Now Reading
Amajaha kubonakala kuyiwo avelele kweyeNdebe YoMhlaba
Dark Light

Amajaha kubonakala kuyiwo avelele kweyeNdebe YoMhlaba

Ngeledlule kule ngosi  silobe  ngokungenzi kahle kweBafana Bafana okuwumphumela wokudlala  imidlalo yobungani namaqembu angenamlando ebholeni.  Nakuleli sonto sizobheka yona nebhola lakuleli ngokubanzi.

Njengoba kuqhubeka imidlalo yeNdebe YoMhlaba eQatar, ngaphandle kokubona izigigaba ezenzakalayo lapho kubonakale amazwe amancane ehlula amakhulu. Engikuqaphelayo ukubona abadlali abancane benza kahle kulo mqhudelwano.

Kubadlali engibabonayo besenza kahle uJamal Muisala waseGermany lo mdlali uneminyaka yobudala eli-19, uKylian Mbappe waseFrance oneminyaka yobudala enga-23 nodlala iNdebe YoMhlaba okwesibili. Shuthi njengoba edlala eyesibili eyokuqala wayidlala eneminyaka eli-19.

Abanye abadlali abenza kahle uPedri waseSpain oneminyaka engama-20 kanye nozakwabo uGavi yena oneminyaka engama-18. Labadlali ngendlela abadlala ngakhona esiswini seSpain, ngathi kudlala u-Andries Iniesta noXavi Hernandez abazakhela igama kulelizwe. UGavi nonyaka uthole imikomelo emibili emqoka yeGolden Boy neKopa Trophy.

Ngeke basala ngaphandle u-Aurelien Tchouameni waseFrance oneminyaka engama-22 noVinicious Jnr waseBrazil naye oneminyaka engama-22.

Ukudlala kahle nangokukhululeka kushiye nombuzo wokuthi, kunini lapho iNingizimu Afrika noma kwiBafana Bafana iyodlala ngeningi labadlali abancane.

Kuleli umdlali uma eneminyaka eli-20 noma enganekhono elingakanani uvele uzwe kuthiwa usakhuliswa, bese uvedane uxakeke ukuthi ukhuliselwa into ebhekephi. Inqwaba yabadlali balapha baqala ukudlala kuDStv Premiership sebeneminyala engama-24 yobudala noma ngaphezulu.

Lokho shuthi kuchaza ukuthi lowo mdlali usuke esesalewele ukuthi adlale amasizini amahlanu kwazise umdlali lapha make waba neminyaka engama-30 yobudala usuke eseyikhehla.

Lento ayiyinhle neze impela abadlali abancane bayadinga ukusetshenziswa, emaqenjini abo naseqenjini lesizwe ayi noma ibaphi kodwa labo asebekufanele ukudlala. 

See Also

UMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs, ungomunye wabadlali uma kuthiwa iBafana Bafana iyadlala odingayo ukuthi abizwe akhulele kuyona ngoba lowa mfana unekhono eliyisimanga.

Akuyena yedwa uShabalala baningi nabanye abakhona inhloso yeDStv Diski Challenge (DDC) kwabe kuwukuthi kubonakale abadlali abancane bese benikezwa ithuba emaqenjini amakhulu naseqenjini lesizwe imbala.

Abadlali abanjengoThabo Cele, uSphephelo Sithole, uMailula Cassius, uTeboho Mokoena, uKhanyisa Mayo labadlali fuze ingabe ibona okwakhiwela phezu kwabo kwiBafana Bafana bese beyafakwa labo abambalwa abanamava. Kodwa iqiniso ukuthi sekuyisikhathi sokunikezwa ithuba abadlali abancane ithuba.

Njengoba abaqeqeshi beyibhekile imidlalo yeNdebe YoMhlaba, ngikholwa ukuthi babona njengami.

Scroll To Top