ITheku lizosingatha umqhudelwano womkhalambazo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iphini likaMengameli weKwaZulu-Natal Karate Federation, uShihan Bongani Gumede (osesithombeni) uthi babhekene nomqansa wokusingatha kahle umqhudelwano i-All Africa Karate Championships ukuze bezokwazi ukusingatha nowoMhlaba ngonyaka wezi-2024.
IKarate South Africa (KSA) izosingatha, i-All Africa Karate Championships e-Olive Convention Centre, eThekwini, kusukela namuhla ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
UGumede ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Kube nombango omkhulu ekutheni sisingathe lo mqhudelwano, besibanga ne-Egypt neMorocco. Kuyajabulisa kakhulu ukuthi sigcine siyinqobile impi, okusele ukuthi manje senze isiqiniseko sokuthi konke kuhamba kahle. Abekarate emhlabeni bazobe bezobheka ukuthi senza kanjani, singakwazi yini ukusingatha iNdebe YoMhlaba ezokuba ngowezi-2024,” usho kanje.
Amazwe alindeleke ukuthi ancintisane kulo mqhudelwano oba emva kweminyaka emibili angama-25, ngokomthetho bekumele abe ngama-30 kodwa amahlanu ahoxa ngenxa yamaVisa.
UThe babonga uMnyango weZemidlalo amaCiko namaSiko iKwaZulu-Natal ngokufaka isandla, kanye noMasipala weTheku.
“Ngisakholelwa ekutheni ukube ukusekwa okwanele siyakuthola ngabe ikarate iphezulu kakhulu kuleli. Buka nje sizosingatha umqhudelwano omkhulu kanjani kodwa iningi labantu alazi kodwa ukube i-African Cup of Nations (Afcon) okuwumqhudelwano kanobhutshuzwayo ngabe sibeleselwe ngawo kumabonakude nasemaphepheni,” kusho uGumede.
Uphinde wakhala ngabaholi athi basagqugquzela ikarate “yasehlathini” abangafuni ukujoyina inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli iKSA. Phambilini, ikarate beyimaqembuqembu eKZN nakuzwelonke, nobekwenza ingalutholi uxhaso olufanele eMnyangweni wezeMidlalo njengeminye ekhona.