Now Reading
Bamashele enhlokodolobha yaseGhana befuna kusule uMengameli
Dark Light

Bamashele enhlokodolobha yaseGhana befuna kusule uMengameli

Bangaphezu kwe-1 000 ababhikishi abamashe enhlokodolobha yaseGhana i-Accra ngoMgqibelo, befuna ukuthi uMengameli uNana Akufo-Addo (osesithombeni) ehle esikhundleni ngenxa yesimo esibi somnotho esihlasele imali yalelizwe nokubona izindleko zikaphethiloli nokudla zikhuphuka kakhulu.

Bedlula eduze kwamaphoyisa ezibhelu, isixuku ebesigqoke izingubo ezibomvu saphakamisa izingqwembe sacula sathi ‘u-Akufo-Addo akahambe’ nethi ‘Cha IMF ’ sibhekisa ezingxoxweni eziqhubekayo zikahulumeni ne-International Monetary Fund zezigidigidi zamaDollar ukuze kuthuthukiswe umnotho.

Ngesonto eledlule uMengameli wazama ukuqinisekisa abantu baseGhana ukuthi iziphathimandla zizobuyisela isimo sezimali sezwe ngemuva kokuthi ukwehla kwamandla emali kwabathengi kukhuphuke ngamaphesenti angama-37 ngoMandulo, okuyinani eliphakeme leminyaka engama-21 naphezu kokuqina kwenqubomgomo.

“Uhlulekile, siyamcela ukuthi asule. Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kubulala abantu baseGhana,” kusho umbhikishi uRafael Williams. Lo mbhikisho onokuthula ubungowakamuva ochungechungeni lwemibhikisho kulo nyaka ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zokuphila osekwenze kwaba nzima kakhulu ukuthi abantu bakwazi ukuziphilisa ezweni lapho cishe ingxenye yesine yabantu iphila ngemali engaphansi kuka-$2.15 ngosuku, ngokusho kombiko weWorld Bank iGhana, ekhiqiza igolide, ukhokho kanye nowoyela, iphinde yabona ukuthi imali yayo i-cedi yehle ngaphezu kwama-40% uma iqhathaniswa nedola kulo nyaka, okuyenze ibe ngenye yezimali ezisebenza kabi kakhulu esifundeni esinenkinga yokuwohloka kwezomnotho emhlabeni.

See Also

“Sikhuluma ne-IMF. Akumele babanike imali ebolekisayo,” kusho umsiki wengqephu uFrancisca Wintima ongomunye wababhikishi enhlokodolobha.

“Sekwanele. Sinegolide, sinamafutha, sinemanganese, sinedayimane. Sinakho konke esikudingayo kuleli. Okuwukuphela kwento esiyidingayo ubuholi.”

Scroll To Top