Now Reading
Ubona limqoka iqhaza likahulumeni ekwesekeni unobhutshuzwayo
Dark Light

Ubona limqoka iqhaza likahulumeni ekwesekeni unobhutshuzwayo

USihlalo weBizana Pondo Chiefs uNkosinathi Mqokiyana utusa uHulumeni ukuba andise ingqalasizinda zezemidlalo ezindaweni zasemakhaya, nakholelwa ukuthi ilapho okukhona khona eliningi ithalente elicashile.

UMqokiyana obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga usho lokhu nje ingoba ukholelwa ukuthi ukuba yabe ikhona inkundla e-Eastern Cape esesimeni yokuthi idlale khona imidlalo yasekhaya kwiMotsepe Foundation Championship iBizana Pondo Chiefs yayingeke idliwe izembe ngesizini yayo yokuqala.

Ngesizini yangowezi-2019/20 yanqoba iligi ye-ABC Motsepe e-Eastern Cape, yaphinde yanqoba kweyokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngenxa yokuthi yabe ingenayo inkundla okwakumele iphasiswe, kwaphoqeleka ukuthi imidlalo yayo yasekhaya iyidlale eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

“Ukungabi nankundla eyabe ise-Eastern Cape ngikholwa ukuthi iyona eyasenza safana nabavakashile kwiGladAfrica Championship (Motsepe Foundation Championship). Yize abalandeli babengavumelekile ukungena enkundleni ngenxa yokhuvethe, kodwa ukudlala kwethu lapho iqembu elidabuka khona kwakuzokwenza umehluko omukhulu. Nabantu ababelekelela iqembu kwakunzima ukuthi bekhiphe izimali ngoba lase lihlala eThekwini. Okungijabulisayo ukuthi ukunyukela kweBizana Pondo Chiefs,  kwenza ukuthi kusukunywe kwenziwe inkundla e-Eastern Cape ebizwa ngeMputhumi Mafumbatha,” kusho uMqokinyana.

“Iqiniso ukuthi ikhono eliningi ligcwele ezindaweni zasemakhaya, kubuhlunguke ukuthi ligcine lingabonakali ngenxa yokungabibikho kwengqalasizinda. uHulumeni kumele kube khona akwenzayo impela,” usho kanje.

Iligi yase-Eastern Cape indlela elandelwa ngakhona iyafana neyasesifundazweni iKwaZulu-Natal. IBizana Pondo Chiefs yaseMhlanga, yasungulwa ngonyaka wezi-2015.

“Phambilini ibiyaziwa ngePondo Chiefs. Ibiphethwe uLwandile Ndimeni ongasekho emhlabeni, wathi ucela sibambisane naye ngo-2018 wahamba emhlabeni labe selisala nami. Isifiso sethu kwabe kuwukuthi emva kweminyaka emihlanu silinyusele phezulu nebala lokho kwenzeka eminyakeni emithathu. Indlela okwenzeka ngayo ngikholelwa ukuthi abadlali esasinabo barobheka ukuthola ithuba lokuziveza. Kodwa ngelinye Ilanga leli qembu lobuyela esigabeni esiphezulu,” kusho uMqokiyana.

See Also

Uthe iqembu labo linabadlali abangama-25, abali-17 baneminyaka engaphansi kwengama-23.

“Inhloso yeqembu ukugqamisa ikhono kubadlali basemakhaya. Ingakho sidlala ngabadlali abancane, iqembu lethu liyalandelwa kakhulu. Iligi ukuyinqoba kuliphupho lethu kodwa okwamanje ngifuna ukuveza ikhono, noma kuthiwa labo badlali abanyuki nathi kodwa ngifuna beshintshe izimpilo zabo emakhaya ngenxa yekhono labo” usho kanje.

Abadlali abaqhamuka kuleli qembu asebethole amadlelo aluhlaza kukhona uNhlanzeko Nguse no-Ayanda Mvambu abakwiTuks, uSfiso Mbidana oneminyaka yobudala eli-19 kodwa oseligqokile ijezi leBafana Bafana emdlaweni yeChan. Abanye uThabiso Zulu noNkululeko Cele abakwiPlatinum City Rovers.

Ebuzwa ngokushuba kweligi yase-Eastern Cape uthe: “Ibhola lapha lithandwa ngendlela eyisimanga. Ngikhuluma nje eBizana kunaqembu amane, okukhona iBizana Pondo Chiefs, iSinenkani FC, iSpear of the Nation neThohoyandou. Uma lamaqembu etholene phezulu inkundla igcwala ithi phama. Uma kudlala iBizana neSpear of the Nation, kuma yonke into ngisho amatekisi ayama ukusebenza kuyiwe enkundleni. Kunemidlalo yePSL, engagcwali njengoba kugcwala lapha ezinkundleni zase-Eastern Cape,” kubeka uMqokinyana.

Scroll To Top