Ngibonga bonke abangisekayo – Akhona
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
U-Akhona Makalima ongunompempe wesifazane walapha eNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo, ubonge bonke abamusekile endleleni yakhe njengoba ethole ingqayizivele yethuba lokudlalisa iNdebe YoMhlaba yabesifazane.
Le Ndebe YoMhlaba izobanjelwa e-Australia ngokubambisana neNew Zealand kusukela mhla zingama-20 kuNtulikazi kuya mhla zinama-20 kuNcwaba.
Le ntokazi eneminyaka engama-34 yaseNqamakwe e-Eastern Cape, iqokelwa ukuthi idlalise iNdexe YoMhlaba nje nyakenye ibiyingxenye yonompempe abebedlalisa kowe-African Women’s Cup of Nations (AWCON), eyayibanjelwe eMorocco neyagcina inqotshwe iBanyana Banyana.
“Inhliziyo yami igcwele injabulo nokubonga okukhulu. Leli iphupho lawo wonke umuntu ongunompempe ukudlalisa imiqhudelwano emikhulu. Ngibonga uMengameli weSAFA uDanny Jordaan, isifundazwe engidabuka kuso, onompempe engidlalisa nabo abangikhulisayo kulo mdlalo. Ngibonga bonke abantu abadlale indima ohambeni lami olusaqhubeka” kusho u-Akhona.
Kwabalapha e-Afrika u-Akhona uqokwe noBouchra Karboubi waseMorocco, uVincentia Amedome waseTogo noSalima Mukansanga yena waseRwanda onomlando wokuba ngowesifazane odlalise iNdebe YoMhlaba yabesilisa nyakenye.
Kule minyaka eli-12 idlalisa le ntokazi ikwazile ukuthi idlalise kuzona zonke izigaba lapho kubalwa iSAB League, i-ABC Motsepe League, GladAfrica Championship/Motsepe Foundation Championship nakuDStv Premiership. Isifiso sayo ukuthi ngelinye ilanga idlalise iSoweto Derby lapho kusuke kudlala i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.