Inkinga yamanzi e-Adams Mission ingahlukanisa umphakathi
INDAWO i-Adams Mission iyinoni kulezi zinsuku ngokuba nodedangendlale womhlaba abantu abakwazi ukuwuthenga bakhe izithabathaba zemizi bajike basale namagceke amakhulu. Phambilini lo mhlaba wabe uyisimoba esasingaphansi kwesizwe sakwaMakhanya okwathi ngokuhamba kwesikhathi umphakathi wavuleleka ukuthi ukwazi ukuwuthenga. Namuhla sekunezitende nezithabathaba zemizi.
Le mizi ibonakala kahle uma ugudla ngomgwaqo uR603 osuka eWinkelspruit oxhumanisa le ndawo neMbumbulu. Kuyisifiso sabantu abaningi ukuhlala kule ndawo ngoba amarate awakhokhwa noma ngabe umuzi wakho mkhulu kangakanani ngoba ayikho ngaphansi kukaMasipala weTheku. Nakuba lo mphakathi kubonakala uhleli ntofontofo kodwa inkinga obhekene nayo yokuntuleka kwamanzi. Lo mphakathi usuzame kaningi ukuthi kusukunyelwe inkinga yamanzi endaweni kujike kube zinhlanga zimuka nomoya.
NgoNdasa wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo izinsuku ezimbili ukhala ngamanzi nalapho wangaluthola usizo. NgoNhlangulana umphakathi wagasela ethangini lamanzi eWinkelspruit eliphakela izindawo ezakhelene ne-Adams Mission uthi ufuna izindlela zokuthi amanzi akwazi ukufinyelela kuwo. Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi eduze nale ndawo kunesigcinamanzi iNungwane eliphakela ilokishi iKwaMakhutha nezindawo ezilakhele kodwa wona awusizakali ngalutho. Ngaphandle kwe-Adams Mission ezinye izindawo ezikhahlamezeke kakhulu ngenxa yamanzi yiNkangala, ikwaShozi MaZungu, eMphushini nakwaSheleni.
UNkk uMildred Mzobe wakwaShozi oneminyaka yobudala engama-65 uthi wathenga indawo ngowezi-2015 ngoba kuyindawo ethuthukayo esuka ePort Shepstone.
Uthi nowamdayisela indawo akazange ambikele lutho ngenkinga yamanzi, kodwa waqala ukuba novalo ngonyaka wezi-2016 bedla uKhisimusi baze bahlukanisa unyaka amanzi bengenawo. Uthi indawo yinhle impela kodwa ukungabikhona kwamanzi kuqeda bonke lobu buhle ngoba abakwazi ukwenza lutho. Imizi eminingi kule ndawo sekwaphoqeleka ukuba ifakelwe amathangi amanzi ojojo ukuze bakwazi ukuwalondoloza uma izulu linile.
“Awukwazi ngisho nokuba nezivakashi ngoba kuzomele zigeze zisebenzise indlu encane manje uma amanzi engekho kuba inkinga,” kuzikhalela uNkk uMzobe. UMzwakhe Mseleku ofunda eDr Nembula High School kule ndawo uthi sekwaba yinsakavukela ukuhamba ibanga elide beyofuna amanzi ngoba ompompi sebehlala bomile.
“Ngabe kungcono nokuthi kukhona imifula sikwazi ukukha manje nayo seyasha. Kusinda imindeni enezimoto ezinkulu ekwaziyo ukulayisha imiphongolo iye koManzimtoti iyokha amanzi,” kusho uMzwakhe. Uthi okubasizayo ngezimpelasonto ukuqoqana baye ebhishi eliseduze eWinkelspruit ngoba kunezindawo zokugeza ezivulelekile, kodwa ukhala ngokuthi nalapho kudingeka bakhokhe ngoba kugitshelwa ngemali.
Inkinga yamanzi kule ndawo isinyakazise iqembu eliphikisayo eMkhandlwini iTheku iDemocratic Alliance (DA), eselibhalele iNhloko Yezamanzi Nenhlanzeko uMnu u-Ednick Msweli limnxusa ukuba angenelele kule nkinga. Ikhansele leDA uNks uZandile Mkhize uthi indawo ekhahlamezeke kakhulu yiNkangala lapho inkinga yamanzi yaqala ngowezi-2007 okuze kube yinamuhla umphakathi wakhona uphila ngokulethelwa amanzi ngamaloli.
“Imizamo yethu yokuthola umnyombo wale nkinga ayitheli zithelo, impendulo esinikwa yona ngethi awanele amanzi athunyelwa emphakathini.
“Le nkinga isidale indlala emphakathini ngoba nabanamabhizinisi bayaphoqeleka ukuwavala ngenxa yokuntula amanzi. Konke lokhu kuwukwehluleka kukaHulumeni ohlolwa yi-ANC,” kuchaza uNks uMkhize.
Ukungaxazululeki kwenkinga yamanzi sekuze kwadala ukwehlukana emphakathini kukhona abathi kumele kungene uMasipala ukuthi ukwazi ukufaka ingqalasizinda njengamanzi nogesi, kanti abanye bathi lingawa licoshwe izinkukhu angeke bakuvuma lokho ngoba banemizi emikhulu enamagceke avulekile ngakho uma kungena uMasipala bazokhokha kakhulu.