Now Reading
Bamangazwe ukuhoxa isigubhukane kwezikaMashaba
Dark Light

Bamangazwe ukuhoxa isigubhukane kwezikaMashaba

IFreedom Front Plus (FF Plus) ithi isinqumo se-ActionSA sokuhoxa kumfelandawonye oholwa yi-DA eKurhuleni siyisimanga.

I-ActionSA ithi ukuhoxa kwayo kulandela ukukhathazeka ngokungasimami kukahulumeni wedlanzana. Ilungu lePhalamende le-FF Plus, uCorné Mulder, uthi i-ActionSA ayizange ibazise ozakwabo bomfelandawonye ngenhloso yabo yokuhoxa.

“Kwangimangaza. Ngicabanga ukuthi bengingakulindele lokho. Ngokwezinhlinzeko zesivumelwano somfelandawonye, isigaba sesi-8, kufanele bazise amanye amadlelandawonye ngezinhloso zabo abangazenzanga. I-ActionSA inqume ukungasazisi, angazi ukuthi kungani. Babambe isithangami sabezindaba ukumemezela lokho. Ngakho, bekuyisimangaliso, yebo impela.”

I-ActionSA eDolobheni lase-Ekurhuleni ithi nakuba imeseka uhulumeni wobumbano kodwa ngeke ithathe isikhundla seMayoral Committee emkhandlwini. Leli qembu belisize okhethweni iMeya yeDA uTania Campbell.

See Also

Kodwa ekhuluma nabezindaba eGoli namhlanje ekuseni, uSihlalo we-ActionSA uMichael Beaumont uthi isinqumo sabo sokushiya isigungu esiphezulu sithonywe ukuthi cishe ama-60% wezakhamuzi uthi izinto bezingahambi ngendlela kulezi zinyanga ezili-12 ezedlule.

Uthi ziningi izivumelwano zamadlelandawonye azizange zenziwe. Nokho, uBeaumont uthi bathathe isinqumo sokuba iqembu eliphikisayo elakhayo emkhandlwini.

Scroll To Top