Now Reading
Bazobhema bakholwe eMpofana ngamankomane
Dark Light

Bazobhema bakholwe eMpofana ngamankomane

Zizobe zibulalana kumqhudelwano iKwaZulu-Natal Olympic Style Junior Championships ehlelwe ukuba ibe seMooi River kusasa ngoMgqibelo.

Amabhokisa angaphansi kweminyaka eli-13 azobe efuna ukuzibekisela indawo eqenjini lesifundazwe elizoncintisana nezinye izifundazwe emidlalweni kazwelonke ezokuba esontweni lesibii kuZibandlela eMangosuthu Technikon University (MUT) eMlazi.

Ngokusho komunye wabaqeqeshi abakhona ekhempini eMooi River,uthe amabhokisa akhombisa ukuzimisela njengoba efuna ukuzibona eyingxenye yeqembu yalesi sifundazwe

okuzobekwa kulo ithemba ukuthi lizophinda likhonye. Ngesikhathi kugcinwa ukudlalwa ezingeni likazwelonke ngowe- 2019 kowabe ubanjelwe e-Eastern Cape,  iKwaZulu-Natal iyona eyaba omanqoba.

Abazoshaya into ecokeme bazothola ithuba lokuzibonakalisa eMlazi kusukela ngomhla zili-11 kuya mhla zili-16 kuZibandlela.

Le midlalo imqoka ezifundazweni zonke kwazise ilapho kuqala khona ukuphembeka kompetha bangomuso. Futhi ilapho ikhono nokudlondlobala kuqala ukubonakala khona iKwaZulu-Natal isizuze kakhulu ngokuyithathela phezulu le midlalo yamazinga aphansi njengoba kuyikhiqizele inqwaba yamabhokisa asedumile kanti amanye asengene esigabeni esikhokhelayo.

Nngokusho kwemeneja yezamankomane uMike Dube, bangama-50 osomankomane abanyukele esigabeni esikhokhelwayo besuka kwesama-Amesha.

Ohamba phambili njengokhiqizwe ile midlalo uPhiwokuhle Mnguni, osanda kugila izimanga eqopha umlando ngokuba ibhokisa lesifazane lokuqala ukubuya nendondo kuma-Commonwealth Games abeseBirmingham, e-England ngoNtulikazi kuya KuNcwaba nonyaka. Le ntokazi yaseDundee yabuya nendondo yethusi yize yayiqala ukudlala esigabeni sezinga eliphezulu kangakaya.

Omunye oqale ukuphononongwa kule midlalo nguLethokuhle Sibisi waseDundee osebuya emidlalweni kazwelonke eCape Town, amaZone 4 Games eMozambique nakwi-International Boxing Association (IBA) Women’s World Boxing Championships eTurkey. Abanye uNtethelo Magcaba waseMgungundlovu noqhamuka emndenini owodwa nophromotha wabesifazane ababalwa nabahamba phambili uNomvelo Magcaba-Shezi noMxolisi Zuma waseKing Cetshwayo.

 Zombili lezi zinsizwa  zingene ngeshodi esigabeni esikhokhelayo njengoba zishaye esinenkosi phakathi kanti maduze zizophinde zikhombise abantu ukuthi azizinqobanga ngephutha izimpi zazo zokuqala esigabeni  esikhokhelwayo.

See Also

Lezi zinsizwa zizobe zilwa ezimpini eziqhathwe iHle Jobe Promotions, ezizokuba seMajuba FET College,  eDundee ngoMgqibelo ozayo.

IMeya yaseMooi River, ngaphansi kwaMasipala iMpofona uMaureen Magubane uthe kuyabajabulisa ukuthi bazosingatha lo mqhudelwano.

“Kuyintokozo enkulu ukuthi sizosingatha lo mqhudelwano, uzokhuthaza kakhulu intsha yalapha eMpofana ukuthi ingene esibhakeleni. Okuhle ukuthi isibhakela muva nje sibuye ngezinkani, nabantu besifazane abazibekile phansi bayazifaka kusona,” kusho iMeya.

Iphinde yabalula ukuthi banesifiso sokuthi ngelinye ilanga iMpofana isingathe umqhudelwano wesibhakela okobe kubangwa ibhande lomhlaba kuwona.

Scroll To Top