Ingqungquthela eRwanda inyakazise inhlese yendulo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkosana yaseBritain uCharles izwakalise ukudabuka okukhulu ngobugqila enkulumweni yakhe kubaholi beCommonwealth eRwanda ngoLwesihlanu futhi yavuma ukuthi izimpande zale nhlangano zisesikhathini esibuhlungu somlando.
ICommonwealth, ikilabhu yamazwe angama-54 eyavela eMbusweni WaseBritain, ihlanganisa cishe ingxenye yesithathu yesintu futhi iziveza njengenethiwekhi yozakwethu abalinganayo, kodwa amazwe athile angamalungu abelokhu efuna ukubalwa nesikhathi esidlule samakoloni. “Ngifuna ukwamukela ukuthi izimpande zenhlangano yethu yesimanje zingena shí esikhathini esibuhlungu kakhulu emlandweni wethu,” kusho uCharles etshela abaholi beCommonwealth emcimbini wokuvula ingqungquthela yezinsuku ezimbili eKigali. “Angikwazi ukuchaza ukujula kosizi lwami luqobo ngokuhlupheka kwabaningi njengoba ngiqhubeka nokujulisa ukuqonda kwami umthelela ongapheli wobugqila.”
IBritain nezinye izizwe zase-Europe zagqilaza abantu base-Afrika abangaphezu kwezigidi ezili-10 phakathi nekhulu le-15 nele-19 futhi babawelisa i-Atlantic ukuze bayosebenza kanzima emasimini aseCaribbean naseMelika. Abaningi bafela endleleni.
Amalungu eCommonwealth ahlanganisa amazwe aseNtshonalanga Afrika anjengeNigeria neGhana, lapho kwathunjwa khona izigqila, kanye namazwe ali-12 aseCaribbean lapho achitha khona ukuphila kwawo konke.
ICommonwealth ayikaze ibambe iqhaza esidlangalaleni ngefa lobugqila. Abanye ongqongqoshe baseCaribbean bacele ukuthi kuxoxwe ngayo, okuhlanganisa nodaba lokunxeshezelwa, uCharles angalukhulumanga. “Uma sifuna ukwakha ikusasa elifanayo elizuzisa zonke izakhamizi zethu, nathi kumele sithole izindlela ezintsha zokwazisa okwedlule. Kalula nje, le yingxoxo isikhathi sayo sesifikile,” kusho uCharles.
Izihambeli eziningi zithe ukuphawula kukaCharles kuwukuvuma okwamukelekile kokuhlupheka okudlule, kodwa zengeza ngokuthi kufanele kugxilwe esikhathini esizayo. “Asizile ukuzongena emlandweni omnyama. Sifuna ukubona ukuthi siqhubekela kanjani phambili,” kusho uLiberata Mulamula, onguNgqongqoshe Wezangaphandle eTanzania.
Amalungu amasha
UMengameli waseRwanda uPaul Kagame, izwe lakhe lajoyina iCommonwealth ngo-2009, unikeze umbono ohlukile enkulumweni yakhe kubaholi ababebuthene, ngaphambi kokuthi uCharles akhulume. “Iqiniso lokubamba lo mhlangano eRwanda, ilungu elisha elingenalo uxhumano lomlando noMbuso WaseBritain, lizwakalisa ukukhetha kwethu ukuqhubeka nokucabanga kabusha iCommonwealth ukuze kube nezwe eliguqukayo,” esho.
Le ngqungquthela izocubungula izicelo zamakoloni aseFrance angaphambili iTogo neGabon zokujoyina iCommonwealth, uphawu lokudangala ngaphakathi komkhakha wethonya laseFrance e-Afrika kanye nezinto eziheha ikilabhu ekhuluma isiNgisi.
Le ngqungquthela ihanjelwe izinhloko zemibuso nohulumeni ezingama-29. Amanye amazwe angamalungu angama-25, okuhlanganisa iNingizimu Afrika, i-India, iPakistan, i-Australia kanye neNew Zealand, athumele izithunywa eziholwa ngongqongqoshe noma osomaqhinga.
Amazwe angamalungu avotele ukugcina uPatricia Scotland njengoNobhala Jikelele ngemuva kokuthi amazwe athile ahlanganisa neBritain ezame ukumkhipha esikhundleni sakhe kwafaka uKamina Johnson Smith, onguNgqongqoshe Wezangaphandle waseJamaica.