Now Reading
IMorocco nomthwalo onzima wokugudluza iSpain 
Dark Light

IMorocco nomthwalo onzima wokugudluza iSpain 

Ukuphuma kweSenegal koweNdebe YoMhlaba ikhishwa i-England kwenze laba lilodwa iqembu lalapha e-Africa elisele kwiNdebe YoMhlaba nokuyiMorocco.

Amathemba e-Africa wonke aselele kuyona manje iMorocco ukuthi iqhubeke nokudlulela phambili kodwa kubukeka kulukhuni satshe njengoba izobe idlala umdlalo onzima neSpain. Lo mdlalo weLast 16 uzoqala ngehora lesi-5 ntambama,  uzobanjelwa e-Education Stadium.

IMorocco iza kulo mdlalo ngokukhulu ukuzithemba njengoba emdlalweni yamaqoqo ingahlulwanga nhlobo. Idlale ngokulingana neCroatia, yabe isihlula iBelgium ngamabili eqandeni neCanada ngamabili kwelilodwa. ISpain sawuqala kahle umdlalo njengoba kowokuvula sabhaxabula iCosta Rica ngamagoli ayisikhombisa eqandeni, sadlala ngokulingana neGermany sase sihlulwa iJapan ngamabili kwelilodwa.

Lamazwe atholanile kweyoMhlaba eyabe iseRussia ngowezi-2018, umdlalo waphela zibambene ngamagoli amabili okwabe kungumdlalo wamaqoqo. Kulona, noma kuthiwa adlala ngokulingana, kodwa amaphenathi iwona azokwenza kube khona iqembu eliwasha ijezi lnelidlulela kwiLast 8.

See Also

Komunye umdlalo wokugcina weLast 16 ophakathi kwePortugal neSwitzerland, wona ozoqala ngelesi-9 kusihlwa. 

Amaqembu asedlulele kwiLast 8, i-England ezodlala neFrance, iNetherlands ezodlala ne-Argentina kube iBrazil yona ezobhekana neCroatia.

Scroll To Top