ITunisia nomqansa wokuhlula iFrance ukuze idlulele phambili
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Izolo ngoLwesibili iSenegal ijabulise i-Africa yonkana ngesikhathi iba yizwe lokuqala lalapha ezwenikazi i-Africa ukudlulela kwiLast 16 yeNdebe YoMhlaba ebanjelwe eQatar.
Namuhla ngoLwesithathu kubukeka kuzokuba ngokuhlukile kubalandeli balapha e-Africa, njengoba emaningi amathuba okuthi iTunisia ibe iqembu lokuqala ukuba liphume kulo mqhudelwano oba emva kweminyaka emine.
Okwenza lokho ingoba iTunisia iyibambe emsileni eqoqweni kuqoqo D, ngephuzu elilodwa emidlalweni emibili kanti ayikashayi nelokubika igoli. ITunisia ivule imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2022 ngokubambana neDenmark ngeqanda nhlangothi zombili, kowesibili yabe isishaywa i-Australia ngelilodwa eqandeni kumdlalo wesibili.
Kowokugcina wamaqoqo iTunisia izovovana inkani nezwe elivikela indebe okuyiFrance engagayelwa mphakho. Lo mdlalo uzobanjelwa e-Edication City Stadium, ngehora lesi-5 ntambama.
IFrance abazobhekana nayo ivele isizibekisele indawo kwiLast 16 yeNdebe yoMhlaba njengoba seyiwine imidlalo emibili okuyenza ibe namaphuzu ayisithupha. Lokhu kuchaza ukuthi iFrance ayikudingi kangako ukuwina kodwa iTunisia kumele nakanjani ibuye namaphuzu amathathu kulo mdlalo.
Nokuwina kwayo iTunisia kumele yenze isiqiniseko sokuthi inqoba ngamagoli amaningana kwiFrance, bese iDenmark inqobe okungenani ngegoli elilodwa kwi-Australia. Lokhu kunzima kakhulu ngoba noma iTunisia ingawina kwiFrance kodwa uma i-Australia ishaya iDenmark kuzobe sekuphelile ngaleli lizwe lase-Afrika.
Kweminye imidlalo ekhona namuhla owePoland ne-Argentina bese kuba oweSaudi Arabia neMexico, yomubili izoqala ngo-9 kusihlwa