ISenegal idlulele kowomkhumulajezi kweyoMhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ompetha be-African Cup of Nations (Afcon) kunyaka we-2022 iSenegal ibe izwe lokuqala lasezwenikazi i-Afrika ukudlulela emdlalweni yomkhumulajezi kwiNdebe YoMhlaba ebanjelwe eQatar.
ILions of Taranga ikwenze lokhu ngokushaya i-Ecuador ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eKhalifa International Stadium. Bekumele nakanjani leli qembu lase-Afrika liwine ukuze lidlulele phambili kwiNdebe yoMhlaba.
Lamazwe eze kulo mdlalo ewadinga kakhulu amaphuzu agcwele njengoba ebehlukaniswe iphuzu elilodwa. ISenegal ize inamaphuzu amathathu emdlalweni emibili, i-Ecuador yona ibinamane nayo emidlalweni emibili.
Ukushaywa noma ukudlala ngokulingana bekuzosho ukudlulela phambili kwe-Ecuador bese iSenegal iqoqa amasakana ayo ibuyela ekhaya. ILions of Taranga iyona eshaye igoli kuqala nokube yiphenathi eshaywe ngu-Ismaila Saar ngomzuzu ka-44. Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-23 uyena odlaliswe kabi ebhokisini wavuka wayibeka phakathi iphenathi.
I-Ecuador izibuyisele emdlalweni ngokushaya igoli ngomzuzu wama-68 kwacaca ukuthi iSenegal isendleleni ebuyela ekhaya. Nokho ukaputeni uKalidou Koulibaly ubuyile ngomzuzu ka-70 washaya elihle igoli yaphinde yahamba phambili iSenegal.
UKoulibaly okunguyena mdlali onesipiyoni kwiSenegal ube esehlela udonga lakhe, ukuthi bengabe besangenelwa igoli waze waphela umdlalo. ILions of Taranga yagcina ngo-2002 ukudlulela kwiLast 16 yeNdebe yoMhlaba.
Lelizwe eliqeqeshwa u-Aliou Cisse liqale lo mqhudelwano linenhliziyo ezibuhlungu njengoba lize ngaphandle kwesithenjwa salo uSadio Mane owalimala edlalela iqembu lakhe iBayern Munich.
Amanye amaqembu alapha e-Africa asemathubeni okujoyina iSenegal iMorocco neGhana.