Siya ngomutsha wendoda isikhathi sePhalamende ngomnqamulajuqu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IPhalamende lisalelwe yinyanga ukuthi lihlangabezane nomnqamulajuqu weNkantolo YoMthethosisekelo ukuze kulungiswe iphutha kuMthetho Wokhetho.
Isishayamthetho sikazwelonke siyalelwe ukuba siqinisekise ukuthi umthetho uvumela abangenele ukhetho abazimele ilungelo elingokomthethosisekelo lokubamba iqhaza okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iNew Nation Movement kanye neqembu labanye abangenele ukhetho ngokuzimela bephonsele inselelo ngempumelelo umthethosisekelo walomthetho.
UMehluleli weNkantolo yoMthethosisekelo, uMbuyiseli Madlanga, ukhiphe isinqumo sokuthi lomthetho uphambene nomthethosisekelo mhla zili-11 kuNhlangulana wezi-2020 futhi wayalela iPhalamende ukuthi liwulungise.
“Kumenyezelwa ukuthi uMthetho Wokhetho wama-73 we-1998 awuhambisani noMthethosisekelo kangangokuthi udinga ukuthi abantu abadala bakhethelwe eSishayamthetho Sikazwelonke naseziShayamthetho zezifundazwe kuphela ngokuba ngamalungu amaqembu epolitiki. Ukumenyezelwa kokuphambana nomthethosisekelo kulindeleke ukuthi kuqale ukusebenza kusukela ngosuku lwalo myalelo, kodwa ukusebenza kwawo kumiswe izinyanga ezingama-24 ukuze iPhalamende likwazi ukulungisa inkinga edale ukuphambana noMthethosisekelo,” kusho uMadlanga ngesikhathi ethula isinqumo esiyingqophamlando.
Umthethosivivinywa wethulwa ePhalamende kuphela nguMnyango Wezasekhaya ngoMasingana wezi-2022, izinyanga ezinhlanu ngaphambi komnqamulajuqu weNkantolo yoMthethosisekelo.Izigcawu zokulalelwa kwezimvo zomphakathi ezweni lonke zaba sezingxenyeni ezahlukene zezwe ngoNdasa.
Ngemuva kwenyanga, okhulumela iPhalamende ngaleso sikhathi, uMoloto Mothapo, wavuma ukuthi isiShayamthetho sikazwelonke ngeke sihlangabezane nomnqamulajuqu.