Now Reading
Ingqalabutho: uMnu uSipho Gumede
Dark Light

Ingqalabutho: uMnu uSipho Gumede

UMnu uSipho Gumede wazalelwa eCato Manor ngonyaka we-1952, okuyindawo eyayinabomdabu bamaNdiya kakhulu ngaleso sikhathi eThekwini.

Kusukela esemncane wakhombisa ukuwuthanda umculo, edlala isigingci ayezenzele sona yena. Wachayeka kuzo zonke izinhlobo zomculo futhi waqhubekisela phambili ithalente lakhe lesigingci, kwisiginci ayesibolekile esikhundleni salesi ayezenzele
sona yena. Ngemuva kokulaliswa isikhashana esibhedlela uSipho washona mhla zingama-26 kuNtulikazi kowezi-2004, kubikwa ukuthi wabulawa umdlavuza wamaphaphu. Ushiye emhlabeni indodakazi yakhe uMantombi nonkosikazi wakhe uFikiswa Pupuma, abashade naye ngaphambi nje kokuba ashone.

Omunye osemkhakheni wezomculo kanye noGumede, uCaiphus Semenya wakhumbula ubudlelwano bakhe noGumede ngokuthi athi: “Ngimazi ngemisindo yakhe ehlukile futhi emisha. Ngaleso sikhathi bengihlala eLos Angeles futhi abantu bebejwayele ukungithumelela umculo wakhe, okwakungikhuthaza ngendlela yokuthi bekwenza ngizimisele ngokusebenza naye. ”

See Also

Ukushona kukaGumede kumphuce ithuba lokunqoba umklomelo wangowezi-2004 weKwaZulu-Natal Living Legends Award.

Scroll To Top