Isenzo esavusa emidala imilando



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.

Buningi ubufakazi bokuthi endulo enye yezindlela yokwandisa ubuhlobo kubantu bemiphakathi noBukhosi obehlukene kwakuba wukuganiselana. Lokhu kwabe kuyindlela ejulileyo yokugwema izimpi yakhe namaxhama okuxhumana kubantu.
Esigabeni soBukhosi isiko leli lokuganiselana labe lihamba indlela ende ekwakheni ubuhlobo bezizwe ezahlukene.
Enhla ne-Afrika ezweni osekuthiwa namuhla yiGibhithe aMakhosi akhona ayaziwa ngelika Faro (Pharoh) ayeganwa zintombi zezizwe ezabe zingomakhelwane ngenhloso yokwakha ukuthula okungunaphakade.
Isivumelwano sokuthula esaziwa nge-Egyptian-Hittite,okuyisona esaziwa emhlabeni ngokuhlala isikhathi eside, saqiniswa umshado phakathi kukaFaro uRamesses Wesibili neNkosazana uHittite. UFaro Amasis Wesibili waganwa iNkosazana yamaGriki eyayaziwa ngoLadice indodakazi yeNkosi uBattus Wesithathu waseCyrene.
UFaro u-Amenhotep Wesithathu waziwa ngokuganwa ngabesifazane bamazwe angaphandle abaningi: okukhona uGilukhepa, indodakazi kaShuttarna Wesibili wesizwe iMitanni, onyakeni weshumi ebusa, waganwa uTadukhepa, indodakazi yomunye uzakwabo uTushtatta wamaMitanni.
Ngonyaka wama-36 ephethe umbuso, waganwa indodakazi kaKurigalzu inkosi yaseBhabhiloni. Kwalandela indodakazi kaKadashman-Enlil inkosi yaseBhabhiloni. Indodakazi kaTarhundaradu, umbusi wase-Arzawa kanye nendodakazi yombusi wase-Ammia eseyaziwa ngeSyria.
Kudala abeNguni nabo babekwenza lokhu futhi inhloso yakho ingeyona imfihlo kwabakwenzayo nesizwe nje jikelele.
Isibonelo nje naba abaThethwa baganiselana nabakwaZulu. Zaphelela kubaThethwa izintombi zeNkosi uSenzangakhono oMntwana oNomzihlanga, oNomanqe oNomcoba, oNomqotho babanye.
Nangu nje uMntwana uMagogo kaDinuzulu waphelela kwaButhelezi ngakho belu ngoba umnewabo iNkosi yabe ithunga ubuhlobo noBukhosi bakwaButhelezi. Akhona namanye aMakhosi nezizwe lapha kwaZulu aphakama ngenxa yaleli siko lokuganiselana.
Abadala kwaZulu nakwaNgwane bayazi ukuthi ukuhlangana kweNdlondlo noMntanenkosi kwaletha uzinzo kanjalo nokwamukelana phakathi kukaZulu namaSwazi. Bayazi ukuthi kwabe kunokukhuluma mayelana nomgcele oyiNgwavuma ohlukanisa izwe namuhla okuthiwa kukaNgwane kanye nakwaZulu.
Isenzo sikaZulu sokuthi weseke izifiso zeSILO manxa sithi izinkomo hayi zomuzi wakwaZulu kepha zesizwe aziyiwele iNgwavuma ziyocela ubuhlobo obuhle, hayi nomuzi wakwaDlamini kepha nesizwe sonke sikaNgwane.
Uma abadala kwaZulu nakwaNgwane bexoxa ngesimanga abasibonayo kuhlasimulisa umzimba.
Ukuthi lanede laphuma igama lokuthi umfo kaBhusha useyithe nhla intombi kaSobhuza abamnumzane bakhuthuluza izibaya.
Okumqoka kulokhu yikuthi akekho owayengazi ukuthi kusho ukuthini ngaloyo mzuzu nokuthi kuyosho ukuthini ngesikhathi esizayo.
Kwakusho ukuthi uZulu ikusasa ulikhomba esibelethweni soMtanenkosi.
Abamnumzane noZulu ngokukhipha izinkomo bavumelana nokuthi kube nobunye phakathi kukaZulu nabakwaNgwane, wavuma ukuthi lobu buhle nalobubunye bakhelwe esisekelweni sesiko elidala labeNguni naboHlanga, okulisiko lokuganiselana.