Now Reading
IBafana ayizivivinye ngamazwe anamava kweyobungani
Dark Light

IBafana ayizivivinye ngamazwe anamava kweyobungani

Empilweni mawufuna izinto eziphezulu, endleleni yakho uyadinga ukuthi ubhekane nezigameko ezinzima ukuze kuthi ufika lapho oyakhona usuyabazi  ubunzima. Wonke umuntu ophumelele kukhona izikhathi empilweni angazikhohlwa ohambeni lakhe, kodwa wabekezela.

Nakwezemidlalo uma ufuna ukuba yingqwele kumele ubhekane nezinye izingqwele. Angiqondile ukuba isikhulumi samazwi akhayo, kodwa umbhalo wami ngiwubhekise eqenjini lesizwe likanobhutshuzwayo iBafana Bafana. Ngiyazibuza ukuthi ngempela yini inhloso yayo?

Amanye amazwe adlala iNdebe YoMhlaba, kuthi lawo angekho kuyona iNdebe YoMhlaba adlala imidlalo yobungani namazwe ahlonishwayo emhlabeni ngenhloso yokuthi afuna ukuzibona ukuthi amiphi ikuphi lapho okumele alungise khona.

Ngikhiluma nje i-Egypt  ihlule iBelgium kowobungani ngamabili kwelilodwa. IBelgium ibalwa namazwe ali-10 aphezulu emhlabeni, iphethe u-Eden Hazard nabanye abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Kuzothi iBafana Bafana iqome ukuthi idlale imidlalo yobungani neMozambique ne-Angola.

La mazwe awanamlando ebholeni njengoba bengishilo, kodwa abesho ukunikeza iBafana Bafana inkinga. Ngabe inhlangano ephethe unobhutshuzwayo wakuleli iSouth African Football Association (SAFA) ithini ngaleli hlazo, noma abaphathi abakhona bazi ukudla imali behlale emahhovisi nje kuphela abazilutho ngebhola.

Kungani besingadlali nezwe elihlonishwayo njengeNigeria, noma sidlale nayo i-Egypt.  Ukudlala neMozambique noma ne-Angola kusisiza ngani ngempela, kuze kulandwe abadlali baphesheya kwezilwandle. Angingabazi ukuthi uma sizoqhuba kanje iBafana Bafana isazoqhubeka nokubuka imiqhudelwano emikhulu, ingabi yingxenye yawo. 

Ngithe mangibuka ibhola ebelidlalwa iBafana idlala neMozambuque lingisayise ngamahloni ayisimanga. Ayikho lento, saze sashayelwa igoli kuqala ngobani nje. Ngonyaka ozayo iBafana iyodlala imidlalo yokuhlungela ukuya kwi-African Cup of Nations (Afcon).

See Also

Umbuzo uthi sizomelana kanjani namazwe angaphezulu kwethu uma sisadlala neMozambique. Angisho ukuthi abadlali abekho ikhono into esinayo la inkinga kunzima ukuthi abadlali bekhule ngoba badlaliswa namazwe angekho ezingeni.

Kumele sidlale namazwe anzima ngisho ne-Italy imbala, uma singenzi kahle kumele akhonjwe indlela uHugo Broos ongimqeqeshi welesizwe.

Sike siqashe umqeqeshi walapha ekhaya ozoliqonda kangcono usiko lalapha eNingizimu Afrika namanje ngisasho sinabo abadlali abanekhono kuDStv Premiership naphesheya kwezilwandle.  NeSafa kumele kube khona ekwenzayo, singaphenduki ihlaya.

Scroll To Top