Kungani kuyiSilo esiphahlwe ngamalanga amabili



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ISILO esibusayo njengoyise sixhumene noBukhosi obunomlando ojulile. Uyise ngasohlangothini lukanina iNdlovukazi uJezangani wabe exhumene nabakwaNdwandwe abavela eNkosini uZwide kaLanga.
Kanti lena ephezulu yona izalwa eBukhosini bakwaZulu ngasohlangothi lukayise kanti ngasohlangothini lukanina ivela eBukhosini bakwaNgwane.
Yikho uma abantu bekhuluma noma beyibongela bethi ilanga eliphahlwe ngamalanga amabili, elinye ngelakwaNgwane kanti elinye ngelakwaZulu.
Komalume bayo iNdlulamithi ulibo lulandelana kanjena; kusuka kwiNgwenyama uSobuza I WaNdzunguye owayeganwe yiNdlovukazi uTsandzile Ndwandwe, iNgwenyama uMswati II WaSobhuza I neNdlovukazi Nandzi Nkambule, INkosi uMbandzeni waMswati II neNdlovukazi uLabotsibeni Mdluli, Inkosi uNgwane V WaMbandzeni neNdlovukazi uLomawa Ndwandwe, kulandelndele Ingwenyama uSobhuza II WaNgwane V noManoni waKlebe bese kuba yiNdlovukazi uMantfombi waSobhuza II
Lapha kwaZulu iNdlulamiphi ingowolibo lweNgonyama uMpande neNdlovukazi uNgqumbazi, iNgonyama uCetshwayo neNdlovukazi uNomvimbi (OkaMsweli), iNgonyama uDinuzulu neNdlovukazi uSilomo OkaNzuza, Ingonyama uPhumuzuzulu neNdlovukazi uNtombembi (OkaMathathela Sibiya), Ingonyama uNyangayezizwe neNdlovukazi uThomo okaThayiza ISILO uZwelithini neNdlovukazi uMantfombi