Eyokucima kukagesi izokwenza adliwe kumuncu amaholidi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekusele amasonto ambalwa ngaphambi kokuthi kube isikhathi sonyaka abantu lapho bahlala khona nemindeni, bebungaza amaholidi kaZibandlela. Okubuhlungu ukuthi loZibandlela ngeke wafana neminye ngenxa kagesi.
Isikhulu esiphezulu kwa-Eskom uMnu uJan Oberholzer uthe imbangela yalokho ingoba amaphrojekthi amakhulu kanye nokulungiswa indlela yokuphaka ugesi ikhona okwehlisa umthamo wokukhiqiza ugesi.
U-Oberholzer obekhuluma esithangamini sabezindaba mayelana nesimo sohlelo lwamandla kagesi kuleli, uthe ukulungisa kuzodala ukuthi ucinywe ugesi.
Uthe iKoerberg Nuclear Power Station okuyiyona abayithembayo emishinini ekhiqizayo, izoya kolungiswa kusukela ngomhlaka-8 kuZibandlela kulo nyaka kuze kube uNhlangulana ngonyaka ozayo.
Lokhu kuzosusa umthamo wokukhiqiza ongu-920MW kwiNational Grid ezinyangeni eziyisithupha.
“Iyunithi yokuqala yeKoerberg Nuclear Power Station ebeyinezinsuku ezingu-384 ingaphazanyiswa yilutho, izovalwa ukuze ixilongwe iphinde ithole namafutha kuphinde kushintshwe namagenerator amathathu njengohlelo lokuthi akwazi ukusebenza isikhathi eside,” usho kanje.
U-Oberholzer uthe ukulungiswa kweyunithi yokuqala, neyesibili kanye neyesithathu eKusile kanye neyesine eMedupi kuzosusa umthamo wokukhiqiza ongaphezulu kuka-2,300MW.
“Singalindela ukuthi abe maningi amathuba okuthi kucinywe ugesi kuze kuqedwe ukulungisa kanye nokuqinisekisa ukuthi konke kusesimweni esifanele, lokho kungalindeleka ukuba kuphele ezinyangeni eziyi-6 kuya kwezili-12 ezizayo,” kusho u-Oberholzer.
Uthe uma nisendaweni lapho khona engenawo amandla amakhulu, uzophela kaningana ugesi ugcine ungenelela kwezinye eizindawo ezikake leyo ndawo.
“Ukulahlekelwa amandla okwesikhashana kuzokwenza sibe nzima kakhulu isikhathi sasehlobo, njengoba lesi kuyisikhathi okuvalwa ngaso amanye amayunithi ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke into isesimweni,” kusho u-Oberholzer.
Uphinde wamemezela nokwesula emsebenzini kukaRhulani Mathebula oyisikhulu sePower Utility Group for Generation. UMathebula wathatha izintambo kuPhillip Dukashe naye owasula ngoNhlaba kulo nyaka.
Elakuleli libe nonyaka ongemuhle njengoba licinyelwe ugesi izinsuku ezili-155 kusukela kuMasingana kulo nyaka futhi usazocinywa nangamaholidi.