Now Reading
Nijabule nizibheke ngezikhathi zamaholide
Dark Light

Nijabule nizibheke ngezikhathi zamaholide

Njengoba ningasayi esikoleni nizithola ninesikhathi esiningi sokudlala nokuzula nokuvakashela ezihlobeni eziseduze nezikude. Ngesikhathi nisaya esikoleni benithola ukuqashwa ngothisha nezinye izikhulu zasesikoleni. Ngisho nomama abaniphekelayo bebedlala indima enkulu ekuninakekeleni, yize kungewona umsebenzi wabo. Lokhu bebekwenza ngoba isikompilo lethu thina bakaNtu lithi ingane yamakhelwane yingane yami nami.

Ukudlala kuyingxenye ebalulekile ekukhuleni kwenu njengabantwana. Yingakho abezempilo nezenhlalakahle begqugquzela ukuthi njengezingane kufanele nikhuthazwe futhi ninikwe ithuba lokudlala. Kepha kubalulekile ukuthi niphephe. Nibalulekile kakhulu ezweni lethu nakuMdali owasiboleka nina.

Akuyena wonke umuntu okudlalisayo onezinhloso ezinhle. Ngakhoke kubalulekile ukuthi nipheze ukuxoxa nabantu eningabazi. Nalabo enibaziyo kubalulekile ukuthi ningavumi ukuthi banibizele ezindlini noma banithume ezindaweni eningazazi nezinganifanele njengezingane.

Kuyinto eyandile ukuthi izingane zithande izimoto. Kumnandi ukugibela imoto uzwe “ulifthi” kepha lokho kuyingozi uma lowomuntu ungamazi.

Ngisho nalowo omaziyo kufanele kube ukuthi ugibela emotweni yakhe ngoba kusho abazali bakho. Uma ugibela imoto ongayazi noma yomuntu ongamazi ungazithola usenkingeni yokuthunjwa noma okunye okubi ngaphezulu kwalokho.

Uma uvakashele ezihlobeni ezikude noma eziseduze kunethuba lokuyobona izindawo ongazijwayele, ezinye zazo ngezobumnandi, ezinye ezingakufundisa ngempilo. Kulokho kuhamba kwakho kubalulekile ukuthi uhlale ngasosonke isikhathi unabantu obaziyo okungaba abangani bakho, izihlobo ezingabantu abadala noma ezingontanga yakho. Uma ungawedwana kulula ukungena enkingeni uthunjwe yizigebengu. Kanti ke okunye ukuthi ukulimala yinto ejwayelekile. Uma ulimala ungawedwana kunethuba elikhulu lokuthi ungatholi usizo ngendlela efanele. Futhi noma uluthola usizo akunasiqiniseko sokuthi lolosizo alunazo yini izinhloso zobuqili. Phela bakhona abantu abasebenzisa izenzo ezinhle ukufihla izinhloso ezimbi.

Ezinye zezindawo enithanda ukuyodlala kuzo yisezitolo noma ezindaweni ezinxanxatheleni zezitolo, lezi ezibizwa ngokuthi amamall. Lezizindawo zinobukhazikhazi nezinto eziningi enizithandayo. Kepha nezinto ezimbi nemikhuba emibi ikhona kulezizindawo. Nginesiqiniseko sokuthi nike nabona noma nezwa ngokuthi izinto ezifana namabhayisikili amabhola, njll zintshontshwa kulezizinda. Nabantu abanezinhloso ezimbi ngezingane bayathanda ukuhambela izindawo ezifana nalezi. Kubalulekile ukuthi lezizindawo uzihambele niyiqoqo noma nihamba nabazali ukuze kungabi lula ukungena enkingeni. Njengezingane anikakabi namandla emali njengoba ningasebenzi. Kulezizizinda nizothola izinto eziningi enizihalelayo. Nize ningavumi ukuthengelwa izinto abantu eningabazi. Kuwumkhuba omuhle ukuthi njengengane ulinde umzali abe namandla okukwenzela izinto ozithandayo noma ozidingayo.

Njengoba nihlezi emakhaya nje abanye benu banabazali abasebenzayo. Kusho ukuthi ngezikhathi zamaholide esibala kuwo nalawa aZibandlela noMasingana noma aKhisimusi noNcibijane nisala nezihlobo ezifana nomalume nomalumekazi. UNcibijane yilamaholide ekuthiwa unyuyezi, ekubalwa kuwo usuku ekuphela ngalo unyaka ophezulu kuthiwa kuhlukaniswa unyaka nangakusasa lapho abaningi bephikelela emabhishi noma emapaki beyozijabulisa.  Kwesinye isikhathi nisala nalabo abaqashelwe ukunigada uma abazali nabadala bengekho ekhaya. Kuyinto enhle ukuhlonipha abantu abadala. Kepha kunezimpawu ekumele niziqaphele ukuze ningazitholi ningabagilwa senihlukunyezwa ngezindlela ezahlukene. Izindlela zokuhlukunyezwa singabala kuzo ukubhonywa, ukuthintwa ezindaweni ezingafanele, ukwenziswa umsebenzi onzima noma ukukhacwa ngenhlamba. Vele kungumsebenzi wabantu abadala ukusilungisa njengezingane kodwa kukhona izindlela ezingavumelekile emthethweni njengokushaywa, ukuhacwa ngenhlamba njalonjalo.

See Also

Ekujabuleni ngalezizikhathi kwande nokuqhunyiswa kwezikwibhisi. Lokhu kuyinto emnandi kakhulu ezinganeni kepha kuhamba nobungozi obukhulu. Kubalulekile ukuthi niqaphele ukuthi nimela kude nabantu abaqhumisa izikwibhisi. Uma kunguwe oziqhumisayo, qinisekisa ukuthi unolwazi oluphelele ukuthi zisebenza kanjani. Baningi abazithola belimala kanzima noma balahlekelwe yimiphefumulo ngenxa yezingozi zezikwibhisi. Okungcono nokuphephe kakhulu ukuthi uvele ungazihlanganisi sanhlobo nezikwibhisi.

Ukuze nihlale niphephile ngalezizikhathi zaKhisimusi noNcibijane kubalulekile ukuthi nihlale njalo nazi amagama agcwele abazali benu, hhayi izidlaliso kuphela. Lokho kusiza ukuthi iziphathimandla ezifana namaphoyisa nosonhlalakahle bakwazi ukulandela ukuthi ningabakuphi uma kwenzekile kwanenkinga. Kusiza nakakhulu ukuthi nazi izinombolo ekungafonelwa kuzo abazali noma amalunga omndeni.

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top