Abalimi basaqhubeka nokuthwala kanzima
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abalimi basaqhubeka nokuthwala kanzima ngenxa yokushoda kukamanyolo okuhambisana nezindleko eziphezulu. Ukuqubuka kwempi phakathi kweRussia ne-Ukraine kwenyusa izindleko kubalimi ngenxa yokukhuphuka kwamanani kamanyolo nophethiloli. Yize amanani enyuke kancane ezinyangeni ezedlule, abalimi bathi izindleko zihlala ziphezulu. Lokhu njengoba kuqala inkathi yokutshala. Izinhlangano ezeseka abalimi sezihaqwe izingcingo zokuthi bathole usizo phakathi kokuphazamiseka okuqhubekayo kokuhlinzekwa komanyolo.
ISouth African Farmers Development Association (SAFDA) isebenzisane nohulumeni ngoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal ukuthola imali yokusiza abalimi abasafufusa ukuthi bathenge umanyolo. “Muva nje ngempi yeUkraine neRussia, sibone ukwenyuka kwezindleko okudale umthelela omubi kubalimi bethu ukuze bakwazi ukufaka kwezimali zabo kwabo kanye nomanyolo wabo ngesikhathi. Ngakho, ngenhlanhla besiqhuba iphrojekthi nomnyango wesifundazwe wezokuThuthukiswa koMnotho okhiphe imali eyizigidi ezili-R12 ngonyaka odlule. Sathenga umanyolo wabalimi endaweni yaseSezela kanti kulo nyaka sinqume ukuthi uhlelo lukamanyolo eliyizigidi ezi-R4 lidluliselwe endaweni yaseFelixton,” kusho uSihlalo weSAFDA uDkt Siyabonga Madlala.
Abalimi abasafufusa baphinde babelana ngobunye ubunzima abahlangana nabo ngenxa yokuswelakala kwamanyolo. “Kunzima, ngisho ukuqala ukutshala kunzima kakhulu, konke kuphezulu kodwa sibonga iSAFDA ngabasinikele khona. Izikhukhula zikhukhule umanyolo, udizili unyukile, kuyisixakaxaka, kuyabiza ukulima kulezi zinsuku,” kusho umlimi iNkosi Shilo Mthembu.
Abalimi abasafufusa bathi intengo yemvundiso isinyuke kathathu, isinyathelo esesenze abalimi abanengi bakhetha ukwehlisela kumhlaba olinywayo, okwenza kube nzima ukutholakala kokudla. “Sijabule kakhulu ngokungenelela kwe-SAFDA singabalimi abancane mayelana nomanyolo. Njengamanje sibhekene nezinkinga zikamanyolo, zimba eqolo. Uma ngenza isibonelo isikhwama esingama-515kg sibiza izinkulungwane ezingama-R1500 kubalimi basogwini kodwa manje noma sithola izikhwama eziyisithupha kusho lukhulu kithina njengabalimi abasafufusa ngoba asinayo imali yokuthenga. Lokho kungasho lukhulu kithina ngoba asinayo imali yokuthenga umanyolo,” kusho usihlalo wabalimi abasafufusa eMpangeni uNdlelenhle Mncwango.
Ingcwethi kwezemnotho yezokulima zithi kuyakhathaza ukuthi abalimi baphungula izindawo zokulima ukuze baqhubeke belima. “Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi abalimi behlisa izinga lokutshala ukuze bathole imali futhi baqhubeke nomsebenzi wabo wokulima ngendlela engenzeka. Abalimi sebebhekane lezinye inhlobo zendleko zokulima ezilokhu ziqonga umnyaka, intengo yedizili kanye lentengo kagetsi ikhuphuka. Kumanje, noma yiluphi uhlobo lokwesekwa oluvela kuhulumeni kanye nezinkampani ezizimele lungasiza kakhulu abalimi ekunciphiseni umthelela abebenawo ngasohlangothini lukamanyolo,” kusho usomnotho wezolimo uKulani Siweya.
Kunezicelo ezikhulayo zokufuna usizo olwengeziwe kubalimi abadonsa kanzima kulesi sikhathi sokutshala. Ingcwethi zixwayise ukuthi usizo lwemali yabalimi abasathuthuka kumele lunikezwe ngendlela evulelekile futhi esobala. Abanye bafuna ukuthi ilizwe liqale ukuzakhela amandla okukhiqiza umvundiso ngethemba lokwehlisa indleko.