Ukhondolo lomndeni, lobuzwe nelobu-Afrika lumqoka empilweni yomAfrika


AboHlanga noHulumeni base-Afrika bacinene noma sicinene asiyisabalalisi imiqondo yethu ekuthuthukiseni imfundo ngokwase-Afrika.
Imfundo nolwazi, kube imali, impucuzeko, inkolo yobuKhrestu nokubhala ngukukwethwasa nemimoya, eyafakwa ngabezimishini baseNtshonalanga noma base-Europe ngesihluku ekwenzeni nasekucabangeni izinto.
Imfundo yase-Europe abanye boHlanga yabenza bazibona bengcono kunabanye boHlanga. Bethi imfundo yase-Europe yaqala emazweni abo nasezifundazweni zabo, bengathuthukisile okwase-Afrika nokwase-Europe.
Asibachome uphaphe lwegwalagwala aboHlanga abazuza imfundo yaseNtshonalanga, basungula isiqubulo esithi ‘Impi ayiliwe ngamabhuku” bethuthukisa ukubhala ngezilimi zebele nokunye emhlabeni njengesiqalo sezinto zethu.
Ngeyani imfundo uma ibukeka iwukukhuluma isiNgisi, iwumgolo, iwubugovu, ukungasizani nokuzicabangela wena wedwa, ukubulalana, ukuthakathana, ukuthwala kucashwe ngenkolo esikhundleni solwazi.
Lingawa licoshwe izinkukhu, abelungu abakhuluma kahle ulimi lwaboHlanga belusheba nolimi lwabo emagcekeni abo, asemakubo.
AboHlanga basheba, sisheba kakhulu ulimi lungaqondakali nolimi okukhulunywa ngalo, ikakhulukazi ezindaweni zokusakaza, zethelevishini nasezindlini zokudumisa uMdali, lapho kuhlalwa khona nakwezinye izindawo.
Sisayithatha njengembudane imfundo yokwethwasa nemimoya emihle yase-Afrika uma isivuka, isifuna ukuthatha indawo eyagudluzwa kuyona ngabase-Europe. Ukuze ingene emuntwini ngezindlela eziningi.
Ngizothi ngokolibofuzo (DNA) lwasemindenini ukuze kubelula ukulandela ukuthi ngibhala ngani. Seluvuka ulibofuzo lwemindeni ngemfundo yezokwelapha nezempilo, ngezenkolo, ngezesikompilo nenhlalakahle, ngezebonjulabuchopho, ngezokufundisa, ngezokulima, ngemfuyo manje osekungamabhizinisi nomnotho wemali, ngezokuvikela nezomthetho nokuningi kwase-Afrika.
Isizukulwane samanje asimthandi ogxekayo, egabe ngeyaseNtshonalanga, engayithuthukisile kwayona siqu sakhe. Sesiyakwazi ukuthi kwakunemfundo yase-Afrika bengakafiki abelungu baseNtshonalanga basididisa.
Ifuna ukubona osopolitiki boHlanga okungenani bengeza amakilasi ezikhungweni zemfundo, benza okusondelene nemfundo nokunye uma bekhathalele abantu. Kunabasungula izikhungo zokufundisa ulwazi lwokwethwasa nemimoya, lokwelapha, lwendabuko yase-Afrika bezuze imfundo yaseNtshonalanga.
AbaseNtshonalanga basungula izikhungo zokufunda nezindawo zokulala izitshudeni, abafundi abazofunda bazuze ulwazi ngokwemikhakha ehlukene. Abase-Afrika bakha izigodlo zokuzothwasa nokwelapha, izidumba zokulala amathwasa azothwasa kuthiwe isephehlweni, ukuzozuza ulwazi lokwethwasa nemimoya ngokwase-Afrika abaphiwe, nabaneziphiwo ngokwamathongo asemakubo.
NgokwaseNtshonalanga imfundo ayiqedwa, ayikhulelwa.Kanti ngokwase-Afrika imfundo uze ufe uthwasiswa amathongo. NgokwayaseNtshonalanga, bagqokiswa amajazi, imiyezane ekhanda, bembathiswe emahlombe ngokwemibala efundelwe bazuze izitifiketi, iziqu.
Ngokwemfundo yase-Afrika kugqokwa izembatho, imvunulo, amabhayi emahlombe, izigqoko nokunye emakhanda, eziyimibala eyehlukene. Kuphathwe amashoba, izinduku nokunye ngokuyalelwa amathongo abo, ukukhombisa uhlobo oluthwasele.
Kunabanokwethwasa nemimoya emihle (banolibofuzo) yasemakubo e-Afrika, abanganakekile. Uqaphela ukukhuluma kwabo, izinto abahlale bezikhuluma, abazibhalayo zingakenzeki kodwa zenzeke ukuthi lomuntu uyithwasa elithwasiswa yithongo lakubo nsukuzonke.
Kunabanolwazi lwemfundo ngokwaseNtshonalanga nase-Afrika, asebeqonda izigulo zeziguli ngokwaseNtshonalanga nangokwase-Afrika. Emakubo kwakunowayeyinyanga, umthandazi yingakho besemikhakheni wasemaklinikhi nasezibhedlela ngokwase-Europe.
Manje oThabi, oPhume, oNoxolo bakwezokwelapha nezempilo ngokwaseNtshonalanga kube uThokozani kaNdoda, uHlengi bakwazase-Afrika nendodakazi uMagwegwe. Obabekazi babo uRose Mthimkhulu, noThandi Mazibuko owathi qu kancane, babesemkhakheni wezempilo nokwelapha ngokwaseNtshonalanga.
Umkhulu uWilliam, woThabi, uPhume, uNoxolo, uHlengi, wayesebenza esibhedlela eClairwood. Umkhulu uZeblon woThokozani wayesebenza e-Addington, uMshumbu inkosana eKing Edward VIII isikhashana.
Ukhokho ozala omkhulu babo nguMgqwayiza noma uFrank owayengumelaphi ngokwase-Afrika. Ngowezi-2011 uBhoyi wathi, wezwa kancane ngobaba wakhe uZeblon, ukuthi uMgqwayiza wayesebenza esibhedlela eMelmoth, enemfuyo eningi eMelmoth nakwaNongoma eVuna.
KunoZimvu kaHhashi Biyela owayeyiNkosi Eshowe naseNkandla, komalume nobaba kaGie babenemfuyo eningi. Yingakho uGie kube indodana kaBhoyi benamabhizinisi. Wananela ummeli uMnu uSiphiwe Hendrick ‘uvan Wyck’ Madonsela wasemaplazini e-Everton. Ukuthi aboHlanga babenemfundo yase-Afrika, isayensi yokunisa imvula nokunye osekwehlula aboHlanga kule nkathi yemfundo yase-Europe.
Wathi uMnu uMuzi ‘umfo kaSikhunisehleza’ Mchunu, ngosomabhizinisi waseSoweto uGodfrey Moloi, owabhala incwadi ethiwa ‘My Life’ ngomlando wakhe. Ukuthi washiya angalazi entathelini eyayimbuze ukuthi wayekufundele kuphi ukubhala umlando.
Wathi kwakufundelwa yini ukubhala umlando womuntu ngaye. Wayengekho owayazi umlando ngaye ngaphandle kwakhe. Nowayezowubhala, wayezotshelwa uyena (uGodfrey) ayezokubhala. Ayingambhedeli, ayizisebenze ngokudayisa amabhodlela ngeveni.