Now Reading
Amaqanda azothengwa emazweni angaphandle:Umnyango
Dark Light

Amaqanda azothengwa emazweni angaphandle:Umnyango

AboMnyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba kanye nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya sebeqoke ukuthenga  amaqanda emazweni angaphandleukuze ubhekane nengwadla yokushoda kwamaqanda kuleli. Muva nje kube nama-30% wokuntuleka kwamaqanda ezitolo ezahlukene njengoba imboni idonsa kanzima ngenxa yokubheduka komkhuhlane wezinkukhu.

UMnyango uthi uhlela ukunikeza abathenga kwamanye amazwe izaphulelo ukuze uqinisekise ukuthi abadlulisi ukwenyuswa kwamanani kubathengi. Ukubheduka kwe-avian influenza kube nomthelela ekutheni kungabi nalutho emashalofini ezitolo njengoba kudingeke ukuthi kunqunywe izinkukhu ezinegciwane kucekelwe phansi namaqandaanamagciwane. Lokhu sekuholele ekushodeni kwamaqanda kanye namanani entengo akhuphuka ngesivinini esishaqisayo.

UMnyango Wezolimo uphinde ucabangele ukwesula amanani entengo yokunqanda ukulahlwa kwempahla ukuze kuvunyelwe ukungeniswa kwezinkukhu namaqanda ezweni. Umnyango uthe acela kwizigidi ezi-2 amaqandaavundisiwe asengeniswe kuleli esuka ngaphandle kusukela ngoMandulo kanti futhi izinhlelo zisendleleni yokunciphisa umthelela wokwenyuka kwentengo yamaqanda.

“Kusukela manje sizogqugquzela ukuthengwa kwempahla( amaqandi nenyama yenkukhu)  kwamanye amazwe futhi siyaxoxa neminye iminyango esibambisene nayo ukusiza ekwehliseni imali ethengwayo ukuze bangadluliseli amanani kubathengi,” kusho iPhini loMqondisi Jikelele eMnyangweni wezoLimo namaHlathi, uDipepeneneng Serage.

Umnyango usuzikhiphile izimvume zenyama yenkukhu namaqanda ukuze kuvunyelwe ukuthengwa kwamanye amazwe  kodwa uxwayise ngokuthi kungase kuthathe isikhathi ngaphambi kokuba lokhu kuhumushe ekutheni amaqanda amaningi atholakale emashalofini.

See Also

“Kuze kube yimanje sesikhiphe amaphemithi amaningi kodwa lokhu akusho ukuthi izinkukhu ziningi ngoba izimvume zisho ukuthi uvumelekile uku-oda amaqanda ezweni okuthatha isikhathi ukuthi inyama efika echwebeni isebenze cishe amasonto amathathu. kusukela ngosuku ezithunyelwa ngalo,” kuchaza uSerage.

UMnyango unethemba lokuthi kuzoba nesitoko esanele samaqanda ngaphambi kwamaholide kaKhisimusi njengoba iningi lamaqanda azobe eqhamuka ngaphandle kwaleli kulindeleke ukuthi afike ogwini lwethu ekupheleni kukaLwezi. Futhi uphinde wagcizelela ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuthi abathenga kwamanye amazwe bayayithobela imithetho kanye nezidingo zenhlanzeko yezwe.

Scroll To Top