Akusekude abone afika ngayo u-Arteta
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kubukeka nakule mpelasonto lizophinde lisuthe induku iqembu laseLondon, e-England i-Arsenal FC. Leli qembu kule mpelasonto lizovakashela iqembu okuyilo elivikela isicoco se-English Premier League (EPL) okuyiManchester City. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni ozoqala ngele-13:30 emini kusasa ngoMgqibelo, e-Etihad Stadium.
IMan City inerekhodi elihle kakhulu uma idlala ekhaya, njengoba sekubuyele abalandeli ezinkundleni nje kusho ukuthi isazoqhubeka nokwenza kahle.
Iyivule kambi isizini i-Arsenal FC njengoba emdlalweni wokuqala yahlulwa ngamagoli amabili eqandeni ihlulwa iBrentford esanda kukhuphukela kulesi sigaba isuka kwi-English Championship. Emdlaweni wesibili obungempelasonto edlule ihlulwe yiChelsea FC ngamagoli amabili eqandeni.
IMan City kumdlalo wayo wokuqala yahlulwa yiTottenham Hotspur ngegoli elilodwa eqandeni, ngeledlule yabuya yabhaxabula iNorwich City ngamagoli amahlanu eqandeni.
UMikel Arteta ongumqeqeshi we-Arsenal kubukeka kunguye umqeqeshi wokuqala ozoxoshwa njengoba negama lalowo ozovala isikhala sakhe livela nje. Lowo mqeqeshi ngu-Antonio Conte, ongena qembu okwamanje.
U-Arteta kuvela ukuthi unikezwe imidlalo emibalwa ukuthi enze kangcono imiphumela eqenjini kodwa lokho kubukeka kulikhuni satshe.
“Kunzima ngempela okwamanje. Silahlekelwe ngabadlali abayisishiyagalolunye kanti iningi labo ngabadlali abakhulu asebekhulile, amava abo aziwayo. Isimo sibi kakhulu sibhekene nesimo lapho iqembu lingakaze libe khona emlandweni wale kilabhu. Kodwa ngabe angibenzi ubulungiswa uma ngingabancomi abadlali abakhona manje, bakhombisa esikhulu isibindi. Bazama konke okusemandleni abo kanti okwamanje akwanele ngoba esikudingayo ukuthi sinqobe” usho kanje.
U-Arteta uthe bekumele behlulwe iChelsea FC ngeledlule, usho lokho wabe esevika ngokuthi “Yingakho ingompetha bomqhudelwano i-UEFA Champions League”.
Uqhube wathi: “Angifuni ukubona noma ngubani ezidabukela yena noma iqembu, ngoba lokho ngeke kusisize. Ngifuna iqembu nabantu abafuna ukulwa, nabafuna ukubhekana nenselelo ephambi kwethu, ngoba ngokujwayelekile uma wenza lokho, kwesinye isikhathi uthola imivuzo emihle” usho kanje.
UPep Guardiola oqeqesha iMan City yena uthe ufisa umdlali omusha waleli qembu uJack Grealish aqhubeke nokuhlohla amagoli.
“Isizathu esimenze samuletha eqenjini uGrealish ukuthi ungumdlali owenza kakhle kakhulu, ngesizini edlule uwahlohle kakhulu amagoli egijima kwi-Aston Villa. Naku lesizini ngifuna aqhubeke nokwenza njalo, kodwa angazifaki kwingcindezi” usho kanje.
Uthe uyathemba ukuthi iqembu lakhe lizoqhubeka nokwenza kahle emidlalweni elandelayo.
Omunye umdlalo obhekwe kakhulu kule mpelasonto obandakanya iLiverpool FC neChelsea FC, la maqembu kuyaziwa ukuthi uma etholene phezulu kuguga utshani. Ungakhohlwa kanjani onombolo-8 bobabili bala maqembu uSteven Gerrard owayekuLiverpool FC noFrank Lampard yena owayekuChelsea FC.
Isiyonke imidlalo ye-English Premier League kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Kusasa
iMan City ne-Arsenal FC e-Etihad Stadium ngele-13:30
i-Aston Villa neBrentford eVilla Park ngele-16:00
iBrighton ne-Everton e-American Express Community Stadium ngele-16:00
iNewcastle United neSouthampton eSt James Park ngele-16:00
iWest Ham neCrystal Palace eLondon Stadium ngele-16:00
iNorwich City neLiverpool FC eCarrow Road ngele-16:00
iLiverpool FC neChelsea FC e-Anfield Stadium ngele-18:30
NgeSonto
iBurnley neLeeds eTurf Moor ngele-15:00
iTottenham Hotspur neWatford eTottenham Stadium ngele-15:00 iWolvehampton neMan United eMolineux ngele-17:30

