Now Reading
Kuningi okukhalwa ngakho ku-ABC Motsepe League
Dark Light

Kuningi okukhalwa ngakho ku-ABC Motsepe League

Isizini nesizini kuhlezi kuzoba khona izikhalo ezibakhona kuligi ye-ABC Motsepe esifundazweni sakwaZulu-Natal, lapho kusuke kukhalwa ngezinto ezehlukahlukene okubalwa kakhulukazi ukukhokhelwa konompempe bekhokhelwa amaqembu ukuze anqobe.

Lezi zenzo abanye bathi yizona ezenza life ibhola kulesi sifundazwe, kuphinde kube umthelela ekutheni iqembu elimela iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship liphume ekuseni njengoba liye khona kungafanele. Lisuke liye ngonompempe, lifike phambili libhekane nezimbila zithutha. 

ElaboHlanga libheka izinto okukhalwa ngazo kule ligi, nezenza iligi ingabi nakho ukuncintisana ekufanele ngoba kusuke kumele kunqobe amaqembu athize.

-UKUKHOKHELWA KONOMPEMPE

Iningi(onompempe) liziphilisa ngokudlalisa ekubeni bengaholi imali etheni. Ngenhlanhla elaboHlanga liyayibuka imidlalo eminingi, khona kweminye imidlalo kuke kucacele ngisho ingane encane ukuthi cha kukhona unompempe asuke ekutholile ukunqobisa lelo qembu elithize. Lokho kutshengisa ukuthi kumele ube nenkece ukuze iqembu lakho libe semathubeni okunqoba iligi. Abanye onompempe kuyaziwa ukuthi, basebenzela amaqembu athize. Ngaphandle kokuwiniswa kwamaqembu athize  badlala indima enkulu ekutheni kube khona amaqembu adliwa izembe. Kwezinye izigameko unompempe uma eyodlalisa endaweni yasemakhaya ekubeni yena ehlala eThekwini, eyodlalisa iqembu eliqhamuka khona eThekwini ngenxa yokungabibikho kwemali kuzomphoqa mhlambe ukuncika eqenjini laseThekwini lokho kusho ukuthini. Kwenye isizini elaboHlanga lathola ukuthi elinye iqembu leziqumama, labe likhokhele onompempe ukuthi belale ehhotela ekubeni ngakusasa bezodlaliswa ibona. 

IZIQHWAGA ZEZIKHULU ZAMAQEMBU

Kunamaqembu okuthiwa akuphumi lutho uma edlala ekhaya, ayi ngoba edlala kahle noma esuke evunywe imiphumela. Kodwa kwesinye isikhathi anqoba ngoba “Ayasatshwa”, onompempe awadlalisa esaba kwazise athi edlala kusuke kuphethwe izinhlokohlela zezibhamu. Noma izikhulu zisuke zingeke zenze lutho, kodwa iziwengu zalawo maqembu izona ezisuke ziyingozi kakhulu kwazise zisuke zithembe izikhulu ezaziwayo. Ngokusho kwabantu abalandela iMotsepe League, lamaqembu enza lokhu ilawa aqhamuka ezindaweni zasemakhaya. Yize abanye onompempe bengeke okunye bakubalula kodwa, bayazi ukuthi badlalisa kanzima uma bedlalisa emakhaya. Zikhona izigameko lapho behujwa khona amaqembu aziwayo.

UKUSETSHENZISWA KWABADLALI ABADLALE ESIGABENI ESIKHOKHELAYO.

Sekuyinto ejwayelekile ukuthi amaqembu amaningi adlala kwi-ABC Motsepe League asebenzise abadlali abadlale kwiDStv Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship. Nalokho kukhalisa abantu abaningi ngoba labo badlali bavimbela izingane ezincane indawo, noma bedlala basuke sebedlalela ukuthi bafuna leyo nkece encane bengakhombisi ukulambela imiphumela okungako. Lokho kwenza ingabi mnandi iligi.

Kukhona konke ayi KwaZulu-Natal kuphela kodwa kuzona zonke izifundazwe, ukuntula kwabaxhasi ikhona okushaya iligi ye-ABC Motsepe League. Okunye ukungabibikho kwabaqaphi, ezinkundleni ukuze kuphephiswe onompempe kwiziwengu nasemaqenjini imbala.

ElaboHlanga likhulume noSihlalo weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya, obephendula ngezinto ezenzeka kule ligi engeyesithathu lapha eNingizimu Afrika  uthe 

See Also

“Iqala ukuba inkinga lento yokukhokhelwa konompempe, iqiniso ukuthi siyizwa ikhulunyelwa kude okubuhlungu akekho umuntu ophumela obala eze kuthina nanobufakazi. Sinawo wonke amandla kodwa asikwazi ukujezisa abantu bungekho ubufakazi. Ziningi kakhulu izinto esesizizwile ezithinta onompempe ngokukhokhelwa” kusho uNgwenya.

Ngokudlalisa ngokusaba konompempe uNgwenya uthe akekho oseke wavela kubona wabeka isikhalo. Kodwa bayazazi izigameko zokuhlukunyezwa kwabo onompempe, lawo maqembu bawathathela izinyathelo.

“Njengoba ngishilo sinawo wonke amandla, okujezisa iqembu emasontweni ambalwa nje sisanda kujezisa iMidlands Wanderers FC izinkulungwane ezingama-R20 ngakho ukuhlukumeza unompempe idlala neGWP Friends, uMvoti FC ngesizini edlule wona sawuhlawulisa izinkulungwane ezili-R150, wawudlala noMkhumbane Classic” kubeka uNgwenya. Uphinde wathi baphinde bahlangana nonompeme ukuzwa izikhalazo zabo, nokunye.

“Ngokwesifiso esinaso ukuthi amaqembu womabili kumele aqophe ividiyo uma kudlalwa, emva komdlalo sizoqoka ithimba elizohlala libuke lawo mavidiyo. Uma kukhona ugcobho olukhona sizothatha isinqumo.  Sijezise unompempe noma iqembu, umdlalo bese siwuqalisa phansi makumele”.

UNgwenya ubalule ukuthi bahlela ukwenza indebe, abahlose ngayo ukuthi baqinise iqembu elizomela ngempumelelo isifundazwe kweyokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. Iqembu elagcina ukuthi likhuphuke uThongathi FC ngonyaka wezi-2016.

Scroll To Top