Uphiko oluphenya amacala luyacacisa kolukaKhabazela



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISpecial Investigating Unit (SIU) iyichithile imibiko yokuthi isikhiphe isixoliso kobenguNgqongqoshe Wezempilo, uDkt uZwelini Mkhize, ngokumbandakanya nehlazo leDigital Vibes. Umbiko weDigital Vibes uqukethe izinsolo ezithinta uDkt uMkhize ekunikezeni ozakwabo inkontileka yezigidi ezili-R150 yoMnyango Wezempilo eyayingekho emthethweni.
Okhulumela iSIU, uKaizer Kganyago, uthi: “Kube nesicelo sokubuyekeza esenziwe ngowayenguNgqongqoshe ukuze kubuyekezwe umbiko wethu nokutholakele. Besidinga – kanye nabameli bakaNgqongqoshe – ukunikezelana ngemibhalo. Ngesikhathi senza lokho, sigcine siphuthelwe eminye imibhalo obekumele sibanikeze yona. Siphuthelwe okunye okulotshiwe futhi yilokho ebesixolisa ngakho. Kodwa indlela lesi sihloko esiphume ngayo, sinikeze isithombe sokuthi siyaxolisa ngombiko weDigital Vibes. Akunjalo. Ukuthi kube sembikweni, osekuvezwe emphakathini kubantu baseNingizimu Afrika.”
UMkhize ufuna ibekwe eceleni imiphumela
NgoMfumfu nyakenye, uDkt uMkhize unikeze iSIU amaphepha asenkantolo, efuna ukuthi imiphumela yayo ngokubandakanyeka kwakhe enkontilekeni yeDigital Vibes ibekwe eceleni futhi kuthiwe ibingekho emthethweni futhi iphambene noMthethosisekelo. I-SIU iphinde yathola ukuthi uMkhize wasishaya indiva ngamabomu isinqumo seKhabhinethi ngesikhathi evumela ukuthi kuqokwe iDigital Vibes ukuthi iqhube umsebenzi wezokuxhumana kuNational Health Insurance (NHI). Ngenxa yalokhu okutholakele uMkhize wesulile esikhundleni sakhe.