Now Reading
Umgonqo weSILO wandulele iMabhida
Dark Light

Umgonqo weSILO wandulele iMabhida

INdlunkulu kaZulu isondelene kakhulu noMdali lokhu kubuye kwacaca ngosuku lwangesonto lapho bekunenkonzo yomndeni ebiyingxenye yomgonqo. Lokhu bekwenziwa kushetshwa usiko kanjalo nenkolo.  INdlunkulu engamalungu ebandla iSheshi ibisingathwe ngabefundisi nezindela zebandla. Bekungagcini lapho ngoba bebekhona nabavela kwamanye amahlelo. Inkonzo lena ibibanjelwe eSigodlweni kwaKhangelamankengana. 

Iza kulesi siguqo nje iNdlunkulu  iholwa ngabadala bekhaya okunguNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene, uMntwana wakwaFihlinqindi, iNdlovukazi uMaZungu kanye neNdlunkulu yakwaNxangiphilile umaNtombela. Kubefundisi bekukhona uMfundisi uThulasizwe Buthelezi obuye abe yiMeya yaseZululand nobephethe inkonzo kanye noMfundisi waseNdlunkulu. 

Kule nkonzo ebijulile uMfundisi uButhelezi weluleke iSILO ngeSihlalo nathe sifana nebhantshi esibolekwe lona. “ Leli bhantshi akulona elakho SILO kepha ngelabantu, ngeleZingonyama ezindala ngelikaNkulunkulu’. UShenge uphinde wabeka ubumqoka bokuba ISILO sizihlanganise nabantu abaqotho. ‘SILO uma usulapha kulesi sikhundla nje amehlo athe njo kuwe, okwenzayo kuphambi kwamehlo omphakathi ngakho konke okwenzayo SILO kuzokwenza abantu bakhulume. Uma usulapha sewedlule ekubeni yingane (umfana) kepha usuyindoda. Abantu kuwe balinde ukubona ukwenza kwendoda,” kusho uShenge.

See Also

Ekhuluma nelaBohlanga umfundisi uButhelezi uthe lenkonzo imqoka kakhulu kanti futhi kuye kuvuke umunyu. ‘ INdlunkulu kaZulu isondele kakhulu kuNkulunkulu. Ngesikhathi seMbube sabe singapheli lapha eSigodlweni ngoba indoda endala yabe ikholwa ukuthi konke kwenzeka ngomusa kaNkulunkulu. Ngakho uma ngingena lapha eSigodlweni nalapho sekuqhubeka inkonzo ngazibamba izinyembezi ngoba ngimbonile oMdala. Okunye okungivusele umunyu wukubheka emuva ngibuka ukuthi kambe konke kwaqala lapha. Kwamemezelwa lapha ukuthi iNdlulamithi yiyo eqokiwe , bekulapha lapho ingene khona eSibayeni  nakhu namuhla sesiyikhipha isiya eThekwini. Impela umusa wakhe usanele sonke, uJehova ungakithi, uJehova uneSihlalo”kuphetha uMfundisi uButhelezi.

Scroll To Top