Bazowukhunga ngamankomane uZibandlela eDundee
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kubhekwe lukhulu kuphromotha omusha wesifazane ozobe eqhatha okokuqala impi yesicoco somhlaba eMajuba College, eDundee kusasa ngoMgqibelo. Kukhona nezinye izimpi ezizobhulela amazolo enkulu okuyiyo ebhekiwe.
Ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga uHlengiwe weHle-Jobe Promotions, uthe ukuze lezi zimpi zihleleke ngendlela usizwe abantu asebeyihambile lendlela.
“Njengoba ngizoqhatha okokuqala, ngithathe isinqumo sokuthi ngisondeze eduze abantu asebeyihambile lendlela okungabesifazane. Ngiyabonga kakhulu kuNomvelo Magcaba-Shezi noZandile Malinga, abangisizile. Nakusasa bazobe bekhona bezongiseka eDundee,” kusho uHlengiwe.
UNomvelo unguphromotha weMvelo Boxing Promotions, kuthi uZandile ngoweStarline Boxing Promotions.
Impi yosuku, ekaGcina Makhoba noRobert Paradero WasePhilippines okuyizwe elihlonishwayo esibhakeleni. Bazobe bebanga isicoco esingaphethwe muntu seWorld Boxing Federation (WBF) Bantamweight.
Njengamanje uMakhoba uphethe ibhande elincane lale nhlangano engenise kabi esibhakeleni saseNingizimu Afrika ngokunika amabhokisa amathuba, ngokuwasondeza eduze kokulwela izicoco zamanye amabhande ezinhlangano ezihlonishwayo.
“Ngibonga umyeni wami uHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions, ngokuthi angifake othandweni lalo mdlalo. Engifisa ukukwenza ukuthi ngithuthukise abantu besifazane kulo mdlalo. Njengoba ngisemusha kule nda ngifuna ukusebenza nezingane zaseMtshezi, iBergville, iScourt naseDundee,” kubeka uHlengiwe.
Kulempi yosuku uMakhoba kuzomele azibambe ziqine njengoba uParadero esebuya ngisho ekuzameni ukuphatha isicoco seWBA Super. IWBA ingenye yezinhlangano ezine ezikelisiwe ngokuba nkulu kunazo zonke emhlabeni.
UParadero ezimpini ezili-22 unqobe ezili-18, kanti uMakhoba yena uqhoshe ngerekhodi lokunqoba izimpi eziyi-8 wahlulwa kanye.
“Emva kwalezi zimpi ngiphokophele phambili, ekutheni ngiqhubeke nokuqhatha izimpi zeqophelo eliphezulu ngilandele uZandile noNomvelo asebezakhele igama eNingizimu Afrika ngokuqhatha izimpi zeqophelo,” kusho uHlengiwe.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMakhoba oteketiswa ngokuthi uDouble G, ngamalungiselelo alempi.
“Konke kumi ngomumo mina, sengilinde usuku lakusasa ngibe seringini. Ngiyabonga kakhulu kubaqeqeshi nozakwethu abangilekelelile ekutheni ngiziqeqeshe ngempumelelo. Okuhle ukuthi ngilwa ekhaya kwazise ngizalelwe eDundee, ngalokho ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyawujabulisa umphakathi engiqhamuka kuwona,” kusho uMakhoba.
Ubalule ukuthi uyibukile imbangi yakhe, akasibonanga isimanga esitheni kodwa ngeke ayithathe kancane. Ugcine ukuba seringini eCity Hall, eMgungundlovu ngesikhathi elwa ezimpini zeMvelo Boxing Promotions.
Ezinye izimpi ezikhona ekaLindelani Sibisi noSandile Dumisa kweyeJunior Lightweight, uWendy Gcadu noNoxolo Mkhasibe kuSuper middleweight, uMxolisi Zuma no-Imsael Makhado kweyeJunior Featherweight, Lucky Mavimbela noNtethelelo Magcaba kwiBantamweight, uSanele Mhlungu noSiphesihle Mkhonza kwiFlyweight, uSiyanda Msomi noZwelakhe Nhlapho kwiFeatherweight, uNkosingiphile Sibisi noSiphelele Dubazane kwiJunior Bantamweight
Abazohambela lezi zimpi bazothola ithuba lokubona abafana bendawo belwa phambi kwabo esigabeni esikhokhelayo njengoba bechithe isikhathi eside kuma-Amesha. Lawo mabhokisa uSibisi (Nkosingiphile) waseGlencoe noBraam Sibisi waseDundee.
Kuzothi makusukwa eDundee kuyiwe oLundi lapho kuzoba nezimpi zeLudonga Boxing, izimpi okuzobe kungezosuku khona eyeWBF All Africa Middleweight phakathi kuka-Ayanda Mthembu noSinamiso Ntuli kube eye-WBF All Africa Bantamweight phakathi kukaSabelo Cebekhulu noMawande Matross.