Bazigwaze ngowabo abadlali beCameroon behlulwa



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kumele bazinuke bona amakhwapha abadlali baphambili beCameroon njengoba beyeke amathuba esiwombeni sokuqala, ngesikhathi lelizwe libhekene neSwitzerland emdlalweni wokuqala weNdebe YoMhlaba.
Lo mdlalo weqoqo G obubanjelwe e-Al Janoub Stadium ugcine uphele ngegoli elilodwa eqandeni kunqoba Switzerland. Igoli leSwitzerland livalelwe phakathi uBreel Embolo, lo mdlali okubuhlungu ukuthi ungowokuzalelwa eCameroon, kanti uke wahlala naseFrance.
La mazwe abetholana kokuqala ngqa emlandweni. Bekungolwesibili kuphela iSwitzerland ibhekana neqembu lalapha e-Afrika kwiNdebe yoMhlaba, ishaye iTogo ngo 2-0 emidlalweni yamaqoqo ngonyaka wezi-2006 kweyabe ibanjelwe eGermany.
Abadlali abenzele phansi iCameroon u-Eric Maxim Choupo-Moting, uBryan Mbeumo noKarl Toko Ekambi. La badlali bathole amathuba amaningi, obekumele noma beshaye amagoli amabili sekuhlanganiswa wonke amathuba abawatholile kodwa abatholanga nelilodwa igoli.
ISwitzerland seyizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba kayi-12 kulandela ukuqeda eqhulwini eqoqweni layo, ngaphezu kwe-Italy engabonwa kwiNdebe yoMhlaba kulokhu. Okwesihlanu kulandelana idlala kwiNdebe yoMhlaba nokwenza kube yisikhathi eside kunazo zonke ilokhu ikhona emqhudelwaneni.
Ukunqoba kweSwitzerland iqhubekile nomlando wayo omuhle wokungahlulwa emdlalweni wokuqala wayo iNdebe YoMhlaba. Yagcina ukubhaxabulwa iGermany ngonyaka we-1966.
Ukuhlulwa kweCameroon kuyenze kwaba izwe lesibili lalapha e-Africa ukuhlulwa kulo mqhudelwano, elinye izwe eselihlulwe iSenegal eyahlulwa iNetherlands ngamagoli amabili eqandeni. ITunisia yona neMorocco badlale ngokulingana.
ICameroon seyingene kwiNdebe yoMhlaba okwesishiyagalombili okuyizikhawu eziningi kunawo wonke amaqembu ase-Afrika. Seyidlale imidlalo eminingi (24) kunawo wonke amaqembu ase-Afrika kwiNdebe yoMhlaba.
Kumdlalo olandelayo iCameroon izovovana inkani neSerbia, ezotholana phezulu neBrazil namhlanje kusihlwa.