Kuphinde kwabheda kwawase-Africa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IGhana nayo ihlulekile ukuba yiqembu lokuqala lokuthi ithole amaphuzu amathathu kwiNdebe yoMhlaba. Lelizwe lihlulwe ngamagoli amathathu kwamabili iPortugal.
Okube yinto eqaphelekile ukuthi iGhana ingene kulo itshengisa ukweyisaba iPortugal njengoba ibidlala ngezitobha ezinhlanu, phambili idlala ngomgadli oyedwa. Isiwombe sokuqala isibambe kahle njengoba ingangenelwanga goli, nesithenjwa sePortugal uCristiano “CR7” Ronaldo bebemumakile njengoba elithinte kancane ibhola.
Ngesiwombe sesibili iqalile inkinga njengoba iPortugal ibisitshengisa ukuthi ifuna igoli, nebala yalithola nokube iphenathi evalelwe phakathi uRonaldo. Iphenathi abantu abaningi bebethi akuyona, njengoba abadlali beGhana bebekhalaza bethi unompempe akaye kwi-Video Assistant Referre (VAR) kodwa waqhumeka nesinqumo sakhe sokuthi iyona iphenathi.
IGhana ibe isilinganisa ngegoli lika-Andrew Ayew ongukaputeni wayo. Ukushaya kwegoli leBlack Stars(Ghana) kube engathi kuyayibasela kakhulu iPortugal njengoba ibuye yashaya amagoli amabili nashawe uJoao Felix noRafael Leao obeqhamuka ebhentshini.
IBlack Stars ibuyele ngelesibili elivalelwe u-Osman Bukari, leli goli lidale ukuthi izitobha zePortugal zitatazele. URonaldo esephumele ngaphandle ubesephenduke umqeqeshi njengoba ubemi ngezinyawo.
Ukuhlulwa kweGhana kwenze aba mathathu amaqembu alapha e-Africa asehluliwe, iSenegal yahlulwa iNetherlands, iCameroon yona ihlulwe iSwitzerland.