhe ukuba kubhekwane nongqongqoshe. Ecwadini ajuba kuyo uNgwenya nebhalwe ngomhla zingama -20 kuZibandlela, ISILO sithi: “Encwadini yangomhla zingama-30 kuLwezi, 2022 uNgqongqoshe wethule incwadi kimi engitshela ukuthi useqoke abantu abane. Ngokwakhe lokhu kungitshela ukuthi kulingana nokubonisana nami…. Ukwenza kwakhe kumveza njengomuntu olibhoklolo,” kusho ISILO. Ikomiti leli lakhiwe nguMehluleli uNgwenya, aMaKhosi uShinga onguSihlalo weNdlu, iNkosi uMolefe neNkosi uMzimela.