Ukucikoza ngolwebele nokuba ingcwephelezi ukuzwa egazini


Emidlalweni eminingi alingisa kuyo kusuka kweyeshashalazi, eyethelevishini neyomoya akukho lapho eshiya khona kungakhalwa ngenxa yekhono, ukuzimisela nokuzigqaja ngolimi lwakhe lwebele okuthi uma esecikoza ngalo kunanele abadala nabancane.
Ungamnika noma iyiphi indawo emdlalweni, uBheki Mkhwane uzokwenza ukhohlwe ukuthi kuyalingiswa, ngenxa yendlela azibophezela ngayo kwakwenzayo. Ukulingisa kuyena kugijima negazi. Wazalwa ngonyaka we- 1963 elokishini KwaMashu, eThekwini. Ngaphandle kokuba umlingisi, uphinde abe umqondisi, umdidiyeli nombhali wemidlalo nezikaqedisizungu.
Njengeningi lezingane zaboHlanga, uMkhwane ukhule ekhonze kakhulu ibhola. Wayechitha isikhathi esiningi elandela umbhali wemidlalo yeshashalazi umufi uGibson Kente, nayilapho angenwa khona uthando lwemidlalo yeshashalazi. Wabe esehlangana no-Ellis Pearson owayengumlingisi. Babhala imidlalo eminingi ndawonye ababebuye balingise kuyo njenge, A Boy Called Rubbish, iKaboom, Amazwi Omoya, iLobola neminye. Isiphiwo sakhe sokungena khaxa kuyona yonke indima senza wakwazi ukusebenzisana nezinkampani ezihlukahlukene ezikhiqiza imidlalo yeshashalazi neyethelevishini. Ufike emdlalweni iSibaya wayibeka induku ebandla.
Lapha wayelingisa indawo kaSamson okwabe kunguye omdala kwaGatsheni. Kulo mdlalo wazakhela udumo olwedlulele ngendlela ayezwana ngayo nomkakhe uJola. Ukhamba lufuze imbiza njengoba nendodana yakhe uMenzi ilandela ezinyathelweni zikayise.
UMenzi uthi umkhakha wezobuciko neshashalazi yiwona ozifikele kuye, ngokwakhe yena wayengeke azifake kuwo ngenxa yokuthi uyise usevele ekuwo. Yena wenza okwehlukile ngoba ucija intsha ekulingiseni.
Uthi kuyamangaza akubona eNingizimu Afrika lapho uwonke wonke ecabanga ukuthi angalingisa. “Akuyona into elula, awukwazi ukuzishaya isifuba ngokuthi usufinyelele lapho ubulangazelele khona, Kesha kudingeka ufunde zinsuku zonke. Emkhakheni wokulingisa abadidiyeli abavele nje bakubone, kodwa uyazikhandla usebenzele phezu kwalokho onakho.”