Now Reading
Izinga lokuhlukumezeka kwezingane kwaCeza
Dark Light

Izinga lokuhlukumezeka kwezingane kwaCeza

Lubuhlungu udaba lokubulawa kukaFezile Sangweni emuva kokunukubezwa ngokocansi, umntwana obeneminyaka emihlanu.

Umngcwabo wawubuhlungu ngendlela emangalisayo. Kwaba khona isikhathi lapho itende lonke lakhihla isililo, kukhala umunyu. Kungaleso sikhathi lapho ukubanda kwalomhlaba kwacwila ezinhliziyweni zethu sonke. Inkonzo yonke ibiqhutshwa indumiso kakhulu kunentshumayelo, namazwi ahlakaniphile aphuma kuzo zonke izikhulumi. UZulu Pavarotti nabanqobi bavalelise uFezile baduduza umndeni wakhe ngobuciko babo. Umndeni kanye nomphakathi bakuthokozela kakhulu ukuba khona kukaZulu Pavarotti nabaNqobi kuvaleliswa indodakazi yabo.

Ngaphambi kokuba sihambe, saba nezingxoxo namanye amalungu omndeni. UGabi Dhlamini ungudadewabo womqashi womfana owadlwengula wabulala ingane. Kuyinkemba yosizi esika nhlangothi zombili ngendlela engaqondakali ngoba ngakolunye uhlangothi, umndeni ulahlekelwe kabuhlungu indodakazi yawo eneminyaka emihlanu; ngesikhathi esifanayo, yilomndeni oqashe umbulali – okushiya unomuzwa wokuthi unecala ngale nhlekelele. UGabi Dhlamini wacela kaningi intethelelo emndenini ngokuqasha nokuthemba umbulali. Nangesikhathi somngcwabo bekugcwele ukwesekwa odabeni lokuxolelana ngoba akekho obengayilindela le nhlekelele.

Ngenhlanhla, unina wengane wadalula emndenini ngaphambi komngcwabo ukuthi akanagqubu namuntu – ngisho kumbulali usemxolele. Ngesikhathi sikhuluma nomama wengane, wabonga kakhulu; evuma ukuthi bekungathi ubethwele itshe emahlombe kusukela ngelanga lesigameko kodwa ngenxa yokwesekwa okukhulu umndeni akuthola, wezwa elula njengoba lesi sisindo sisuswa emahlombe akhe.

Ubaba wengane wayebonakala engakakulungeli ukuxolela okwamanje – kodwa singathandazela kuphela ukuthi akhulule inhliziyo yakhe axole kuze kuphela intukuthelo anayo ngenxa yokulahlekelwa indodakazi yakhe ngale ndlela.

Ukwesekwa kukahulumeni sikuthole kwiHhovisi likaNdunankulu: Isimo Sabesifazane Nezingane (Office of the Premier: Status of Women and Children) eliholwa nguNkz uPhumelele Mngomezulu, ihhovisi lixhumanise iSAPS kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi (Department of Social Development) ukusiza umndeni wakwaDhlamini.

Kukhona osonhlalakahle abavakashele umndeni wakwaDhlamini ngeSonto namaphasela okudla. Nokho abazange balubhade emngcwabeni ngoLwesibili, okube kubi kakhulu ngoba ukuba khona kwabo emngcwabeni bekuzosia ekutheni babekhona bakhuze lomkhuba omubi kangaka.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukhombisile ukuthi awunaki kanti esimweni esibucayi njenga lesi bekumele ngempela baye emngcwabeni. Ukulwa nodlame olusekelwe kubulili kudinga ukuthi izisulu zisekelwe ngakho konke. Mhlawumbe, leli kuzoba yithuba lokulungisa ukuziphatha budedengu komnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.

See Also

Lapho sathi siphuma emuva komgcwabo, owesifazane wacela isikhathi sethu njengoba enelinye icala leGBV ubefisa ukusibikela lona. Ingane yentombazane eneminyaka emine ubudala yadlwengulwa ngumalume wayo ngoMandulo ngowezi-2022.

Yatshela unina ngokwenzekile yabe isiphuthunyiswa emtholampilo, kwabe sekuvulwa icala. Ngesikhathi icala liqulwa, kwakukhona udokotela onguchwepheshe owathi – ngokombono wabo wochwepheshe – ukuthi ingane ayizange idlwengulwe. Laphela lapho icala.

Umndeni uyavuma ukuthi ukuthole kuxakile lokhu ngoba ingane iyasho ukuthi umalume wayidlwengula kanjani; ingane ivuvukele esithweni sayo sangasese futhi ayikwazi ukubamba umchamo. Ingane kuthiwa iphazamisekile emqondweni ngemuva kokuhlukunyezwa. Ngokushesha sakhulumanayo futhi njengamanje siphenya ukuthi liphelelephi icala.

Scroll To Top