Now Reading
OweGhana ne-Uruguay namuhla kwenza bawulobizele abaseNingizimu Afrika
Dark Light

OweGhana ne-Uruguay namuhla kwenza bawulobizele abaseNingizimu Afrika

Kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika sisankenketha isilonda sokukhishwa ngendlela engaqondakali kweBafana Bafana emidlalweni yokuyoqhudelana kwiNdebe yoMhlaba eQatar lapho yayidlala neGhana eCape Coast Sports Stadium. Elakuleli lalidinga ukuthi lingahlulwa kulo mdlalo, kanti iGhana yayingaphansi kwengcindezi ngoba yayidinga ukunqoba nakanjani. 

Iphenathi eyakhonjwa emlotheni unompempe yavalelwa phakathi u-Andrew Ayew kusenemibuzo ngayo. Sekungumlando ukuthi iGhana (Black Stars) iphakathi kwamaqembu angama-32 eQatar yize amanye eseliwashile ijezi abuyela ekhaya njenge-Iran, Ecuador, nosokhaya iQatar. Emdlalweni  wesibili weGhana ibuyise izinduku emuva kokuvula ngesibhaxu sePortugal.

 Iqumbe phansi iSouth Korea nalapho ikhombise khona ingcwenga yebhola. Lo mdlalo ubonakale wehlisa ulaka kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika kwavunguza nomoya woxolo ngokwenzeka; baqala ukweseka iBlack Stars. Namuhla iGhana ibhekwe kakhulu emdlalweni wayo ne-Uruguay ozobanjelwa e-Al Janoub Stadium e-Al Wakrah.

Akukho ukungabaza ukuthi ithwele amathemba ezwekazi i-Afrika.  Ama Afrika onkana akukho akubhekile  kulo mdlalo ngaphandle kokunqoba ukuze iqembu lidlulele  esigabeni somkhumulajezi njengozakwabo iSenegal ephendule amatafula ngoLwesibili.

Ukudlala ngokulingana nakho kungasho lukhulu inqobo nje uma iSouth Korea ingadlula ngehubo kuPortugal. Ngakolunye uhlangothi ezikaLuis Suarez (i-Uruguay) azikwazi ukugembula kulo mdlalo uma zizimisele ngokudlulela phambili kumele zinqobe kumnyama kubomvu.

Ezika Suarez zidlele  ngokulingana neKorea, zaguqiswa iPortugal osekucacile ukuthi yiyo ezophetha izihola phambili ngamaphuzu njengoba isivele isizibekisele indawo emaqenjini ali-16 azodlulela esigabeni esilandelayo somkhumulajezi.

Abalandeli  bebhola abakhulume nelaboHlanga bathe okwedlule sekwedlule manje sebeseka iGhana. “Uzokhumbula ukuthi nangonyaka we-2006 sabe seseka iGhana singuMzansi ngenxa yebhola eyalikhombisa kugijima. Nangendebe yomhlaba ngowezi-2010 kuleli u-Asamoh Gyan wazakhela ugazi wazifaka ezinhliziyweni zabathandi bebhola ngenxa yekhono lakhe,” kusho uMawenkosi Vezi ohlala kwaNqetho ongowokuzalwa eMpofane.

Emdlalweni wanamuhla kubhekeke ukuba abuye uGideon Mensah emuva kokukhishwa bebhekene neSouth Korea ngenxa yokuhlaselwa amajaqamba.

See Also

USuarez oyiqaqa eGhana kukandela isigameko sangowezi-2010 eNingizimu Afrika naye ubhekiwe kulo mdlalo njengoba kowedlule wakhishwa wakhuhliswa ibhentshi okuyinto eyabonakala ingehli kahle kuyena.

Lo mdlali wavimba ngesandla ibhola seliyongena phakathi unompempe walikhomba emlotheni sekudlalwa isikhathi esengeziwe emuva kokubambana ngegoli elilodwa nxa zonke. UGyan yamhlula iphenathi. Umdlalo waphela zibambene kwayiwa emaohenathini yadlula I-Uruguay.

Lesi ngesinye sezigameko esenza abathandi bebhola eNingizimu Afrika bawulobizele lomdlalo ngoba senzeka khona lapha. Kuzoba ngokokuqala lamaqembu ehlangana kusuka kwenzeka lokho.Imiphumela yakamuva yenza kube nzima ukuqagula ukuthi iliphi iqembu elingadlulela phambili namuhla ngoba wonke alinyusile izinga. Kuyiwa kulo mdlalo nje iBlack Stars isendaweni yesibili kuGroup H.

Scroll To Top