Umalamulela waboHlanga
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Njengoba kuphela unyaka, abantu abaningi bangesolwe uma bezibuza ukuthi njengoba isimo sezwe sezomnotho sintenga kanje, izinhlaka ezisungulelwe ukuthuthukisa umnotho ngabe zisebenza ngendlela yini futhi zinawo yini umthelela omuhle kubona. ElaboHlanga lakha umkhanya nge-Ithala Development Finance Corporation.
Umlando waseNingizimu Afrika uthi aboHlanga ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini balahlelwe ngaphandle okwenyongo yenyathi. Uhulumeni wobandlululo wayesebenzisa amalokishi njengezizinda zokugcina aboHlanga njengezimbamgodi ekufanele zibizwe ukuzophakamisa izimpilo zabamhlophe kuphela. Nezindawo zasemakhaya zazithathwa njengezindawo ezingafanelwe yintuthuko.
Yize uhulumeni wobandlululo kwakuyisikhondlakhondla sesiqhwaga, lezizindawo zibe naye umalamulela okwazile ukuthi yize kunzima nenkece ingatholakali kalula kodwa atibile ukuthuthukisa lezizindawo. Eminyakeni engaphezu kwengama-60 eyedlule kwakhiwa i-Ithala Development Finance Corporation.
Lelibhange selokhu lasungulwa ligxile ekusizeni aboHlanga. Izimboni, nezizinda zezitolo zakhiwa ezindaweni ezifana naKwaMashu, eMandeni (KwaSithebe), naseZakheni. Ngokwakhiwa kwalezizizinda kwabangela ukuthi izindawo zasemakhaya nasemalokishini kwakheka amathuba emsebenzi futhi kwazala osomabhizinisi boHlanga.
Namuhla isizinda Isithebe Industrial Park okuyindawo yezimboni, singesihlonishwa nesikhulukazi ezweni. Ngenxa yohlelo lokulungisa kuvuselelwe zonke izizinda zokuhweba, ISithebe Industrial Park seyisayinde isivumelwano nenkampani enkulu eyakha izimpahla zokugqoka okuzokwakha amathuba amaningi emisebenzi kulendawo. Izizinda zezimboni azigcinanga ngokuba semakhaya nasemalokishini kepha ngokukhula kweThala nokuvuleleka kwezindawo zasemadolobheni emuva kokuwa kwahulumeni wobandlululo Ithala linabele nasemadolobheni, okuyinto enike aboHlanga ithuba lokuhweba yonke indawo ngaphandle kwemkhawulo yahulumeni wobandlululo.
Umalamulela oyi-Ithala awugcinanga ngokwakha izizinda zezimboni nezitolo,Ithala liphinde lakuqonda ukuthi kubalulekile ukuthi aboHlanga bayaludinga uxhaso lwezezimali zokuqala amabhizinisi. Baningi osombabhizinisi abagcina sebehlonishwa ngenxa yempumelelo yabo emva kokuxhaswa yiThala. Kunezikhwama ezisunguliwe ukulekelela aboHlanga. Kunesikhwama sokulekelela ukuthi aboHlanga bakwazi ukuthenga impahla eningi khona bezothola izaphulelo. IZimele Traders Fund yona eyokuboleka abasemakhaya nasemalokishini ehlinzeka ngezi-R100 000 isitolo ngasinye.
Ithala lixhase aboHlanga ezinhlakeni eziningi zamabhizinisi. Aligcinanga ngokuxhasa abafuna ukuqala izitolo kepha nalabo ababefuna ukusungula izimboni ezikhiqiza izidingo ezahlukahlukene. Alikho izwe elingasimama uma lingagxilile kwezolimo njengoba lemboni ingagcini nje ngokukhiqiza ukudla kepha iphinde ikhiqize izidingo zesizwe. Imboni yomoba yaziwa ngokukhiqiza ushukela, kepha amakhafilithi kuphinde kwenziwe ngawo izinto eziningi ezifana nokokugcoba umlomo, izivikeli zabasebenzi, amakhemikhali, uwoyela, nokunye. Kungalesisizathu IThala labona kukuhle ukuxhasa aboHlanga ukuthi bathenge amapulazi akhiqiza okwakuhlakuhlukene.
Izwe elingayinakekeli intsha yalo lisuke lizigwaza ngowalo njengoba intsha iyikusasa lalelozwe. Eminyakeni eyedlule IThala lisungule uhlelo lwe-Inkunzi Isematholeni. Inhloso yaloluhlelo kungukhuthaza abantu abasha ukuthi bangene kwezamabhizinisi. Loluhlelo lubandakanya ukuthi intsha ilethe izinhlelo zayo zamabhizinisi ukuze abehluleli bakhethe kubo abaphuma phambili. Zonke izifunda ziyahanjelwa ukuze kutholakale abazoncintisana. Selokhu laqalwa ngowezi-2014, loluhlelo selufinyelele kwintsha eyizinkulungwane ezi-2, kwasetshenziswa imali eyizigidi eziyisi-6. Intsha ayigcini ngokuthola inkece ngokuphumelela kepha ingena ohlelweni lokufukanyelwa lapho khona kwelulwa ukusebenza kwebhizinisi labo benikwa iziyalo zebhizinisi.
Uyaziwa umlando wokucindezelwa kwabesifazane ezweni. Kuyathokozisa ukuthi Ithala lixhasa imizamo yesibhuda yokuzenzela ngohlelo lwe-Imboko Iyazenzela. Loluhlelo lulekelela abesibhuda ngokubaqeqesha ekuphathweni kwamabhizinisi, ukubhala isicelo semali, ukufinyelela kubathengi abanqala, ukuphathwa kwezimali, nokunye.
Injobo enhle ngethungelwa ebandla. Ithala lakhe izivumelwano zokusebenzisana nezinhlaka ezahlukene. Isivumelwano neSouth African Farmers Development Association (SAFDA) sakhelwe ukuthi kusizakale abalimi boHlanga abazithola besenkingeni ngokuthi iSAFDA ibanike imali esesikhwameni eyizigidi ezili-19 nokubeluleka ngezolimo. Lemali ayabuyiswa. Ithala lona libaboleka imali bese libasekela ngolwazi lokuphatha ibhizinisi. Abalimi bathola nokweluswa ebhezinisini ukuze bangabhekani nezingqinamba bebodwa. Ezinyangeni ezimbalwa sekuphume imali eyizigidi ezi-4.4. EsaseSAPPI okuyinkampani yamahlathi, sakhelwe ukusiza abalimi abathole izinkontileka zokusebenza kwaSAPPI abadinga imishini emikhulu nebizayo ukwenza umsebenzi. IThuba Construction seyixhaswe ngemali eyizidi eziyi-8.2.
EsaseMONDI naso sinenhloso efanayo naleso saseSAPPI. ISiyawisa Hlathi CC seyikwaze ukukhokha izikweletu eziyizigidi ezili-14 yase ibolekwa enye imali eyizigidi ezi-4.4. EsoMnyango Wezokuthutha sona sethulwa ukubungaza ukuqeda kwekhasimende ukukhokha isikweletu sokuthenga amabhasi ali-14 elabe lisinikwe yiThala.